Ilanga Lempelasonto

IZIYALO ZIKANKOSI KUNTSHANGA­SE

- MFANAFUTHI NDLOVU

USIYABONGA “Doctor” Nkosi ozakhele udumo egijima kwikaizer Chiefs naseqenjin­i lesizwe lakuleli ibafana Bafana uyala umdlali omusha wale kilabhu obefunwa uthuli ngabalande­li ukuba alandwe.

Ichiefs imemezele ukuthi isayinise usiphelele “Stash” Ntshangase odlala esiswini obegijima kwibaroka FC.

Usayine inkontilek­a yeminyaka emibili nesigamu kanti bese kuneminyak­a abalandeli bechiefs becela ezikhulwin­i ukuba asayiniswe.

Bezimubona enza izimanga kwiblack Leopards egijima kwinationa­l First Division (NFD). Unkosi uthi kuzofanele luqine ngempela ukhakhayi kuntshanga­se ngoba iyashisa insimbi.

Unkosi uthi untshangas­e kufanele azi ukuthi njengoba ubefunwa ngabalande­li nje uthwele umthwalo wokuthi le kilabhu ibuyelwe yisithunzi.

Uthi kodwa ukuphumele­la kwakhe kwichiefs kuncike kubadlali azobafica okuyibo nabo okufanele bameseke futhi bamethembe.

“Untshangas­e kufanele azimisele ngokwengez­iwe kwichiefs aziphathe kahle futhi akuqonde ukuthi inkulu ingcindezi uma usugqoke ijezi lechiefs.

Unekusasa eliqhakazi­le ebholeni, udlala ibhola elihluke kakhulu kubadlali azobafica kwichiefs. Unomjiko omuhle oya phambili ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi angashints­hi indlela adlala ngayo ngoba efuna ukuchaza umqeqeshi kufanele aqhubeke nebhola abelidlala kwibaroka FC ekuqaleni kwesizini.

Uma nje uke wafuna ukushintsh­a ibhola lakho kwichiefs usuke usulimele uvele ungabe usazi ibhola okufanele ulidlale.

“Njengamanj­e ugeorge Maluleka udlala ibhola ongaliqond­i ngoba ulwa nokudlala ibhola elifunywa ngumqeqesh­i. Kangisho ukuthi kumele angahlonis­hwa umqeqeshi kodwa akufanele ashintshe isitayela okuyisona esenze ichiefs yamthenga,” kusho unkosi.

Unkosi ubeyisimen­ywa esiqavile ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso wokulwisan­a nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane we-#no EXCUSE obusendawe­ni yobumnandi i-artizen Lounge ngeledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa