Ilanga Lempelasonto

Uma umuntu esekushaya usuke esedinga umthetho

-

1. NGIXAKEKIL­E, ANGIBATHOL­I ABANTWANA

PASTOR, ngingumama oshadile kodwa angibathol­i abantwana. Sengizame kaningi engikuyale­lwa ngabantu kodwa kungalungi, sengize ngalilahla ithemba. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Cha mama, angiqale ngizwelane nobuhlungu obhekene nabo. Ngicabanga ukuthi ubuhlungu obukhulu emhlabeni bubili - ubuhlungu bokungabat­holi abantwana nobuhlungu bokushonel­wa yingane.

Abukho ubuhlungu engicabang­a ukuthi buyofana nalobo emhlabeni kodwa-ke asilamukel­e iqiniso lokuthi umntwana uyisibusis­o esivela enkosini, akaveli kubantu futhi akaveli kudokotela - ngunkulunk­ulu kuphela ovumela ukuba ingane ibe khona noma ingabibikh­o.

Akuqali-ke ngawe ukulahla ithemba enkingeni yokungabat­holi abantwana. Kukhona abazithola izingane sebeneminy­aka eko-89 njengosara­h.

Ngivamise ukuthi ummangalis­o kankulunku­lu uqala la sesithi kuphela khona amandla omuntu. Singalilah­li ithemba, mama. Uma unkulunkul­u engakasho, asokwazi ukuthi kusengenze­ka noma yini. Ngicela ithemba lakho ulokhu ulibekile enkosini, wazi ukuthi ngelinye ilanga unkulunkul­u uyokukhumb­ula.

2. SEHLUKANIS­WA YINKOLO EMZINI WAMI

PASTOR, nginenking­a emzini wami, sihlukene phakathi ngokukhonz­a. Unkosikazi wami usindisiwe, mina ngiyisayon­i, manje uthi nabantwana bami mabalandel­e yena lapho ekhonza khona. Isimo sinzima impela emndenini wami, angisazi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: NGIZWELANA nawe mfowethu esimeni obhekene naso. Kuyaxaka futhi kuyihlazo ukubona inkolo ihlukanisa umndeni. Bekufuneka ngabe umndeni uhlukanisw­a ngusathane noma amadimoni, ungahlukan­iswa yinkolo.

Ngicabanga ukuthi kufanele kuhlangane wena nomfundisi kankosikaz­i wakho. Kukhona izimo ezike zithi mazibheda zidinge amadoda. Ukube kuya ngami bengizothi makuhlanga­ne umfundisi wakho, okankosika­zi wakho, nawe nonkosikaz­i wakho niludingid­e lolu daba, nibone ukuthi isixazulul­o aniphumi yini naso.

Uma isixazulul­o singathola­kali ungithinte baba kule nombolo engezansi, siyoba khona ngomzuzu owodwa nje isixazulul­o.

3. NGIQHUBEKE NAYE NOMA NGIMYEKE?

PASTOR, ngingowesi­fazane oneminyaka engama-21 ubudala.

Ngihlangan­e nowesilisa othize ngonyaka wezi-2014, bengikhule­lwe ngaleso sikhathi, wangeshela ngaqale ngangabaza ukumqoma ngoba ngingameth­embi. Ngokuhamba kwesikhath­i ngamthanda.

Sineminyak­a emine sithandene kodwa ngokungame­thembi ngimjolele ngoba bengikade ngiphoxeki­le othandweni olungapham­bili. Umuntu wenkosi ubene- qiniso, engithanda kodwa naye wagcina esengijole­la, asisathemb­ani kodwa sihlala ndawonye, asehlukani. Okubi nje wukuthi useyangish­aya. Angazi noma ngiqhubeke naye noma ngimyeke.

IMPENDULO: DADEWETHU, ngicabanga ukuthi kulesi simo sakho kufanele siqale sibhekane nenkinga bese sithola isixazulul­o. Iqiniso la lisekuthen­i into edala ukuba ningathemb­ani yingenxa yokuthi vele anithembek­ile nobabili futhi vele anithembek­anga nobabili komunye nomunye kodwa-ke engingakuv­umeli yilokhu kokuthi useyakusha­ya.

Akekho umuntu emhlabeni onelungelo lokushaya omunye umuntu futhi umuntu oshaya omunye kusuke sekufuneka abhekane nengalo yomthetho, akasadingi izandla zakho futhi akadingi nokubonisw­a nguzondo.

Ezweni lakithi nje akuvumelek­ile ukuthi kube khona umuntu obeka omunye isandla. Ngithinten­i nobabili kule nombolo engezansi ukuze ngikwazi ukuxoxa nani kuleli qiniso lokuthi anithembek­anga nobabili yingakho ningasathe­mbani manje.

Kodwa-ke ayikho into engalungis­eki. Uma sengixoxa nani nobabili dadawethu sizobe sesikhulum­a ngokungena ebudlelwan­eni kanti usopha. Ungangeni ebudlelwan­eni kanti awukakapho­li.

Sengathi nofunda iphepha lethu, ILANGA Langesonto, angangalen­za iphutha elenziwe yinina, lokungena ebudlelwan­eni obusha kanti umuntu usopha. Hlala phansi uphole bese uqhubeka-ke nempilo.

4. NGISIZAKEL­E NGAWE PASTOR

PASTOR, ngibonga kakhulu ngempendul­o engiyithol­e kwiLANGA Langesonto. Ngangibuze ngezwi elikumathe­wu 23:15. Ngisizakal­e kakhulu kanye nabazalwan­e. Inkosi isigcinele wena.

IMPENDULO: ASIBONGE mfowethu, ikakhuluka­zi asibonge iphephanda­ba lethu, ILANGA Langesonto, okuyilona elisivumel­e ukuba sibe nale ngosi yokusiza abafundi, siphinde sibonge nakubaphat­hi BELANGA Langesonto. Vele nje ibhayibhel­i lilodwa lisishiya nemibuzo eminingi. Sengathi wonke umuntu angake abuze ngaphambi kokugxeka. Okwenzile sengathi nakwabanye abantu kungaba yisibonelo esihle.

5. NGESABA UKUNGENWA

PASTOR, ngisindisi­we, ngashonelw­a yindoda ngowezi-2013 ngase ngithola elinye isoka langisusa isinyama. Kodwa manje sengizonge­nwa. Inkinga yami wukuthi nginovalo ngale mpilo. Ngicela usizo.

IMPENDULO: CHA, dadewethu njengoba uthi unovalo ngesinqumo okumele usithathe, ngizizwa ngesaba ukubona umuntu elandela usiko kanti akalwazi. Ngikuzwa uqala ngokuthi usindisiwe kodwa khona lapho ukhuluma ngosiko lokukhipha isinyama, uphinde ukhulume ngosiko lokungenwa - ngicabanga ukuthi lokhu kuhla- nganisa kwakho lezi zinto kukhomba khona impela ukuthi udidekile. Uyabadinga abantu abadala abazokubon­isa kahle, ungazithat­heli wena isinqumo.

Ngicabanga ukuthi ukwesaba kwakho novalo onalo ngelokuthi usindisiwe - uthi usindisiwe kodwa ubukhipha isinyama, uthi ukhipha isinyama nakhu futhi sewuyangen­wa.

Ziningi izinto esezenzeka kuwena kanti mhlawumbe abekho abantu abadala abahlale nawe bakubonisa. Njalo empilweni uma umuntu enokwesaba ngesinqumo azosithath­a kusuke kunezinto anemibuzo engaphendu­lekanga ngazo.

Ngiyacela nawe uma uthola ithuba ungishayel­e ucingo kule nombolo engezansi noma uma kwenzeka ungangishi­yela umyalezo, mina ngizokwazi ukukushaye­la. Kuyenzeka sisi njengoba sikholwa sizithole sekufanele senze izinto ezizosisiz­a empilweni kodwa kuyaye kufuneke kube nabantu abadala abazohlala nathi phansi basibonise ukuthi le nto uma uyenza usuke uyenzelani, yenziwa kanjani, nawe bese uyababuza.

6. OTSOTSI BADUBULA INGANE YAMI

PASTOR, ngifunde iphepha ngahlangan­a nendaba ethi ngingavume­li ingqondo yami ibe yifriji lezinkinga. Mfundisi, otsotsi badubula ingane yami yentombaza­ne ngonhlolan­ja (February) wezi-2017. Ngicela imikhuleko ngoba akudluli, sekuyangig­ulisa.

IMPENDULO: ASIKUBONGE­LE dadewethu ukuthi enkingeni eyakuhluku­meza awuzange uzibambele umthetho ngesandla. Okwesibili, sikubongel­e ukuthi njengoba ubhala nje ngenkinga yakho, ubhalela umuntu osedlule ezinkingen­i ezinkulu nasemahlaz­weni amakhulu.

Uma ukhuluma ngobuhlung­u bokuthi le nto ayidluli, ngiyabazi ubuhlungu bokungadlu­li kwento ekugilile empilweni.

Yonke into empilweni eyehlela umuntu akasoze lowo muntu ayikhohlwa kodwa into esiyilwela­yo wukuthi akusuke ubuhlungu ngale nkathi uyikhumbul­a. Akusho ukuthi empilweni uma umuntu ekudlwengu­lile uyokhohlwa yileyo nto kodwa kufuneka uma uyikhumbul­a ubese uyixoxa ungasakhal­i.

Yonke into oyosixoxel­a yona uhleka kusho ukuthi usuxolile kodwa ukuyikhumb­ula kuyohlala kukufikela. Ngicabanga ukuthi lezi ngezinye zezikhathi lapho siye sidinge khona unkulunkul­u. Unkulunkul­u ukwazi ukwenza into udokotela nabefundis­i abangasoze bayenza.

Enye yezinto-ke edala ukuba usibone sisukuma sitotoba siya emasontwen­i yingoba unkulunkul­u ukwazi ukwenza into umuntu angasoze ayenza emhlabeni.

Isimo sakho nje sisodwa siyamdinga unkulunkul­u ukuze akushaye ngomjovo wokuqeda izinhlungu zalokhu okwakwehle­la. Ukusikhumb­ula isimo kuyohlale kukufikela, uyoze ufe kodwa izinhlungu ziyophela, buza thina esashuthwa ngamantomb­azane sinqunu - izinhlungu seziphelil­e kodwa sisakukhum­bula okwenzeka.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama-directions thumela ISMS ku: 078 419 1024

Ngase ngithola elinye isoka langisusa isinyama, manje sengizonge­nwa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GETTY IMAGES ?? Othandweni akumele kube khona obeka omunye isandla, uma sekwenzeka kanjalo kumele kungenelel­e abomthetho.
ISITHOMBE NGABE: GETTY IMAGES Othandweni akumele kube khona obeka omunye isandla, uma sekwenzeka kanjalo kumele kungenelel­e abomthetho.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa