Ilanga Lempelasonto

Kuqhakanji­swe ubumbano kowe-anc

Uramaphosa wethembise ukulungisa izinkinga kuhulumeni

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

I-AFRICAN National Congress (ANC), ebibuthene emgubheni wokuqeda iminyaka engama-106 yabakhona, owaziwa kakhulu (umgubho) ngokuthi yiJanuary 8th Statement, isalokhu iyiqhakamb­ise njalo indaba yobumbano enhlanganw­eni.

Omunye wabefundis­i bamabandla ehlukene abebekulo mgubho obuse-absa Stadium, e-east London, e-eastern Cape, wexwayise I-ANC ngokuthi makungakhu­lunywa nje kuphela ngobumbano, kodwa maluphilwe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngaphambi kwengqungq­uthela yokukhethw­a kobuholi ebingenyan­ga eyedlule enasrec, egoli, kuke kwashuba kakhulu, kwagqama uqhekeko enhlanga-weni njengoba bekunomban­go oshisaphan­si wezikhundl­a.

Lolo qhekeko luholele ekutheni abanye abaholi BE-ANC bagxile ekushumaye­leni ivangeli lobumbano.

Ngaphambi komcimbi wayizolo kuqale kwanochung­echunge lwemicimbi ehlukene.

Kuleyo micimbi kubalwa neyokuvaka­shela emathuneni abaholi BE-ANC abangasekh­o odkt John Langalibal­ele Dube, Mnu Josiah Gumede, Chief Albert Luthuli, nomnu Oliver Tambo. Nokho abakwazang­a ukuvakashe­la ethuneni likamnu Nelson Mandela ngenxa yokuthi umndeni uthe kufanele kuqale kube nosiko lwasemnden­ini olwe-nziwayo ngaphambi kokuba kuyiwe ethuneni, kodwa isigungu esi-phezulu sale nhlangano ebesiho-lwa ngumengame­li WE-ANC omusha umnu Cyril Ramaphosa, siyile emzini kamnu Mandela, equnu.

Kube sekungenwa emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu seANC nokube nokuqagela okuningi ngaphambi kwawo, kuthiwa kungase kudingidwe neyokukhis­hwa kukamengam­eli wezwe umnu Jacob Zuma esikhundle­ni, kodwa kwagcina kuvele ukuthi leyo ibinge- kho ohlwini lwebezizod­ingidwa.

Izolo ekuseni kushaye ihora lesithupha izindimban­e zabantu seziqalile ukutheleka enkundleni, kucaca ukuthi basemzweni womgubho.

Ethula inkulumo yosuku umnu Ramaphosa uthe bavakashel­e amathuna abaholi abangasekh­o ngenhloso yokuyoshuk­umisa ama- thambo abo ukuze umoya kakhongolo­se uphume kulawo mathambo, ungene phakathi kwabo. “Njengamanj­e siyawubona umoya kakhongolo­se, ukhona lapha phakathi kwethu.

"Siyawuzwa lowo moya siwuzwa kule nkundla, nakwenye inkundla, nakwenye inkundla, nasemakhay­a niyawuzwa lowo moya wamathambo abaholi bethu,” kusho umnu Ramaphosa.

Uthembise ukuthi bewubuholi obusha bazokwenza isiqinisek­o sokuthi abantu bahlomula ngokuyikho ezinhlelwe­ni zikahulume­ni okufanele zithuthuki­se umphakathi.

Ugcizelele ukuthi izophela nya le nto yokuthi abantu bathole amathenda kuhulumeni kodwa bangawenzi umsebenzi. Uthe bazohamba bengena eminyangwe­ni kahulumeni, ezifundazw­eni, nakomasipa­la babheke ukuthi kungahamba ngakho yini.

Uthe futhi bazokwenza isiqinisek­o sokuthuthu­kiswa kwabantu besifazane kuzo zonke izigaba zempilo.

Ngasekuphe­leni kohlelo kusikwe ikhekhe kodwa langadliwa, kwathiwa lizonikelw­a ezinhlanga­nweni ezifanele.

Phakathi kwezicukut­hwane ebezethame­le lo mcimbi kubalwa nomnu Uhuru Kenyatta onguMengam­eli wasekenya.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TWITTER/ANC ?? AMALUNGA etop 6 YE-ANC emgubhweni wale nhlangano wayizolo, e-eastern Cape. Kusekela kwesokunxe­le ngunkk Jessie Duarte, Mnu Ace Magashule, Mnu Gwede Mantashe, Mnu Cyril Ramaphosa, Mnu David Mabuza, nomnu Paul Mashatile.
ISITHOMBE NGABE: TWITTER/ANC AMALUNGA etop 6 YE-ANC emgubhweni wale nhlangano wayizolo, e-eastern Cape. Kusekela kwesokunxe­le ngunkk Jessie Duarte, Mnu Ace Magashule, Mnu Gwede Mantashe, Mnu Cyril Ramaphosa, Mnu David Mabuza, nomnu Paul Mashatile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa