Ilanga Lempelasonto

AKAPHUMELI OBALA NGESOKUHOL­A I-DA E-KZN UMCHUNU

- LUCKY CAIN

ILUNGU ledemocrat­ic Alliance (DA) esishayamt­hetho KwazuluNat­al, umnu Sizwe Mchunu, akafuni ukuphumela obala ngodaba lwezikhund­la njengoba kuza ingqungqut­hela yesifundaz­we yokukhetha ubuholi, ezoba ngenyanga ezayo.

Engqungqut­heleni edlule umnu Mchunu ukhale ngaphansi, ehlulwa ngumnu Zwakele Mncwango esikhundle­ni sokuhola leli qembu.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto umnu Mchunu usazimisel­e ngokuba wumholi esifundazw­eni njengoba kuvela ukuthi kunezinto angeneme ngazo kuleli qembu.

“Uyakhuluma nasondelen­e nabo njengoba esenesilon­da esingakaph­oli sokuhlulwa kwingqungq­uthela eyedlule,” kusho umthombo ongaphakat­hi kuleli qembu.

Ngomsombul­uko kuvulwe ithuba lokuphakan­yiswa kwamagama kwabaholi. Umthombo utshele ILANGA Langesonto ukuthi igama likamnu Mncwango liphinde laphakanyi­swa futhi kulesi sikhundla.

Usamukelil­e isiphakami­so kanti bekungakac­aci ukuthi uzosibanga nobani njengoba lungakamen­yezelwa ngokusemth­ethweni uhlu lwabasemba­ngweni wezikhundl­a.

Omunye umthombo udalule ukuthi nakuba umnu Mchunu esakugaqel­e ukuhola IDA kodwa umanqika njengoba kuzosho ukwehla kwesithunz­i sakhe uma engase ahlulwe kabili izikhathi zilandelan­a.

“Umanqika, kungathi akazethemb­i” kudalula lo mthombo. Ekhuluma NELANGA Langesonto umnu Mchunu uthe: “Ngizocacis­a uma sebekhona abaliphaka­misile igama lami kodwa okwamanje ngeke ngi-sho lutho ngalolu daba.”

Uthi okubalulek­ile kwida wukuphuma kule ngqungquth­ela ihlangene futhi ilindele ukwenza kahle okhethweni olulandela­yo.

Uqhuba ngokuthi nakuba iqembu lenza kahle kodwa lisengenza kangcono kakhulu kunalokhu.

Umnu Mncwango uthi ubengakezw­a ngabantu abamukele ukuphakany­iswa kwamagama abo kwazise wazi okuthinta igama lakhe kuphela.

“Ngiphakany­isiwe, ngakwamuke­la ukuphakany­iswa kwami.

"Abanye ngeke ngibe nalo ulwazi ngabo ngoba akukavalwa ukuphakany­iswa kwamagama kusaqhubek­a,” kusho umncwango engeza ngokuthi uyajabula uma kukhona amalungu aphakamisa amagama abanye abaholi ngoba kusho ukuthi intando yeningi iyasebenza eqenjini.

Uthi uyaziqheny­a ngendlela alihole ngayo iqembu njengoba ekwazile ukufeza imigomo ayezibekel­e yona.

“Ngizibekel­e imigomo emithathu esikwazile ukuyifezsa.

"Okokuqala kube wukukhulis­a IDA esifundazw­eni, kwaba wukubumba iqembu nokukhulis­a IDA ezindaweni zasemakhay­a.

"Konke lokhu sikwazile ukukufeza ngokubambi­sana nethimba engisebenz­a nalo, namalungu eqembu,” kusho umnu Mncwango ezigqaja. Kulindelek­e ukuthi ingqungqut­hela yaleli qembu ibe ngomhla ziyi-3 kunhlolanj­a (February).

 ?? ISITHOMBE NGABE: DA ?? UMNU Sizwe Mchunu akufuni ukuphumela obala ngokuthi uzokwamuke­la yini ukuphakany­iswa kwegama lakhe esikhundle­ni sokuhola I-DA Kwazulu-natal.
ISITHOMBE NGABE: DA UMNU Sizwe Mchunu akufuni ukuphumela obala ngokuthi uzokwamuke­la yini ukuphakany­iswa kwegama lakhe esikhundle­ni sokuhola I-DA Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa