AKAPHUMELI OBALA NGESOKUHOLA I-DA E-KZN UMCHUNU
ILUNGU ledemocratic Alliance (DA) esishayamthetho KwazuluNatal, umnu Sizwe Mchunu, akafuni ukuphumela obala ngodaba lwezikhundla njengoba kuza ingqungquthela yesifundazwe yokukhetha ubuholi, ezoba ngenyanga ezayo.
Engqungqutheleni edlule umnu Mchunu ukhale ngaphansi, ehlulwa ngumnu Zwakele Mncwango esikhundleni sokuhola leli qembu.
Ngokuthola KWELANGA LangeSonto umnu Mchunu usazimisele ngokuba wumholi esifundazweni njengoba kuvela ukuthi kunezinto angeneme ngazo kuleli qembu.
“Uyakhuluma nasondelene nabo njengoba esenesilonda esingakapholi sokuhlulwa kwingqungquthela eyedlule,” kusho umthombo ongaphakathi kuleli qembu.
Ngomsombuluko kuvulwe ithuba lokuphakanyiswa kwamagama kwabaholi. Umthombo utshele ILANGA Langesonto ukuthi igama likamnu Mncwango liphinde laphakanyiswa futhi kulesi sikhundla.
Usamukelile isiphakamiso kanti bekungakacaci ukuthi uzosibanga nobani njengoba lungakamenyezelwa ngokusemthethweni uhlu lwabasembangweni wezikhundla.
Omunye umthombo udalule ukuthi nakuba umnu Mchunu esakugaqele ukuhola IDA kodwa umanqika njengoba kuzosho ukwehla kwesithunzi sakhe uma engase ahlulwe kabili izikhathi zilandelana.
“Umanqika, kungathi akazethembi” kudalula lo mthombo. Ekhuluma NELANGA Langesonto umnu Mchunu uthe: “Ngizocacisa uma sebekhona abaliphakamisile igama lami kodwa okwamanje ngeke ngi-sho lutho ngalolu daba.”
Uthi okubalulekile kwida wukuphuma kule ngqungquthela ihlangene futhi ilindele ukwenza kahle okhethweni olulandelayo.
Uqhuba ngokuthi nakuba iqembu lenza kahle kodwa lisengenza kangcono kakhulu kunalokhu.
Umnu Mncwango uthi ubengakezwa ngabantu abamukele ukuphakanyiswa kwamagama abo kwazise wazi okuthinta igama lakhe kuphela.
“Ngiphakanyisiwe, ngakwamukela ukuphakanyiswa kwami.
"Abanye ngeke ngibe nalo ulwazi ngabo ngoba akukavalwa ukuphakanyiswa kwamagama kusaqhubeka,” kusho umncwango engeza ngokuthi uyajabula uma kukhona amalungu aphakamisa amagama abanye abaholi ngoba kusho ukuthi intando yeningi iyasebenza eqenjini.
Uthi uyaziqhenya ngendlela alihole ngayo iqembu njengoba ekwazile ukufeza imigomo ayezibekele yona.
“Ngizibekele imigomo emithathu esikwazile ukuyifezsa.
"Okokuqala kube wukukhulisa IDA esifundazweni, kwaba wukubumba iqembu nokukhulisa IDA ezindaweni zasemakhaya.
"Konke lokhu sikwazile ukukufeza ngokubambisana nethimba engisebenza nalo, namalungu eqembu,” kusho umnu Mncwango ezigqaja. Kulindeleke ukuthi ingqungquthela yaleli qembu ibe ngomhla ziyi-3 kunhlolanja (February).