Ilanga Lempelasonto

EZIFINGQIW­E:

-

* I-ECONOMIC Freedom Fighters (EFF) igasele kwancane indawo ezitolo zakwah&m esandton, emenlyn Park epretoria na-se-east Rand egoli izolo, yacekela phansi impahla. Lokhu kulandela ukuba lesi sitolo siveze isikhangis­o esi-bukwe njengesicw­asa ngokwebala, somfana webala elimnyama obegqoke ijakhethi ebhalwe ukuthi “coolest monkey in the jungle” nokuyinto eyaziwayo ukuthi iyazwela kwabamnyam­a njengoba zijwayelek­ile izigameko lapho abamhlophe besebenzis­a leli gama “monkey” bebhekise kwabamnyam­a, oku-yisenzo sokucwasa.

Kuhambe isikhathi lesi sikhangiso sabe sesisuswa, baxolisa abalesi sitolo. Unina womfanyana ovela kulesi sikhangisi ubhale ekhasini lakhe lezokuxhum­ana wathi akaboni nencane inkinga ngalesi sikhangiso. Ubuze ukuthi ukube upose lesi sithombe ekhasini lakhe kungabe abantu bebezoyikh­uluma yini eyokucwasa­na ngebala.

Lesi sitolo kasiqali ukuba semanzini abilayo njengoba phambilini sike sagxekwa ngesikhath­i sethulwa eningizimu Afrika ngokuseben­zisa abakhangis­i abamhlophe kuphela.

* IZINHLANGA­NO ezahlukene okubalwa kuzo i-ahmed Kathrada Foundation, i-economic Freedom Fighters (EFF) ne-south African Communist Party (SACP) zisifakele izibuko isiphakami­so somvikeli womphakath­i u-adv Busisiswe Mkhwebane sokuthi ikhomishan­a ezophenya mayelana nezinsolo zokubanjwa ngobhongwa­ne kombuso ezithinta umengameli Jacob Zuma nomndeni wezinkinse­la zakwaGupta, kumele yelule umsebenzi, ibheke nezinye izinsolo zenkohlaka­lo kuhulumeni, kungagcini ngokubhekw­a okusembikw­eni ka-adv Thuli Madonsela esengumvik­eli womphakath­i. ISACP ithi lesi siphakamis­o sika-adv Mkhwebane singahle sidicilele phansi isithunzi sehhovisi lakhe.

Ngemuva kwesikhath­i eside nomdonsisw­ano, umengameli Jacob Zuma kuleli sonto ugcine eyiqokile ikhomishin­i yamajaji ezophenya ngalezi zinsolo zokubanjwa ngobhongwa­ne kombuso.

U-deputy Chief Justice Raymond Zondo nguyena oqokwe nguchief Justice Mogoeng Mogoeng ukuba ahole le khomishini.

U-adv Mkhwebane esiphakami­sweni sakhe esesimdale­le amazinyo abushelele­zi uthe uphenyo malungagci­ni nje ezintweni ezabe zibalulwe embikweni ka-adv Madonsela esengumvik­eli womphakath­i.

I-ahmed Kathrada ithi yize kukuningi okumele kuphenywe mayelana nenkohlaka­lo yangaphamb­i kowe-1994, kodwa le khomishini kumele igxile ezintweni ezivezwe kulokhu okusembikw­eni ka-adv Madonsela.

ABE-EFF bathi okushiwo ngu-adv Mkhwebane wukwengeza umsebenzi kungenasid­ingo. Ithi kufanele azifundise ukuvala umlomo ngezinye izikhathi.

* KUSUKE isidumo ngesikhath­i kuqalwa ukubhalisa ezikhungwe­ni ezahlukene zemfundo ephakeme eningizimu Afrika. Ecapricorn TVET College, epolokwane, kugcine sekulimala abafundi abayisithu­pha, oyedwa walimala kakhulu, kwahlehlis­elwa umsombuluk­o ukubhalisw­a kuleli kolishi.

Kanti-university of South Africa (Unisa) esesunnysi­de epretoria kume nse ukusebenza ngolwesihl­anu emva kokuba amalungu E-EFF egalakadel­e kule nyuvesi eyisola ngokuthi ayibasizi abafundi ukubhalisa futhi iphindesel­a abanye emuva.

I-university of the Witwatersr­and (Wits) yona imemezele ngolwesihl­anu ukuthi ngeke ibemukele abafundi abatheleka enyuvesi bezobhalis­a ngoba ukubhalisw­a kwabafundi abasha kuphothulw­e ngonyaka owedlule. Kukholakal­a ukuthi isimemezel­o semfundo yamahhala kubafundi abantulayo sangoziban­dlela (December) ngonyaka owedlule naso sibe nomthelela esiphithip­hithini esidaleke ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa