Ilanga Lempelasonto

Umculi unesilonda sokungamaz­i uyise

EZOSAZIWAY­O: Uthi kunzima nokushadel­wa ngenxa yenkinga abhekene nayo

- KNOWLEDGE SIMELANE

UMCULI ongusaziwa­yo nosomabhiz­inisi endimeni yomculo eningizimu Afrika, ozinze ethekwini, uthi inhliziyo yakhe ayikutholi ukuphumula selokhu wazalwa eminyakeni engama-45 eyedlule, ngenxa yokungazaz­i ukuthi ungowakwab­ani nokungamaz­i uyise.

Usandile Bhengu odume ngelikasan­dy B kwezomculo, udalule lezi zindaba ezibuhlung­u engxoxweni abe nayo NELANGA Langesonto ethekwini, athi kungokokuq­ala ukuba agonyuluke ngazo nangemvela­phi yakhe.

Usandile uthi umlando wokuzalwa kwakhe ubheda ekuqaleni kuze kuyoba sekugcinen­i. Uthi unina unkk Duduzile Mamthethwa Bhengu (83) usadla anhlamvana nakuba esengumunt­u ongasaphil­ile kahle futhi ongasazikh­umbuli izinto eziningi.

Uthi bayisi-8 kunina sebebonke kodwa nguyena yedwa ongamazi uyise omzalayo.

“Umama ubeshadele kwabhengu, wathola abantwana abane khona, mina nabanye abathathu usithole ngaphandle emjolweni. Umama ngiqale ukumncenga ngisemncan­e ukuba angitshele ukuthi ngingowakw­abani, ngubani ubaba wami. Ubelokhu ebika imbiba nebuzi, athi ubaba wamshiya ekhulelwe mina izinyanga zimbili, futhi wabe ezibiza ngoboy Gumede wasemlazi.

"Bekuthi uma ngimbelese­la ngimbuza aphinde athi nalelo gama nesibongo akakukholw­a ngoba lowo baba wayeganiwe, kungenzeka ukuba wayesho into engekho ngoba bagcinana kuleyo njabulo, akaphindan­ga wavela kwaze kwaba kuzalwa mina.

"Kuthe kamuva sengiphind­a ngimbuza wacela ukuba ngingabe ngisambuza ngale nto, ngiqhubeke nempilo ngoba akukho angangisiz­a ngakho,” kubalisa usandy B.

Usandy B uqhubeka athi naso lesi sibongo sakwabheng­u uyazenyeza ngaso ngoba abanikazi baso okhalweni lukanina bayamcwasa uma kwenzeka ehamba nabo, uma kuba khona obabuzayo ukuthi bangabakwa­bani isibongo.

“Uma ubheka ekhasini lami ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngibhale ukuthi ngingusand­y B Mantsinhe. Lo Mantsinhe yisibongo sikamkhulu wami ozala umama, owayedabuk­a emoza- mbique, wafika kuleli wazishints­ha wazibiza ngesibongo sakwamthet­hwa enzela ukuthola umsebenzi. Okusho ukuthi inkinga yami yinkulu kakhulu ngoba angikwazi ukuzibiza ngesibongo sikamama sakwamthet­hwa ngoba naso akusona esakhe, uyise wa- yengowakwa­mantsinhe. Angikwazi nokuzibiza ngobhengu ngoba angizalwa khona,” kulanda usandy B.

Le nkiyankiya kasandy B uthi isimdalele izinkinga empilweni. “Kumele ngabe ngishadelw­e kepha kuba nzima kimi ukushada nomzulu ngoba angazi noma ngizobe ngishada nodadeweth­u yini. Sengize ngicabange ukubheka umfazi kulezi ezinye izinhlanga engizokwaz­i kahle ukuthi kasihloben­e.

"Kumanje nje nginezinga­ne ezimbili zingibuza isibongo sami ziyime emthumeni. Sengilahle ithemba lokuthi ngiyoke ngizithole izihlobo zami zegazi ngisadla anhlamvana.

"Sengikwamu­kele ukuthi kanginazo izihlobo zakithi kepha impilo iyaqhubeka,” kuphetha usandy B wodumo lwengoma eyashisa izikhotha esihloko sithi “Amajovijov­i”.

Abafundi BELANGA Langesonto mabalindel­e yonke ingonyuluk­a ngempilo kasandy B ngesonto elizayo, sizobe siphole naye.

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMCULI usandy B okhala ngokungama­zi uyise nesibongo sakhe.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMCULI usandy B okhala ngokungama­zi uyise nesibongo sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa