Ilanga Lempelasonto

AYIKAZE IXOXWE EKA-SANDS WE-TIGI NOBEYIMENE­NJA YAKHE

- ZOWAKHA MBATHA

NANAMUHLA uthi akakwazi ukuchaza ukuthi yini ngempela eyamosha ubudlelwan­e bakhe nosands wodumo lwetigi obeyimenen­ja yomsebenzi wakhe uphila Dlamini (Koshin), obuye asebenzele igagasi FM.

Udlamini ungumnikaz­i wenkampani i-icon PB Music nokuyiyo elekelele usands abadabuka naye eswazini ukuba afinyelele esicongwen­i njengoba edayise wafinyelel­a kwigolide ezinyangen­i ezimbili vo ekhiphe i-albhamu, kwathi i-video yakhe yabukwa ngabantu ababalelwa ku-1.5 million kwi-you Tube kusaphele izinyanga ezintathu kuphela iphumile.

“Bengenza konke ngoba besinezivu­melwano esisebenze­la phezu kwazo. Nawe uyazi ukuthi nomthetho uyakuvuna ngokuthi uthi uma kunguwe okhokhela umsebenzi, uba ngumnikazi wawo, kodwake kakuzona izinto engifuna ukuzikhulu­ma lezo ngoba engikwazi kangcono wukuthuthu­kisa umculo nokuyikho i-icon ezoqhubeka igxile kukho.

"Kangifunan­ga ukubanga umsindo ngalokho. Uvele nje esikhaleni wathi usezozimel­a, azibambele. Nalokho ukusho ngoba sengibona ku-social media ukuthi sekunjalo,” kusho udlamini.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kube nemibiko phambilini emithonjen­i ehlukene nengaqinis­ekiswanga ebithi usands uthi useyazimel­a ngoba esola ukuthi uxhoshwa ngodaka emehlweni. Abanye abazishwas­hwathayo bebethi usands usekhukhum­ele ngoba imali ibingena nxa zonke khona eswazini nalapha eningizimu Africa. Akathandan­ga ukukhuluma ngalezi zinsolo udlamini, egcizelela ukuthi kunabaculi abasha abasayinil­e manje nokuyiyona nto afaka kuyo wonke umdlandla wakhe.

“Sisayinise u-amanda Mo naye waseswazin­i ngoba sifisa ukuthuthuk­isa ulimi lwethu njengoba bekwenzeka naphambili­ni.

"Sibuye futhi safuna isinongo esihlukile sasayinisa owenza i-hip hop ubeast ( osesithomb­eni) wasethekwi­ni.

"Kuyimanje ubeast ukumashadi emisakazo emikhulu okuwukhozi FM, Gagasi FM, Capricon FM neminye.

ILANGA Langesonto selizame lancama ukuthola usands ngoba isikhathi esiningi usichitha eswazini nokwenza inombolo yakhe ejwayeleki­le ingasebenz­i. Kwenzeke okufanayo nakuleli sonto.

 ?? ISITHOMBE NGU: SIYA MEYIWA/ AYISMEDIA ?? UMSUNGULI weladysmit­h Black Mambazo, usolwazo Joseph Shabalala, ohleli esihlalwen­i, unikeze leli qembu isibusiso njengoba namuhla lilibhekis­e E-USA.
ISITHOMBE NGU: SIYA MEYIWA/ AYISMEDIA UMSUNGULI weladysmit­h Black Mambazo, usolwazo Joseph Shabalala, ohleli esihlalwen­i, unikeze leli qembu isibusiso njengoba namuhla lilibhekis­e E-USA.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa