Siyanda isibalo sabadilizwa yisibaya
Bathole ngokudilizwa befunda ama-script abo
SEKUPHINDE kwavela omunye umlingisi wesibaya okubikwa ukuthi kuyaphela ngaye kulo mdlalo.
ILANGA Langesonto lipotshozelwe yimithombo yalo engaphakathi kulo mdlalo futhi engashayi eceleni, ukuthi uflorence Mokgatsi, odlala indawo kalerato Kgokong naye uphuma kanje.
Ngesonto eledlule leli phephandaba libike ukuthi uyahlakazwa umndeni wakwangwenya kulo mdlalo nakuba abakhiqizi bawo bengakuqinisekisanga lokho.
Phakathi kwamalungu alo mnde-ni okuthiwa aphelelwe yindawo kwisibaya kubalwa nolinda Mto-ba, olingisa indawo kazama Ngwe-nya.
Imithombo ithi lezi zintokazi zithuke zoma zithola ukuthi kuyaphela ngazo kulo mdlalo. Ngokusho kwale mithombo, ulinda noFlorence bathole ezibuhlungu ngesikhathi befunda olayini abazobadlala (script).
“Okubathuse kakhulu wukuthi bebengonanga lutho kulo mdlalo, ngakho-ke bebesalindele ukuthi basazobuya nakulo nyaka,” kulanda umthombo ongashayi eceleni.
Uthi lezi zindaba azehlanga neze kahle kulaba balingisi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lona leli phephandaba like labika ngasekupheleni konyaka owedlule ngokuthi uflorence ushiye abakhiqizi nababhali beshaqekile ngemuva kokukhulelwa maqede wa- ngabazisa. Ngokusho kwemithombo, laba bobabili bazodutshulwa ngosuku olulodwa emcimbini wo- kuhlanganisa uzama Ngwenya nojabu Zungu. Uma ubuka lo mdlalo kulezi zinsuku uyaqaphela ukuthi kunomdonsiswano phakathi komndeni wakwazungu nowakwangwenya kodwa kumele bakhe ubuhlobo.
Uzikhininda umthombo uthi
edlalwa ngulinda nolerato izoba sematheni kakhulu...