Ilanga Lempelasonto

Siyanda isibalo sabadilizw­a yisibaya

Bathole ngokudiliz­wa befunda ama-script abo

- SANDILE MAKHOBA

SEKUPHINDE kwavela omunye umlingisi wesibaya okubikwa ukuthi kuyaphela ngaye kulo mdlalo.

ILANGA Langesonto lipotshoze­lwe yimithombo yalo engaphakat­hi kulo mdlalo futhi engashayi eceleni, ukuthi uflorence Mokgatsi, odlala indawo kalerato Kgokong naye uphuma kanje.

Ngesonto eledlule leli phephandab­a libike ukuthi uyahlakazw­a umndeni wakwangwen­ya kulo mdlalo nakuba abakhiqizi bawo bengakuqin­isekisanga lokho.

Phakathi kwamalungu alo mnde-ni okuthiwa aphelelwe yindawo kwisibaya kubalwa nolinda Mto-ba, olingisa indawo kazama Ngwe-nya.

Imithombo ithi lezi zintokazi zithuke zoma zithola ukuthi kuyaphela ngazo kulo mdlalo. Ngokusho kwale mithombo, ulinda noFlorence bathole ezibuhlung­u ngesikhath­i befunda olayini abazobadla­la (script).

“Okubathuse kakhulu wukuthi bebengonan­ga lutho kulo mdlalo, ngakho-ke bebesalind­ele ukuthi basazobuya nakulo nyaka,” kulanda umthombo ongashayi eceleni.

Uthi lezi zindaba azehlanga neze kahle kulaba balingisi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lona leli phephandab­a like labika ngasekuphe­leni konyaka owedlule ngokuthi uflorence ushiye abakhiqizi nababhali beshaqekil­e ngemuva kokukhulel­wa maqede wa- ngabazisa. Ngokusho kwemithomb­o, laba bobabili bazodutshu­lwa ngosuku olulodwa emcimbini wo- kuhlangani­sa uzama Ngwenya nojabu Zungu. Uma ubuka lo mdlalo kulezi zinsuku uyaqaphela ukuthi kunomdonsi­swano phakathi komndeni wakwazungu nowakwangw­enya kodwa kumele bakhe ubuhlobo.

Uzikhinind­a umthombo uthi

edlalwa ngulinda nolerato izoba sematheni kakhulu...

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? UFLORENCE Mokgatsi obikwa nabadliwe izembe emdlalweni ISIBAYA.
ISITHOMBE: INSTAGRAM UFLORENCE Mokgatsi obikwa nabadliwe izembe emdlalweni ISIBAYA.
 ?? ISITHOMBE NGABE: LIQUIDIMAG­E- ?? ULINDA Mtoba odabuka emlazi okubikwa ukuthi kuyaphela ngaye nesibaya.
ISITHOMBE NGABE: LIQUIDIMAG­E- ULINDA Mtoba odabuka emlazi okubikwa ukuthi kuyaphela ngaye nesibaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa