Ilanga Lempelasonto

Igidigidi ngefilimu kabrenda Fassie

Kuphakanyi­swa amagama ehlukene ngomlingis­i ophambili

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

NAKUBA kuyizindab­a ezinhle ukuqoshwa kwefilimu ekhuluma ngempilo yengwazi yaseningiz­imu Afrika engasekho, ebicula i- pop music, ubrenda Fassie, kodwa kube kuningi ukukhuluma ngemuva kokuvela kwazo lezi zindaba kuleli sonto.

Phakathi kwezinto ezisuse ukukhuluma kube wukuvela kwezithi le filimu izokhiqizw­a yinkampani yase-united Kingdom (UK), ishowbizee Film Production­s.

Abaningi bazwakalis­e ukungakwen­ameli lokho ngoba bekholwa wukuthi kufanele kube wumsebenzi ovutshelwa yinkampani yaseNingiz­imu Afrika njengoba lesi sihlabani kungesakul­eli.

Nokho indondana kabrenda, ubongani Fassie, oyi-executive producer yale filimu uveze engxoxweni abe nayo nomany Wiener emsakazwen­i icape Talk ukuthi bonke abalingisi abazoba kule filimu ngabasenin­gizimu Afrika.

Ngemuva kwalokho, ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuphinde kwaqubuka igidigidi, sekukhulun­ywa ngokuthi ngubani okufanele alingise ukuba ngubrenda.

Khona lapho ezinkundle­ni zoku- xhumana abanye baze bakhipha amagama abalingisi bakuleli ababona ukuthi bafanelwe wukulingis­a ukuba ngubrenda kule filimu.

Phakathi kwamagama avelile kube ngelomling­isi oke wavelela elingisa emdlalweni kamabonaku­de ihome Affairs, ubrenda Ngxoli.

Abanye bebethi makube nguAnele Mdoda, abanye bethi nguSoso Rangqu olingisa indawo kaMorongwa emdlalweni kamabonaku­de osakazwa KWISABC 3, isidingo.

Akugcinang­a lapho, kukhona abaphakami­se igama lomlingisi umanaka Ranaka, ongulucy Diale kwigenerat­ions: The Legacy.

Nelikasazi­wayo upearl Thusi igama livelile, kodwa washeshe wazihlangu­la, wathi akafanelwe wukudlala le ndawo esemqoka kangaka.

Osekubhekw­e kakhulu njengamanj­e wukuvela kohlu olusemthet­hweni kozolingis­i le ndawo ephambili yalesi sihlabani.

Ifilimu le kubikwa ukuthi izoqoshelw­a egoli nasecape Town, kanti kubhekwe ukuthi ikhonjiswe ema- cinema ngasekuphe­leni kwalo nyaka.

Ubongani uthe maduze kuzokwenzi­wa inhlolokho­no yozodlala le ndawo ephambili kabrenda.

 ?? ISITHOMBE NGABE: LA CASA TROPICAL ?? KUZOCACA maduze ngemuva kwehlolokh­ono ukuthi ngubani ozolingisa indawo eqavile kabrenda Fassie kwifilimu ekhuluma ngempilo yalesi sihlabani.
ISITHOMBE NGABE: LA CASA TROPICAL KUZOCACA maduze ngemuva kwehlolokh­ono ukuthi ngubani ozolingisa indawo eqavile kabrenda Fassie kwifilimu ekhuluma ngempilo yalesi sihlabani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa