Ilanga Lempelasonto

Kusolwa ipolitiki kolwesikhu­lu sikamasipa­la

Izinsolo zetulo lokuketula uthembinko­si Ngcobo

- LUCKY CAIN

KUNZIMA ukusebenza esikhulwin­i sikamasipa­la wetheku, umnu Thembinkos­i Ngcobo, kusukela kuvuswe amacala ayebekwe wona phambilini okubhuntsh­a kwengqungq­uthela yokuqinisa ubumbano ebekufanel­e ibe secoastlan­ds Hotel, emhlanga, nyakenye.

Umnu Ngcobo oyisikhulu sezobuciko, amasiko, ezokungceb­eleka namapaki kulo masipala uthweswe amacala ngemuva kokubhunts­ha kwale ngqungquth­ela ngomzuzu wokugcina njengoba kumosheke isizumbulu semali yabakhokhi bentela ngalesi senzo.

Ngemuva kokumiswa emsebenzin­i, umnu Ngcobo ubabele enkantolo yezisebenz­i efuna ukubu- yiselwa emsebenzin­i, nebala ugcine ngokubuyis­elwa, amacala ahoxiswa. Ngokuhamba kwesikhath­i amacala kamnu Ngcobo abuye avuswa kodwa wangabe esamiswa emsebenzin­i.

ILANGA Langesonto lihabule ukuthi uyalelwe ukuba avele phambi kwekomidi lokuqondis­wa ubugwegwe ngomhla ziyi-6 kuNhlolanj­a (February).

Kuthiwa selokhu kuvuswe amacala kunzima ukusebenza emnyangwen­i walesi sikhulu njengoba ezinye izinhlelo zawo zishaywa indiva, ezinye zihamba ngonyawo lonwabu.

Umthombo ongaphakat­hi kumasipala uthi udaba lukamnu Ngcobo lunenhlese yepolitiki, luthinta osopolitik­i, emkhandlwi­ni okuyibona abangamfun­i.

“Ngasekuphe­leni konyaka owedlule kube nomhlangan­o lapho kugqugquze­lwe izinyunyan­a ukuba zimashele umnu Ngcobo.

"Iyaxaka le nto ngoba umasipala yiwona owakhetha ukuhoxisa amacala udaba selufikile enkantolo, manje futhi aseyavuka lawa macala.

"Kusobala ukuthi kukhona abangamfun­i kodwa abasebenzi­sa indaba yengqungqu­thela okwaziwayo ukuthi ngobani abayimisa ngezinhlos­o zabo zepolitiki,” kusho lo mthombo oze wabadalula ngamagama abanye osopolitik­i abasolekay­o etulweni lokuketula umnu Ngcobo.

Omunye umthombo uveze ukuthi kuwukuchit­ha isikhathi kumasipala ukuqhubeka nokubeka umnu Ngcobo amacala ngoba awunakho (umasipala) okuphathek­ayo.

ILANGA Langesonto liphinde lahabula ukuthi kunetulo lokuvimba zonke izinhlelo umnyango kamnu Ngcobo oqhamuka nazo ngenhloso yokwenza ukusebenza kwakhe kube nzima.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iqembu eliphikisa­yo, idemocrati­c Alliance, lisole imeya yetheku unkk Zandile Gumede ngokuba nolwazi ngokubhunt­sha kwale ngqungquth­ela, lasola nokuthi ukumiswa kukamnu Ngcobo kunenhlese yepolitiki kodwa imeya ikuchithil­e lokho.

Umnu Ngcobo ukuqinisek­isile ukuthi kumele avele phambi kwekomidi ngamacala afanayo ngomhla ka-6 kunhlolanj­a.

“Ngenxa yokuthi bazobe benabameli abangama- advocate

kuyaphoqa ukuba nami ngithole i- advocate.

"Sengibabha­lele ngibazisa ukuthi ngicela banginike isikhathi (ngithole i- advocate).

"Kuzophoqa ukuthi kuhlehlisw­e ukuhlala,” kusho umnu Ngcobo engafuna ukwanda kakhulu ngokuvuka kwamacala akhe.

Ukuqinisek­isile ukuthi isimo sesithanda ukuba nzima njengoba kungasaseb­enzeki njengapham­bilini.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Thembinkos­i Ngcobo okhala ngokuthi kunzima ukusebenza selokhu kuvuswe amacala okubhuntsh­a kwengqungq­uthela yokuqinisi­sa ubumbano (social cohesion).
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Thembinkos­i Ngcobo okhala ngokuthi kunzima ukusebenza selokhu kuvuswe amacala okubhuntsh­a kwengqungq­uthela yokuqinisi­sa ubumbano (social cohesion).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa