Kusolwa ipolitiki kolwesikhulu sikamasipala
Izinsolo zetulo lokuketula uthembinkosi Ngcobo
KUNZIMA ukusebenza esikhulwini sikamasipala wetheku, umnu Thembinkosi Ngcobo, kusukela kuvuswe amacala ayebekwe wona phambilini okubhuntsha kwengqungquthela yokuqinisa ubumbano ebekufanele ibe secoastlands Hotel, emhlanga, nyakenye.
Umnu Ngcobo oyisikhulu sezobuciko, amasiko, ezokungcebeleka namapaki kulo masipala uthweswe amacala ngemuva kokubhuntsha kwale ngqungquthela ngomzuzu wokugcina njengoba kumosheke isizumbulu semali yabakhokhi bentela ngalesi senzo.
Ngemuva kokumiswa emsebenzini, umnu Ngcobo ubabele enkantolo yezisebenzi efuna ukubu- yiselwa emsebenzini, nebala ugcine ngokubuyiselwa, amacala ahoxiswa. Ngokuhamba kwesikhathi amacala kamnu Ngcobo abuye avuswa kodwa wangabe esamiswa emsebenzini.
ILANGA Langesonto lihabule ukuthi uyalelwe ukuba avele phambi kwekomidi lokuqondiswa ubugwegwe ngomhla ziyi-6 kuNhlolanja (February).
Kuthiwa selokhu kuvuswe amacala kunzima ukusebenza emnyangweni walesi sikhulu njengoba ezinye izinhlelo zawo zishaywa indiva, ezinye zihamba ngonyawo lonwabu.
Umthombo ongaphakathi kumasipala uthi udaba lukamnu Ngcobo lunenhlese yepolitiki, luthinta osopolitiki, emkhandlwini okuyibona abangamfuni.
“Ngasekupheleni konyaka owedlule kube nomhlangano lapho kugqugquzelwe izinyunyana ukuba zimashele umnu Ngcobo.
"Iyaxaka le nto ngoba umasipala yiwona owakhetha ukuhoxisa amacala udaba selufikile enkantolo, manje futhi aseyavuka lawa macala.
"Kusobala ukuthi kukhona abangamfuni kodwa abasebenzisa indaba yengqungquthela okwaziwayo ukuthi ngobani abayimisa ngezinhloso zabo zepolitiki,” kusho lo mthombo oze wabadalula ngamagama abanye osopolitiki abasolekayo etulweni lokuketula umnu Ngcobo.
Omunye umthombo uveze ukuthi kuwukuchitha isikhathi kumasipala ukuqhubeka nokubeka umnu Ngcobo amacala ngoba awunakho (umasipala) okuphathekayo.
ILANGA Langesonto liphinde lahabula ukuthi kunetulo lokuvimba zonke izinhlelo umnyango kamnu Ngcobo oqhamuka nazo ngenhloso yokwenza ukusebenza kwakhe kube nzima.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu eliphikisayo, idemocratic Alliance, lisole imeya yetheku unkk Zandile Gumede ngokuba nolwazi ngokubhuntsha kwale ngqungquthela, lasola nokuthi ukumiswa kukamnu Ngcobo kunenhlese yepolitiki kodwa imeya ikuchithile lokho.
Umnu Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi kumele avele phambi kwekomidi ngamacala afanayo ngomhla ka-6 kunhlolanja.
“Ngenxa yokuthi bazobe benabameli abangama- advocate
kuyaphoqa ukuba nami ngithole i- advocate.
"Sengibabhalele ngibazisa ukuthi ngicela banginike isikhathi (ngithole i- advocate).
"Kuzophoqa ukuthi kuhlehliswe ukuhlala,” kusho umnu Ngcobo engafuna ukwanda kakhulu ngokuvuka kwamacala akhe.
Ukuqinisekisile ukuthi isimo sesithanda ukuba nzima njengoba kungasasebenzeki njengaphambilini.
lucky.cain@ilanganews.co.za