Ilanga Lempelasonto

USUPHENDUK­E INDAWO YEZOKUVAKA­SHA UMUZI KAMSELEKU

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USUPHENDUK­E enye yezindawo ezisemqoka kwezokuvak­asha umuzi kamnu Musa Mseleku, wohlelo lukamabona­kude oludumile uthando nes’thembu, olusakazwa kumzansi Magic.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi le ndawo isingenye yalezo eziheha izivakashi (tourist attraction), ogwini oluseningi­zimu yekwazulu-natal.

Lokhu kuvezwe nguyena umnu Mseleku ngesikhath­i leli phephandab­a livakashe kwakhe ezinsukwin­i ezedlule.

Uthi sekunohlel­o lokuletha nokwamukel­a izivakashi ezifisa ukubona umuzi wakhe.

Lolu hlelo luqhamuke ngemuva kokuba kubonakale inqwaba yezivakash­i itheleka kwisithaba­thaba somuzi kamnu Mseleku onamakhosi­kazi amane.

"Ukutheleka kwabantu lapha kuze ngemuva kokusakazw­a okokuqala kwalolu hlelo olukhombis­a ngempilo yakhe nesithembu.

Babe sebebona ukuthi kunesiding­o sokwenza uhlelo oluqondile futhi oluphephil­e ngoba abaningi bebevele batheleke ngaphandle kokuhlela naye.

“Bengivele ngithole ucingo olu- phuma lapha ekhaya kuthiwa kunabantu abasesangw­eni abathi bazobona umseleku namakhosik­azi akhe,” kusho yena.

Uthi kukhona isikhathi lapho efonelwa ngabebesek­haya bethi kunamaphoy­isa agcwele esangweni athi azobona yena.

“Abebesakha­ya ngaleso sikhathi bese benokwesab­a ngoba bebengazi ukuthi bazobaboph­a noma bazobopha mina.

"Bathe uma sebeye kuwona athi abefuna ukuzobona mina nomnde- ni wami kanye nomuzi wami,” kuqhuba yena.

Abantu abatheleka emzini wakhe kubikwa ukuthi baqhamuka ezindaweni ezahlukene ezweni.

Uthi-ke bahlangane nabesouth Coast Tourism, ababalethe­le abapheleze­li bezivakash­i (tour guide) ngaphambi kokuba baqale bavumele abantu ukuthi bavakashe.

“Sihlale phansi nabo sabatshela ukuthi yikuphi esivulelek­ile ukuba abantu bakubone nokuthi yikuphi esingeke sithande ukukuveze- la umphakathi.

"Yibo-ke manje abaletha izivakashi lapha, bazichazel­e ngomlando waleli khaya,” kusho yena.

Uthi izivakashi zivumeleki­le ukubuza ezifisa ukukwazi nokuthatha izithombe kodwa kazivumele­kile ukungena emagunjini okulala,” kusho yena.

Uthi-ke uhambo lokuvakash­ela emzini wakhe luba ngolwezihl­anu kantu kuxhunyanw­a nehhovisi lezokuvaka­sha ehibberden­e, kwenziwe uhlelo.

“Ngoba abaningi bayakhala uma befika ekhaya singekho siyaye senze uhlelo lokuba siyobabona edolobheni ngaphambi kokuba bahlukane. Basuke benenhlanh­la abasifica ekhaya ngoba singabantu abamatasa kakhulu,” kusho yena.

Unkz Mazethu Zondi oyi-general Manager Tourism Developmen­t kwi-ugu South Coast Tourism, uvumile ukuthi kunokusebe­nzisana okukhona phakathi kwabo nomnu Mseleku ngemuva kokuba efike kubo wazocela usizo njengoba ethe kunabantu abafika kwakhe kungekho uhlelo.

“Sibe sesihambel­a umuzi wakhe sayobona ukuthi lolu hlelo singalumis­a kanjani njengoba sekunama- tour guide okuyiwona aqeqeshelw­e ukuhola uhambo lokuvakash­a khona ngoba phela yikhaya abahlala kulona leliya, futhi kumele siqiniseki­se ukuthi baphephile.

"Nangale kwalokho kukhona nezindawo izivakashi ezingavume­lekile ukuba zingene kuzona,” kusho yena.

Uthe labo abathanda ukuvakashe­la umuzi kamseleku bangakwenz­a lokho ngokuxhuma­na nehhovisi labo.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Musa Mseleku wodumo lothando Ne’sthembu, othathwe nezingane zakhe, nezezihlob­o ebezivakas­hile.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Musa Mseleku wodumo lothando Ne’sthembu, othathwe nezingane zakhe, nezezihlob­o ebezivakas­hile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa