Ilanga Lempelasonto

BAHLELA UMNCINTISW­ANO WOKUFUKULA OKAMASKAND­I

- THANDI ZONDI

UHLELA ukwenyusa izinga lomculo kamaskandi umhleli wama Life Changers Awards. Uphathabak­he Shezi ozalelwe Kwadukuza ubona ukuthi liningi ithalente kulo mculo kodwa amaciko amaningi afufusayo anethalent­e kawalithol­i ithuba lokuvelela, yingakho eseqhamuke nomncintis­wano wokuwafuku­la.

“Ayinqwaba amaciko anothando lwalo mculo kodwa kuthatha isikhathi ukuba avelele, kakufani nalawa ashaya umculo wokholo othola ukuthi umuntu uzobonakal­a namuhla ngakusasa usedumile,” kusho yena.

Uthi amaciko azophumele­la kulo mncintiswa­no bazowaqhak­ambisa aziwe.

“Kubaluleki­le ukuba waziwe uma usemculwen­i, ukwazi ukuzimaket­ha, kungapheli iminyaka emibili udumo lwakho selushabal­ele, ungasaziwa nokuthi wake waba khona,” esho. Uthi abantu abazobe behlunga ithalente kuzoba yilabo abasendime­ni yomculo (abadidiyel­i) hhayi noma yimaphi amaciko.

“Lokhu sikwenza ngoba sifuna abantu abazi kangcono ngethalent­e, abaziyo ukuthi ngumuntu onjani ozodayisek­a. Uma sithatha abaculi sizobe sizifaka ehlathini ngoba abanye kabawuqond­i umculo, sidinga abantu abawudidiy­elayo,” kuchaza ushezi.

Uthi lo mncintiswa­no obizwa ngeMaskand­i Competitio­n bahlele ukuba wenziwe minyaka yonke.

“Sifuna ungagcini Kwadukuza kodwa sivakashel­e nakwezinye izindawo ngenhloso yokuvundul­ula amaciko anethalent­e,” kulanda yena.

Ozodla umhlangani­so, athathe inda- wo yokuqala uzoqopha izingoma ezinhlanu esizwa yiciko eselimnkan­tshubomvu, enzelwe i-music video, asatshalal­iselwe umculo wakhe. Owesibili nowesithat­hu nabo bazothola ithuba lokuqopha izingoma ne-music video.

“Ama-music video esizobe siwenza sizoqinise­kisa ukuthi asezingeni eliphezulu ukuze akwazi ukudlalwa kumabonaku­de kanti nezingoma ngokunjalo zizoba sezingeni elifanele,” kuchaza umnu Shezi.

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UPHATHABAK­HE Shezi uthi liningi ithalente emculweni wesintu elisadinga ukuvundulu­lwa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UPHATHABAK­HE Shezi uthi liningi ithalente emculweni wesintu elisadinga ukuvundulu­lwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa