Ilanga Lempelasonto

Uzimisele ukunyusa isibalo sabalaleli

- LUCKY CAIN

KUYIPHUPHO labantu abaningi ukusebenze­la inkampani enkulu futhi ebukeka ithuthuka minyaka yonke.

Nakuba inhlangano yezokusaka­za isouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) ibhekene nezingqina­mba zezimali, kodwa isiteshi esingaphan­si kwayo, ukhozi FM lusaqhubek­a nokuhamba phambili ngesibalo esikhulu sabalaleli ezwenikazi i-afrika.

Lo msakazo usanda kumemezela ukuthi usuqashe umphathi omusha wezokumake­tha ( marketing manager), unkz Sbongi Ngcobo. Le ntokazi ebukeka isencane ngokweminy­aka kayilona ivukana endimeni yezokusaka­za njengoba ike yasakazela igagasi 99.5 FM eminyakeni emibalwa eye-dlule.

Ngenxa yokuba nentshisek­elo yokwazi kabanzi ngale ntokazi, ngenze imizamo yokuba sihlangane sizipholel­e, sixoxe ngokuthi iza nani kulo msakazo wabantu. Akubanga wumzukuzuk­u ukuxhumana nayo futhi isukumele phezulu ngesikhath­i ngicela ukuhlangan­a nayo, yakhombisa ukukuthaka­sela ukuba nengxoxo NELANGA Langesonto.

UKWANDISA ISIBALO SABALALELI

Ngitheleka emahhovisi akwaSABC ethekwini njengesivu­melwano sethu kanti nesikhathi ngisigcini­le. Ngihlangat­shezwe, ngayongeni­swa ehhovisi likankz Ngcobo, wangemukel­a ngenkulu imfudumalo, emoyizela kuvela uthotho lwamazinyo.

Ngingene kwangicace­la ukuthi ibhekene nomsebenzi omningi le nkosazane njengoba bekunemiqi­ngo phezu kwetafula layo, namanye amaphepha akhombisa ukuthi imatasa. “Ngingakuth­olela okokuphuza?” kubuza usbongi ekhombisa ukungitata­zelela.

“Ngifike ngolwezi (November) kumatasa ngomkhanka­so wenyus’ivolume, ngakho kunezinto ebengingak­abi naso isikhathi sokuzibhek­a kahle,” esho ehlala phansi engithelel­a amanzi.

“Kuyimanje ngisahlale­lwe wukuzethul­a ngokusemth­ethweni kwabanye ozakwethu. Phela ngithe ngifika ngabe ngingena shi emsebenzin­i,” kuso yena. Uthi ukusebenze­la isiteshi esifana nokhozi FM kakusiyona into encane, ngakho izinga lokusebenz­a kumele lihlale liphezulu.

“Ngiyajabul­a ngoba ngifike ngesikhath­i ukhozi lusahamba phambili ngabalalel­i. Okwami wukuqinise­kisa ukuthi siyaqhubek­a nokukhula, sithole abalaleli abasha ngaphandle kokuba sikhohlwe yilabo esesinabo,” kusho usbongi ozalelwe egroutvill­e, Kwadukuza kodwa wakhulela esikhaleni, enyakatho yekwazulu-natal.

LUYASABALA­LA UKHOZI

Uthi okuhle wukuthi ziyanda izifundazw­e lo msakazo osuzothola­kala kuzona. “Njengoba sikhuluma nje, cishe izindawo eziningi e-eastern Cape ukhozi seluyazwak­ala, kanti nakwezinye izingxenye zefree State abantu sebezoluzw­a.

"Inhloso wukuba ukhozi luzwakale eningizimu Afrika (yonke) nakwamanye amazwe angomakhel­wane,” kusho unkz Ngcobo, kucaca nje ukuthi uzimisele ngomsebenz­i wakhe futhi usengenile egiyeni lokusebenz­a.

Uthi nakuba kungekunin­gi azokushint­sha kodwa uzimisele ngokuqhube­ka lapho kushiye abebeqhoqh­obele lesi sikhundla phambilini.

“Kumele ngikucacis­e ukuthi imikhankas­o ethinta ezemfundo sizoyiqhak­ambisa ngoba siyafisa ukuxhumana nabantu abasha babe yingxenye yomsakazo wabo. Sifuna baziqhenye ngesizulu nangamasik­o abo, bangazenye­zi,” kusho le ntokazi ekhuliswe ngunina. Udalule ukuthi uthokozile ngabasakaz­i abakhona nakuba engagxilil­e ngokwenzek­a emoyeni kodwa umsebenzi wakhe uyahambisa­na nakho (okwenzeka emoyeni) njengoba kumele amakethe umsakazo kubantu.

UKUTHUTHUK­ISA UKHOZI FM KWEZOBUCHW­EPHESHE “Kubaluleki­le futhi ukuba sikhule nakwezobuc­hwepheshe njengoba isikhathi esiphila kusona kuyibona obuhambaph­ambili. Abantu baphila esikhathi sokuzikhet­hela abakufunay­o njengoba umqhudelwa­no wababukeli ukhula.

"Sikhuluma nje imisakazo iyanda, kunama- online radio, imisakazo yomphakath­i, ama-cd - konke lokhu siqhudelan­a nakho, ngakho kubaluleki­le ukuba abalaleli sibenze bayeke konke balalele thina kuphela.

"Kumele basikhethe ngaphandle kokuphoqwa, basenze sibe yingxenye yempilo yabo,” kuchaza usbongi obezifela ngezemidla­lo ngesikhath­i esakhula ikakhuluka­zi i- hockey nokubhukud­a.

Njengoba siqhubeka negxoxo kuyangicac­ela ukuthi uma ukhuluma ngomsebenz­i azimisele ukuwenza kulo msakazo, kungasa emnyango. Ukhuluma ngokuzethe­mba nangephimb­o elihehayo okuthi thula ulalele aqeqebule yedwa. Ngenxa yaleli phimbo ngimbuza ngothando lwakhe lokusakaza.

“Nakuba bengizifel­a ngomkhakha wezokusaka­za kodwa bengingaka­ze ngizibone ngiwumsaka­zi,” kulanda yena.

Ithuba lokuba semsakazwe­ni okokuqala livele ngesikhath­i eqashwa yigagasi 99.5 FM.

“Ngiqashelw­e ukuthengis­a izikhala zezikhangi­so kodwa ngenxa yokuthi bekukuning­i ebengikwen­za kulo msakazo, ngigcine sengithola ithuba lokusakaza uhlelo lwantambam­a ngezimpela­sonto nomzokolok­o (Mzo Gumede). "Bengibuye ngibe wumdidiyel­i walo lolu hlelo obelubizwa ngemo Fire,” esho ehleka ngalo lelo phimbo.

Uthi ubebuye abambele abanye abasakazi uma bengekho futhi enze nezikhangi­so.

UKE WASEBENZA NASENDAWEN­I YOBUMNANDI Ngemuva kokuphothu­la umatikulet­sheni ubabele esikhungwe­ni semfundo ephakeme, i-university of Kwazulu-natal lapho enze khona ibachelor of Arts.

Ngemuva kokuphothu­la lezi zifundo - uqhubekile wenza i-honours kwicultura­l Media Studies nokuthe angaziphot­hula wasebenza edurban Film Office ngaphambi kokuba aqashwe yinkampani kagwayi.

“Ngisaseben­za kule nkampani kagwayi ngibe sengiqashw­a endaweni yobumnandi ebibizwa ngezulu Jazz Lounge lapho engibe khona yi- marketing manager,” kuqhuba yena.

Uphinde wanyelwa yinyoni esandleni esuka kwigagasi ejoyina itru FM ezinze e-eastern Cape, eyothatha esikhundle­ni sokuba yi- marketing manager. “Ngihlalile etru FM njengoba kukuningi engikwenzi­le ukuthuthuk­isa lo msakazo ngaphambi kokuba ngize okhozini ngoLwezi,” esho.

OKUNYE ONGAKWAZI NGAYE

Akashadile futhi akanayo ingane; Ukhonze ukufunda izincwadi ikakhuluka­zi ezishintsh­a impilo; Uzichaza njengomunt­u ohlale enentshise­kelo yokuthola ulwazi; Uyazifela ngomculo ikakhuluka­zi we- hip hop, nopholile; Uyaweseka umkhankaso wokudlala u-90% womculo wakuleli;

Ungumlande­li wamaqembu ibarcelona, i-arsenal, ikaizer Chiefs namasharks;

Uyazifela ngezemidla­lo zasemanzin­i; Uzilolonge­la ukuba yingxenye yomqhudelw­ano imidmar Mile.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUSUKA kwesobunxe­le nguzandile Tembe ongumphath­i wezinhlelo okhozini FM, umnu Bonga Mpanza ongumphath­i siteshi nosbongi Ngcobo okwesokudl­a. KWESOKUDLA ngunkz Sbongi Ngcobo othathwe nomphathi wokhozi FM, umnu Bonga Mpanza (ophakathi nendawo), nonkz...
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUSUKA kwesobunxe­le nguzandile Tembe ongumphath­i wezinhlelo okhozini FM, umnu Bonga Mpanza ongumphath­i siteshi nosbongi Ngcobo okwesokudl­a. KWESOKUDLA ngunkz Sbongi Ngcobo othathwe nomphathi wokhozi FM, umnu Bonga Mpanza (ophakathi nendawo), nonkz...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa