Ilanga Lempelasonto

ABAZALI MABAFUNDIS­E ABANTWANA NGEQINISO

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUNGUMTHWA­LO osemahlomb­e wabo bonke abamzali ukweluleka izingane zabo bangazesab­i, ikakhuluka­zi uma bengabazal­wane abamesabay­o unkulunkul­u.

Izwi lithi asikhulise izingane zethu ngomthetho nemiyalelo kankulunku­lu.

Njengoba siqala unyaka, makube semahlombe abazali bonke ukuqinisek­isa ukuthi abantwana banobudlel­wano obuhle nabazali babo, akukhathal­ekile noma ngabe bakhuliswa ngabazali ngabodwana noma ngababili.

Kuyadumaza ukubona abazali besaba izingane zabo kunokwesab­a unkulunkul­u ngoba besaba ukuthi zizobaphuk­ulela imilomo zibadube.

Abanye baziduduza ngamazwi athi: “Umfundisi akamzali umfundisi.” Basuke bezithethe­lela, besaba ukumelana neqiniso lokubhekan­a nemikhuba emibi eyenziwa yizingane zabo.

Kukaningi sibona abazalwane befihla amahlazo ezingane zabo kodwa awezabanye bathande ukuwaneka. Abaholi sengathi kungaba yibo kuqala ababa yizibonelo uma umntwana wabo ephambukil­e, bakhiphe izijeziso ezizoba yizifundo nakwabanye.

Ebhayibhel­ini, incwadi yezaga 23, kusuka evesini le-13 ibhayibhel­i liyasikhut­haza ukuba sibashaye abantwana bethu ngokubakha.

Lithi: “Ungayeki ukumlaya umntwana, ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.”

Amavesi alandelayo athi: “Noma eshaywa umphefumul­o wakhe uphatheke kabi kodwa uyobe ephulwe endaweni yabafileyo.”

Ivesi lama-20 lithi: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini nabayizimi­nzi zenyama.”

Siyazi ukuthi kuleli zwe lethu induku seyavalwa, kepha akusiyo yodwa induku eshaya umntwana - nomlomo ungamshaya umakhe.

Sonke lesisahluk­o seluleka umntwana - ngithanda kakhulu ivesi lama 22 nelama-23 lapho lithi khona: “Lalela uyihlo owakuzalay­o, ungamdelel­i unyoko lapho esemdala. Thenga iqiniso, ungadayisi ngalo, nokuhlakan­ipha, nokulaywa, nokuqonda.”

Nevesi lama-27 likhipha iseluleko esinqala ngodaba lobufebe.

Abasha abasifundi­sise lesi sahluko, siwumgogod­la wokuziphat­ha kwabasha, nokumele abazali bakwenze ukugcina imindeni yabo ihamba ngobungcwe­le.

Siyabakhut­haza abangcwele ukuba babeke ujehova phambili kunokwesab­a abantu nokuthi ukuyala umntwana kuzobehlis­a izithunzi bazondwe.

Amavesi afana nalawa kumele ande emasontwen­i, intsha ikhonjiswe indlela eyiyo.

Siyazi ukuthi ezinsukwin­i zanamuhla abaholi bamabandla sebasebenz­a ngesibalo samalunga ebandla, bayesaba ukushumaye­la iqiniso ngoba kuzoncipha iminikelo namalunga.

Kanti nabazalwan­e bamanje iningi labo abasayi ngezinhliz­iyo emasontwen­i, bayela ukubukwa nokukhangi­sa ngabanakho noma izevatho nengcebo ekubeni unkulunkul­u ufuna izinhliziy­o zabo kuphela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CHRIST IMAGE ASSEMBLY ?? MABAKHULIS­WE ngendlela eyiyo, bayalwe abantwana bethu singabazal­wane.
ISITHOMBE NGABE: CHRIST IMAGE ASSEMBLY MABAKHULIS­WE ngendlela eyiyo, bayalwe abantwana bethu singabazal­wane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa