ABAZALI MABAFUNDISE ABANTWANA NGEQINISO
KUNGUMTHWALO osemahlombe wabo bonke abamzali ukweluleka izingane zabo bangazesabi, ikakhulukazi uma bengabazalwane abamesabayo unkulunkulu.
Izwi lithi asikhulise izingane zethu ngomthetho nemiyalelo kankulunkulu.
Njengoba siqala unyaka, makube semahlombe abazali bonke ukuqinisekisa ukuthi abantwana banobudlelwano obuhle nabazali babo, akukhathalekile noma ngabe bakhuliswa ngabazali ngabodwana noma ngababili.
Kuyadumaza ukubona abazali besaba izingane zabo kunokwesaba unkulunkulu ngoba besaba ukuthi zizobaphukulela imilomo zibadube.
Abanye baziduduza ngamazwi athi: “Umfundisi akamzali umfundisi.” Basuke bezithethelela, besaba ukumelana neqiniso lokubhekana nemikhuba emibi eyenziwa yizingane zabo.
Kukaningi sibona abazalwane befihla amahlazo ezingane zabo kodwa awezabanye bathande ukuwaneka. Abaholi sengathi kungaba yibo kuqala ababa yizibonelo uma umntwana wabo ephambukile, bakhiphe izijeziso ezizoba yizifundo nakwabanye.
Ebhayibhelini, incwadi yezaga 23, kusuka evesini le-13 ibhayibheli liyasikhuthaza ukuba sibashaye abantwana bethu ngokubakha.
Lithi: “Ungayeki ukumlaya umntwana, ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.”
Amavesi alandelayo athi: “Noma eshaywa umphefumulo wakhe uphatheke kabi kodwa uyobe ephulwe endaweni yabafileyo.”
Ivesi lama-20 lithi: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama.”
Siyazi ukuthi kuleli zwe lethu induku seyavalwa, kepha akusiyo yodwa induku eshaya umntwana - nomlomo ungamshaya umakhe.
Sonke lesisahluko seluleka umntwana - ngithanda kakhulu ivesi lama 22 nelama-23 lapho lithi khona: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala. Thenga iqiniso, ungadayisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.”
Nevesi lama-27 likhipha iseluleko esinqala ngodaba lobufebe.
Abasha abasifundisise lesi sahluko, siwumgogodla wokuziphatha kwabasha, nokumele abazali bakwenze ukugcina imindeni yabo ihamba ngobungcwele.
Siyabakhuthaza abangcwele ukuba babeke ujehova phambili kunokwesaba abantu nokuthi ukuyala umntwana kuzobehlisa izithunzi bazondwe.
Amavesi afana nalawa kumele ande emasontweni, intsha ikhonjiswe indlela eyiyo.
Siyazi ukuthi ezinsukwini zanamuhla abaholi bamabandla sebasebenza ngesibalo samalunga ebandla, bayesaba ukushumayela iqiniso ngoba kuzoncipha iminikelo namalunga.
Kanti nabazalwane bamanje iningi labo abasayi ngezinhliziyo emasontweni, bayela ukubukwa nokukhangisa ngabanakho noma izevatho nengcebo ekubeni unkulunkulu ufuna izinhliziyo zabo kuphela.