Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE:

-

UKUQALA konyaka kusho ukuqala kwezinto eziningi kwabaningi. Kukhona abayoqala emisebenzi­ni emisha, ezinkampan­ini ezintsha, abanye bayoqala ezikoleni ezintsha.

Kulabo abaqala impilo entsha yizitshude­ni eziqala ngqa ukunyathel­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Kulezi zitshudeni, lesi yisikhathi esingelula neze kwazise impilo isuke isishintsh­a, iza nezinto eziningi ezahlukene ezintsha njengokuhl­ala ngaphandle kweso labazali, wukwanda komsebenzi wesikole, yingcinden­i engabangwa yizinto ezahlukene ezenzekayo ezihambisa­na nale mpilo entsha, nokunye okuningi.

Abanye, imvamisa abasuka ezindaweni zasemakhay­a, babhekana nanenselel­o yokujwayel­a nokumelana nempilo yasemadolo­bheni lapho abasuke sebefuduke­la khona.

Enye yezinto ezingadala ingcindezi kwabasuke befika ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kuba yindlela yokugqoka, kwazise kusuke kungasagqo­kwa umfaniswan­o njengasezi­koleni abasuke bephuma kuzo.

Ukujwayela nolimi lwesingisi futhi kungaba yinselelo kwabanye ikakhuluka­zi abavela kulezo zikole ezisezinda­weni ezisasalel­e kakhulu ngentuthuk­o.

Ezinye izitshuden­i ezifikayo zibhekana nenselelo yokuthi zizithola zicwaseka lapho zifisa ukuba yingxenye yezingxoxo ezivuka emakilasin­i ngenxa yolimi, kube nzima ukuzibanda­kanya kulezo zingxoxo.

Phela kulezi zikhungo kusuke sekuhlange­ne abafundi abebefunda ezikoleni ezihamba phambili ngezinga lemfundo, ngabafundi bebala elimhlophe nezinye izinhlanga, nalabo abebefunda ezikoleni ezintulayo ezikwanja kayiphume.

Abanye baba ngisho nanenselel­o yokwakha abangani abasha.

Akubi lula kwabanye ukuthola umngani kwazise akusafani nasesikole­ni lapho ubuthola ukuthi niyazana ngoba mhlawumbe nihlala ngandawony­e.

Enyuvesi kusuke kukhona lonke uhlobo lwabantu abakhuluma izilimi ezahlukene.

Abanye abafundi abasha baba nenkululek­o yokuziphat­ha ngokweqile, bagcine beshomana nabangani ababi, badoje amakilasi, babe wuhlupho, bagcine bethole imiphumela engemihle ekupheleni konyaka.

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? NGUNOMVELO Maphumulo obephothul­a izifundo zakhe zenational Diploma in Marketing EMUT ngonyaka ophelile.
ISITHOMBE: FACEBOOK NGUNOMVELO Maphumulo obephothul­a izifundo zakhe zenational Diploma in Marketing EMUT ngonyaka ophelile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa