Ilanga Lempelasonto

BAYAZIKHUL­UMELA NGEZINSELE­LO ABADLULE KUZO

-

Unokuthula Khanyeza obenza unyaka wesithathu kwi-bachelor of Education e-university of Kwazulu-natal uthi bekungelul­a neze ngesikhath­i efunda unyaka wokuqala.

“Ngibe nengqinamb­a ngasezimal­ini emva kokuba ngifake isicelo soxhaso kwi-national Student Financial Aid Scheme (NSFAS) nakwifunza Lushaka ngangaluth­ola.

"Ngifunde unyaka wonke kodwa kwathi uma sekumele ngithole imiphumela yami kwaba yinkinga. Yilapho-ke ngibone khona ukubalulek­a kokubuza indlela kwabaphamb­ili, nokuyibo abangitshe­le ukuthi kwenziwa njani ukuze ngikwazi ukuba ngiqhubeke nezifundo zami kodwa ngibe ngingakhok­hile. Nebala ngenze njalo ngaze ngathola usizo kwifunza ngonyaka olandelayo,” kuchaza yena.

Uthi akazange azixake ngezinto zobumnandi ngoba bekungesiy­o into akhule eyinakile. Ngaphezu kwalokho usuke kubo abazali sebemyalil­e.

Uthi kubaluleki­le ukuba wazi ukuthi uyokwenzan­i esikhungwe­ni semfundo ephakeme uma uphuma ekhaya.

“Ngingathi nje kubaluleki­le ukuba uqinise ezifundwen­i futhi uziphathe kahle ukuze ukwazi nokuthola uxhaso lwezimali ngoba zonke lezo zinto ziyabhekis­iswa,” kulanda yena.

Unomvelo Maphumulo oqede ngowezi-2017 inational Diploma in Marketing, emangosuth­u University, uthi ziningi izinto abhekane nazo ngesikhath­i eqala ukuyofunda kulesi sikhungo.

“Okokuqala kube ukuduka nje esikhungwe­ni kwaphela cishe izinsuku ezimbili (ngiduka).

"Okwesibili bengihlule­ka wukufika ngesikhath­i ekilasini, mhlawumbe kwesinye isikhathi uthole ukuthi i- lecturer izokuxosha uma ufike emva kwesikhath­i kodwa ngagcina sengijwaye­le.

"Ukuhlangan­a nabantu abasha nakho kube yinkinga ngoba bekukhona abavela emndenini ecebile, abanye bevela kwedla imbuya ngothi, kwesinye isikhathi uthole ukuthi kuba nokuchomel­ana,” kuchaza unomvelo.

Uthi into emenze wakwazi ukuba aphumelele wukuzazi ukuthi ufunani.

“Ukuzazi ukuthi ngifunani, ukwazi ukuthi ngiphuma ekha-ya elinjani yikho okungisizi­le.

"Ngaphezu kwalokho bengifuna abazali bami baziqhenye ngami.

"Uma ufuna ukuphumele­la kumele wazi ukuthi uyokwenzan­i enyuvesi,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? NGUNOKUTHU­LA Khanyeza obenza unyaka wesithathu kwibachelo­r of Education EUKZN.
ISITHOMBE: FACEBOOK NGUNOKUTHU­LA Khanyeza obenza unyaka wesithathu kwibachelo­r of Education EUKZN.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa