Ilanga Lempelasonto

NGIHLUSHWA NGUMAMEZAL­A

-

kodwa uzithole usuxoxa nabanye abantu. Kubuhlungu empilweni ukuxoxa nabanye abantu into okufanele ngabe uyixoxa nomuntu othile.

Ngicabanga ukuthi mama kule nkinga obhekene nayo isiyabadin­ga abantu abadala ukuba bangenelel­e, banihlalis­e phansi niluxoxe udaba. Kunezinto empilweni ezingeke zalungiswa nguwena uwedwa. Uma usuhluleki­le, neminye imizamo ingalungi, ungasithat­ha isinqumo emuva kwalokho.

Okungemuke­leki kakhulu okwenziwa ngumyeni wakho wukuthi uma ebuya esedakiwe akusabise ngokukudub­ula - kulokho-ke sekufanele kungenelel­e abomthetho ngoba akekho umuntu emhlabeni okumele aphile ngokusatsh­iswa noma kuthiwa sekushadiw­e. ngicela futhi ningikhule­kise ngithole umsebenzi khona ingane ingeke ihlupheke.

IMPENDULO: Mfowethu ngizokutha­ndazisa enkingeni obhekene nayo kodwa-ke ngiyafisa ukwazi ukuthi uma nixabana nesithandw­a sakho yini lena esuke inixabanis­a.

Ngabe yinto exazululek­ayo noma yinto engaxazulu­leki yini ngoba abekho abantu abamane baxabane nje ingekho into ebaxabanis­ayo. Uma ufisa ukwenaba ngodaba lwakho ungangisha­yela kule nombolo engezansi noma ushiye umlayezo. PASTOR, ngingumama osemncane, nginekinga kamamezala wami, akangifuni nalapho ngihambe khona, ungithanda uma kumele ngifukuze ngenze imisebenzi angafuni ukuba izingane zakhe zamantomba

zane ziyenze. Umyeni wami uma ngimtshela uvele athi ngeke ngimenze lutho umama ngoba uyangehlul­a, ungumama.

Umamezala akafuni ukuba umyeni wami aqhubekele phambili nempilo, uhlale emcela imali. Sigcina sishoda ngemali nezingane zami. Asinayo ngisho indlu yokulala ngenxa yale nkinga. Kuningi nje, ngeke ngikuqede. Ngenzenjan­i mfundisi.

IMPENDULO:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa