UMAMA UKHALA NJALO
Cha mama ngiyazwelana nawe kulobu buhlungu. Ngicabanga ukuthi empeleni unezinkinga ezimbili - eyokuqala wukuthi unomyeni ongakwazi ukuba nezwi alishaya lizwakale; okwesibili unenkinga yokuthi kanihlali emzini wenu kodwa nihlala kubo kwamyeni futhi njalo uma ukini uhlala uyingane.
Ngicabanga ukuthi ukuze nisizakale, kumele uthandazele ukuba unkulunkulu anibusise ngomuzi wenu ngoba ngeke niye phambili, kuyohlala kukhulunywa, ngeke kuphele. Thandaza inkosi ininike umuzi wenu, nizoba nokuthula bengekho abanye abantu abaseceleni. Akulula ube nokuthula noma kuhambe ngendlela yakho.
Kokukamamezala cha uqinisile ngeke umshintshe - ilanga lingawushintsha umbala kunokuba kushintshe umamezala. Uma ufuna ukumosha isikhathi ubolinda ukuba umamezala ashintshe, okungasoze kwenzeke. Uma ningabantu abashadile kubalulekile ukuba nomuzi wenu, ningahlali nomamezala emakhaya.
Kuyakhokhela ukubekezelela abantu bakini nekini. Vele abangani bethu nabantu esithandana nabo bahlale besigila, akuqali ngabantu basemakhaya ukuba basigile kodwa noma impilo isigila siyaqhubeka nayo.
Nezimoto zihlale zigingqika kodwa sisazigibela. Nabantu basemakhaya noma sebesihlupha asiqhubeke nje sibahloniphe ngoba vele asizukufela emakhaya.
Ukubekezelela abantu bakini kuyakhokhela, unkulunkulu ubhekile. Uma abantu bakini bengenzi kahle dedela igazi, ikhaya yiyona ndawo okufanele ubhekise phansi ubuso kuyona. PASTOR, nginenkinga kamama wami, akuvumi adlulise ukushonelwa kwakhe ngumagcina wakhe nobhuti wami. Uhlala njalo ekhala, aze amemeze kakhulu, umuzwe ethi “kwakwenzenjani kodwa?” Kwenziwa njani uma kunje Mfundisi?
IMPENDULO: Dadewethu, ngiyacabanga ukuthi isimo enibhekene naso sibuhlungu kakhulu. Kubuhlungu ukubona umzali wakho ekhala ngenxa yento ebuhlungu, engadluli abhekana nayo.
Iqiniso lithi uma emndenini kugula umuntu akuyi lona ongaguli esibhedlela, kuthathwa lona ogulayo ayiswe esibhedlela. Umuntu ekumele ngikhulume naye ngumama wakho, hhayi wena.
Uma singake sihlele ukuthi singaxoxa kanjani naye kungakuhle, inombolo yami ikhona ngezansi - ungashiya umyalezo noma ufone.
Kubo bonke abafundi bephephandaba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.
Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni.
*Upastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazayo ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.
Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithola njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama-direction thumela ISMS ku: 078 419 1024