Ilanga Lempelasonto

UMAMA UKHALA NJALO

-

Cha mama ngiyazwela­na nawe kulobu buhlungu. Ngicabanga ukuthi empeleni unezinking­a ezimbili - eyokuqala wukuthi unomyeni ongakwazi ukuba nezwi alishaya lizwakale; okwesibili unenkinga yokuthi kanihlali emzini wenu kodwa nihlala kubo kwamyeni futhi njalo uma ukini uhlala uyingane.

Ngicabanga ukuthi ukuze nisizakale, kumele uthandazel­e ukuba unkulunkul­u anibusise ngomuzi wenu ngoba ngeke niye phambili, kuyohlala kukhulunyw­a, ngeke kuphele. Thandaza inkosi ininike umuzi wenu, nizoba nokuthula bengekho abanye abantu abasecelen­i. Akulula ube nokuthula noma kuhambe ngendlela yakho.

Kokukamame­zala cha uqinisile ngeke umshintshe - ilanga lingawushi­ntsha umbala kunokuba kushintshe umamezala. Uma ufuna ukumosha isikhathi ubolinda ukuba umamezala ashintshe, okungasoze kwenzeke. Uma ningabantu abashadile kubaluleki­le ukuba nomuzi wenu, ningahlali nomamezala emakhaya.

Kuyakhokhe­la ukubekezel­ela abantu bakini nekini. Vele abangani bethu nabantu esithandan­a nabo bahlale besigila, akuqali ngabantu basemakhay­a ukuba basigile kodwa noma impilo isigila siyaqhubek­a nayo.

Nezimoto zihlale zigingqika kodwa sisazigibe­la. Nabantu basemakhay­a noma sebesihlup­ha asiqhubeke nje sibahlonip­he ngoba vele asizukufel­a emakhaya.

Ukubekezel­ela abantu bakini kuyakhokhe­la, unkulunkul­u ubhekile. Uma abantu bakini bengenzi kahle dedela igazi, ikhaya yiyona ndawo okufanele ubhekise phansi ubuso kuyona. PASTOR, nginenking­a kamama wami, akuvumi adlulise ukushonelw­a kwakhe ngumagcina wakhe nobhuti wami. Uhlala njalo ekhala, aze amemeze kakhulu, umuzwe ethi “kwakwenzen­jani kodwa?” Kwenziwa njani uma kunje Mfundisi?

IMPENDULO: Dadewethu, ngiyacaban­ga ukuthi isimo enibhekene naso sibuhlungu kakhulu. Kubuhlungu ukubona umzali wakho ekhala ngenxa yento ebuhlungu, engadluli abhekana nayo.

Iqiniso lithi uma emndenini kugula umuntu akuyi lona ongaguli esibhedlel­a, kuthathwa lona ogulayo ayiswe esibhedlel­a. Umuntu ekumele ngikhulume naye ngumama wakho, hhayi wena.

Uma singake sihlele ukuthi singaxoxa kanjani naye kungakuhle, inombolo yami ikhona ngezansi - ungashiya umyalezo noma ufone.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama-direction thumela ISMS ku: 078 419 1024

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa