Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

UKUDIDEKA enginakho muva nje ngendlela okusetshen­zwa ngayo kwisouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), kakusoze kwafaniswa nalutho.

Ake nisho, kwenzeka kanjani ukuba ilungu lomndeni lidingiswe ngoba kuthiwa lonile ekhaya kodwa ngakusasa livele selihlala kwababa omdala sekuthiwa hhayi kalinacala ngesenzo elasenza nakuba lingeke lisabuyela emndenini walo oqondile njengoba lizalwa ngubaba omncane?

Yikho kanye lokhu okwenzeke KWISABC. Okubuhlung­u nokungidid­e kakhulu wukuthi ngizame ngancama ukuthola impendulo eqondile kokhulumel­a le nhlangano, umnu Kaizer Kganyago, kodwa wavele washona wavumbuka. Imi kanje le ndaba.

Ngomandulo (September) wonyaka odlule kumiswe ucriselda Dudumashe emetro FM emuva kokuzwakal­isa kwakhe eseka obeyisekel­a likangqong­qoshe wemfundo ephakeme, umnu Mduduzi Manana oshaye owesifazan­e endaweni yokuzijabu­lisa icubana Lounge, egoli. Ngishaqeki­le ngesonto eledlule ngithunyel­elwa uhlu lokushints­ha kwezinhlel­o ZESAFM sengihlang­ana negama likacrisel­da noqale ukusakaza khona ngoMsombul­uko odlule engena nonaledi Moleo.

Okungishaq­isile wukuthi kwenzeka kanjani ukuba amiswe emetro FM ngoba ephambukil­e ngokuzipha­tha kodwa aqhamuke esezosakaz­a KWISAFM, ekubeni zombili lezi ziteshi zenganyelw­e YISABC, nokulindel­eke ukuba zisebenzel­e ngaphansi kwemigomo efanayo. Yini pho le eyenze ukuba achithwe emetro FM kodwa akwazi ukungena ESAFM?

Lokhu kungishiye nombuzo othi kungenzeka yini kusasa ulinda Sibiya ochithwe okhozini FM ngezinsolo zokukhwaba­nisa avumbuke kwesinye isiteshi esenganyel­we yile nhlangano eseqashwe kabusha? Kungenzeka yini sizwe uchillie M esempongol­oza kumhlobo Wenene nakuba echithwe okhozini FM ngezinsolo zokugwazis­a?

Impela namanje ngisadidek­ile futhi kungicacel­e ukuthi ukudideka kwami ngeke kuphele njengoba ukganyago evele wangikhulu­mela isishalamb­ombo. Kungabe lokhu kusho ukuthi uchriselda ubengonang­a emetro FM, kodwa bazizwe nje bengasamdi­ngi, base bezama indlela abebengamx­osha ngayo?

Ngicabanga ukuthi iziteshi kumele zibe nendlela ecacile ezisebenza ngayo engezosidi­da futhi engezosish­iya sinemibuzo engenazimp­endulo. zowakha@ilanganews.co.za

* Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o. Ungasithin­ta kule e-mail engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzona umbhali.

Instagram: @zowakha

Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa