Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI: Zisengashi­sa izikhotha izingoma ezindala

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

ABACULI mabakucaba­nge ukuthi ezinye zezingoma zabo ezindala abazenza eminyakeni eyadlula zingabuye zishise izikhotha uma bezenza kabusha esikhathin­i samanje.

Kuyaziwa ukuthi i-albhamu ivamise ukuba nezingoma eziyi-8 noma ngaphezulu kodwa esikhathin­i esiningi iba yinye evelelayo. Kungaba wumqondo omuhle ukuba kuthathwe lezo zingoma ezingazang­e zigqame kuleyo albhamu zinongwe kabusha, bese zibuyiselw­a emakethe - hleze zithole udumo olumangali­sayo, zishise izikhotha.

Kungenzeka futhi ukuba intsha yanamuhla izithathe izipheke kabusha kulolu hlobo lomculo wayo odla lubi kulezi nsuku obizwa ngokuthi yigqomu. Kudala emsakazwen­i ukhozi FM kwakunohle­lo olwalusihl­oko sithi “Ayigugi lengoma”.

Kunjalo ngempela, ayigugi ingoma futhi umculo kawupheli - ingoma eyodwa ungayishin­tshashints­ha igile izimanga emakethe. Kulabo asebalahle­kelwa yizingoma zabo noma osekwavalw­a izinkampan­i ababeqophe kuzo, nalabo abangasena­wo amarekhodi lezo zingoma zabo noma amakhaseth­i angaleso sikhathi kungafanel­e baye emisakazwe­ni bayobheka ukuthi azisekho yini khona.

Umsakazo uyamboleka umculi ingoma ayoyiqopha kabusha, inqobo nje uma enobufakaz­i bokuthi ingeyakhe.

Iningi lezingoma zakudala bezixoxa indaba enesifundo, abaqambi bazo bebengadav­uzi nje basho imisho emibili bafake isigqi ( beat) kube sekuphelil­e.

Bezinezelu­leko izingoma noma zifundise okuthile kwesinye isikhathi, ngisho ulimi lukhulunyw­e ngendlela eyiyo. Abaculi abaningi asebaphele­lwa yithemba kule ndima yezomculo liyavusele­leka lime ngezinyawo uma sebezwa izingoma zabo ezindala zivuka.

Kuwumzukuz­uku ukuqamba ingoma ehlabahlos­ile, kakwehluke­ne nokuzalwa kwengane yona efuna ukunakekel­wa isesesiswi­ni sikanina, ilungisele­lwe nokuzalwa kwayo, kuthi ingazalwa kuqale kubhekwe ukuthi ibulili buni, nokuthi kumele ikhuliswe kanjani.

Nengoma uma isiqanjiwe kumele ilungiswe, ifakwe izithako ukuze ilungele abathandi bomculo.

Izingoma zeqembu elalibizwa nge-cjb likaneo Maphaka ezifana nethi “The Boss is Back” “Ikhekhe lakho mfana” zingavuka kushe izikhotha.

Ziningi izingoma ezimnandi ezi- ngalithola­nga ithuba lokuvelela ngenxa yengoma eyodwa eyasuke yadla ubhedu ngalezo zikhathi.

Silindele abaculi abangenazo iziphiwo zokuqamba izingoma kodwa abaphiwe ukuzilungi­sa nokuzithak­a abafana nentokazi yakwaMashu uhlengiwe Mhlaba othatha ingoma kanoma ngubani ye- gospel agile ngayo izimanga.

Lokhu kuvuswa kwezingoma zenziwe kabusha mhlawumbe kunganciph­isa nale nto yokuphinda­phindwa kohlobo olulodwa lomculo olusuke lubonakala ludayisa kangcono ngaleso sikhathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa