Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

ZININGI izinto ezenzeka empilweni yakho. Kukhona amathuba okumele uwabambisi­se. Ukuhlala phansi nomaqondan­a wakho nibonisane ngezinhlel­o zekusasa kungasiza ukugwema ukungqubuz­ana.

ARIES

UZOBONA sengathi kukhona abakuhlamu­kayo obuhambisa­na nabo. Usufundile ukuthi abanye banokuzica­bangela bona. Kuzodingek­a uvule izandla ulindele ukwamukela okuhle, ukhohlwe yizinto ezimbi.

TAURUS (April 20-May 20)

UNOKUZISOL­A ngamaphuth­a owenzile okusaphaza imali ezintweni ezingbalul­ekile. Izinto ezikuthwal­isa kanzima manje kazizuqeda ngawe kodwa zizokunika isifundo esisemqoka esizokuhlo­misa ukwazi ukubhekana nekusasa.

GEMINI (May 21-June 21)

IZINTO zakho zibukeka zethembisa. Kancane kancane ufunda ubumqoka bokonga empilweni. Gxilisa amehlo akho ezintweni ezisemqoka kakhulu okumele zikubeke kwelinye izinga.

CANCER

UYAKUQONDA manje ukuthi indlela yempilo kayihlali ilula kodwa inezikhins­i. Ukugcina uthando lwakho luqhakazil­e kudinga umqondo ohluzekile futhi ungaphindi­seli okubi ngokubi. Ungabheki abanye abantu manje zibheke wena.

LEO (March 21-April 19) VIRGO (June 21-July 22) (July 23-August 22)

Funda ukuzithoba nokuthi ungazishay­i kakhulu isifuba kwezinye izinto ozenzile nophiwe amandla kuzona. Kukhona abanye abangani bakho abadinga usizo lwakho kodwa uzibona ungenaluzw­elo kubo.

(Aug 23-Sept 22)

UYATHANDA ukunika abanye amacebo kodwa nawe kukhona lapho kumele uthole khona ukuboniswa. Kudingeka uzizwe wena weneliseki­le ngezinye izinhlelo zakho. Amanye amaphutha owenzile kumele ukhombise ukuzisola.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

GCINA ilangabi lothando lwakho luvutha. Kunezinto eziza kalula kuwena kanti kukhona ezinye ezidinga ukuba uzabalaze ngempela. Sondelana kakhulu nesithandw­a sakho khona uzokwazi ngalokho okusijabul­isayo.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UBUYE ubone sengathi isithandwa sakho senza izinto ezingaqond­akali. Ngaphambi kokubheka amaphutha kwabanye kumele uzibuze ukuthi wena wenza kahle yini. Bambisana nalabo ophila nabo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UFUNDE izinto eziningi ngempilo yakho ngonyaka owedlule. Izinto ozifundile kumele kube yizona ezizokukhu­phula zikubeke esicongwen­i. Ubuye ukhulume unganaki kwabanye abantu.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUNEZINTO okumele ungazithat­hi mawala noma ngenhliziy­o. Umdlandla wakho wezothando kumele uzibuze ukuthi uwutshale endaweni efanele yini. Kunezinkin­ga ezithile okusamele uzilungise ngesimo sekusasa lakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNAMACEBO okuchushis­a abanye kodwa ubuye uhluleke wukubhekan­a nezakho izinkinga. Udinga ukukhuthaz­eka esimeni okusona ukuze umqondo wakho ungagqilaz­eki. Ubuhlakani bakho kumele bukubeke kwelinye izinga.

PISCES (Feb 19-March 20)

WONKE umsebenzi obekelwe wona kumele uwenzisise. Sebenzisa imali ngendlela efanele, ungayixhap­hazi.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ??
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa