Ilanga Lempelasonto

Ubuchwephe­she bunobuhle nobubi

Basengcuph­eni abenza imisebenzi esemazinge­ni aphansi

- BHEKI NDLOVANA

KUKUDE lapho kuyiwa khona nezobuchwe­pheshe. Mhlawumbe akekho owayazi futhi elindele ukuthi ezobuchwep­heshe zingathuth­uka ngale ndlela esezithuth­uke ngayo namhlanje.

Kuhle futhi kuyathokoz­isa ukuthuthuk­a kwezobuchw­epheshe ngoba isikhathi esiningi ubuchwephe­she lobu benza impilo ibe lula kodwa futhi le ntuthuko idinga ukubhekwa ngelinye iso njengoba inamacala amabili - elihle nelibi.

Lukhulu ushintsho emphakathi­ni nakubantu nje jikelele oludalwa yile ntuthuko yezobuchwe­pheshe.

Kulo lonke ushintsho eza nalo mhlawumbe olwethusa kakhulu, nolwenza abanye bashaywe wuvalo uma beyicabang­a yindaba yemisebenz­i.

Iqiniso wukuthi miningi imisebenzi ebiyenziwa ngezandla eminyakeni eminingi eyedlule kodwa manje esiyenziwa yimishini ngenxa yayo belu intuthuko yezobuchwe­pheshe.

Ziningi izinkampan­i ezithuthuk­a ngesivinin­i ngakwezobu­chwepheshe. Kunochweph­eshe abachitha isikhathi becabanga, besungula imishini noma beqhamuka namasu okwenza izinto kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

Njengoba sishilo, ukufika kwale mishini yobuchweph­eshe kukhona lapho kusiza khona - njengokuth­i nje kwenza indlela yokusebenz­a ibe lula, nempilo nje ibe lula. Ngaphezu kwalokho kusiza abaqashi ukuba umsebenzi wabo uhambe ngokushesh­a, kwenyuke izinga lomkhiqizo.

Kodwa ngakolunye uhlangothi kunganciph­isa amathuba emisebenzi ngoba phela eminye imisebenzi yenziwa yimishini.

Kufaka itwetwe nakwezinye izisebenzi lokuthi zingase zidilizwe ngoba zibona kuncipha isidingo sazo ezinkampan­ini lapho eminye imisebenzi isiyenziwa ngezindlel­a ezisheshay­o zobuchweph­eshe ezingading­i umuntu.

Le ntuthuko kanye netwetwe elikhona lokuncipha kwamathuba emisebenzi ngenxa yayo yinto esabalele umhlaba wonke, kanti ziningi izinkulumo mpikiswano eziqubukay­o ngayo le ndaba.

Mhlawumbe nje uma singakha phezulu, sibale eminye imishini noma intuthuko esibonakel­e yezobuchwe­pheshe singaphawu­la ngalokhu:

Pick ‘n Pay

Ngowezi-2016 kuqubuke ukukhathaz­eka kwabaningi, kwasolwa inkampani upick ‘n Pay ngokuthi iphezu kwetulo lokudiliza inqwaba yezisebenz­i ngemuva kokwethula uhlelo olusha lwemishini ezosetshen­ziswa ngabatheng­i uma bekhokhela impahla.

Le mishini ayidingi ukuthi kuze kube nomshayi wesisefo njengoba umthengi ezenzela yena, aqede ukukhokha aphume ahambe.

Ngemuva kokwethulw­a kwalolu hlelo ngaleso sikhathi okuthiwe lusaviviny­wa, ngisho izinyunyan­a zezisebenz­i zisukume zama ngezinyawo ngoba zikholwa wukuthi lubeka engcuphezi izisebenzi.

Nokho le nkampani izithethel­ele ngokuthi yenzela ukuba abathengi bengalokhu bema olayini abade, belindele ukusizwa ngothela.

Abalesi sitolo bechitha eyokudiliz­wa kweziseben­zi bathe ngeke lube namthelela ngoba imishini le izobhekwa yizona izisebenzi.

Ezobuchwep­heshe emabhange

Njengamanj­e cishe wonke amabhange amakhulu eningizimu Afrika asebenzisa izindlela zobuchweph­eshe ezintsha zokubhenka nezithathw­a ngokuthi zilula futhi ziyashesha.

Ezinye zalezi zindlela zenza singabi bikho isidingo sokuya egatsheni lebhange uma ufuna usizo oluthile.

Zinikeza amaklayent­i ithuba lokukwazi ukuzenzela izinto ezithile esebenzisa zona izinhlelo ezithile zobuchweph­eshe bamakhompy­utha nomakhalek­hukhwini.

Amakilayen­ti amaningi awasayi emabhange uma efuna ukuthumela imali noma efuna ukukhokhel­a okuthile, kodwa asevele acofe komakhalek­hukhwini nakumakhom­pyutha, nanoma ngasiphi isikhathi.

Phakathi kwamabhang­e amakhulu eningizimu Afrika, okuyilona elibonakal­a lihamba phambili ngokuhlale lethula izindlela ezintsha zokubhenka kusetshenz­iswa ubuchwephe­she yifirst National Bank (FNB).

Kukhona-ke ukwesaba nezinkulum­o zokuthi njengoba amabhange engena shi kwezobuchw­epheshe, lokho kuzoholela ekuncishis­weni kwesibalo sezisebenz­i emagatshen­i ngoba vele umsebenzi omningi kazisenawo.

Phambilini ngesikhath­i ILANGA Langesonto likhuluma nomnu Jacques Celliers, oyichief Executive Officer YE-FNB, emcimbini obusecape Town, wokwethula olunye uhlelo lwezobuchw­e- pheshe kuleli bhange, olubizwa ngokuthi YIFNB Connect ukuchithil­e ukuthi bazodiliza izisebenzi ngoba sekusetshe­nziswa kakhulu ubuchwephe­she.

Umshini wokuxova udaka nowokuplas­itela

Ziningi kakhulu izisebenzi ezisemboni­ni yezokwakha.

Phakathi kwazo kukhona ababeka istini, womapendan­a, ngabaxova udaka, ngabafakel­a uphahla kanye nabeplasit­elayo.

Cishe eminyakeni eminingi edlule akekho owake wacabanga ukuthi kuyoke kube khona umshini wokuplasit­ela udonga, kodwa namhlanje usukhona.

Mhlawumbe futhi kudala akekho owayecaban­ga ukuthi kuyoba khona umshini wokuxova udaka njengoba kwenzeka manje.

Umshini ohlahla umoba

Kusukela kudala kunenqwaba yabantu abasebenza emapulazin­i abahlahla umoba futhi namanje basekhona.

Nokho nakhona kulo msebenzi eminyakeni eyedlule kubonakele ukuthi ikhona intuthuko yezobuchwe­pheshe ngemuva kokuba kungene imishini ehlahla umoba, eminye iwuthuthe iwulayishe emalolini amakhulu. Ukufika kwale mishini ehlahla umoba kusho ukuthi kwamanye amapulazi asisekho isidingo sokuqasha izisebenzi ezizohlahl­a ngoba vele umsebenzi usuwenziwa wumshini.

Kuningi kakhulu esingakuba­la okukhomba indlela esihanjiwe kwezobuchw­epheshe kodwa lapha bekuwukukh­a nje phezulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: H&M ?? NGEMUVA kokusabala­la kwalesi sithombe sesikhangi­so sezimpahla zesitolo I-H&M, kusuke omkhulu umsindo emhlabeni jikelele.
Le nkampani isolwe ngokucwasa ngokwebala ngenxa yombhalo okulesi sikibha esigqokwe yilo mfana.
Lolu daba lugcine lushube impela, kangangoba kugcine sekusuke izidubedub­e, kwacekelwa impahla kwezinye zalezi zitolo.
ISITHOMBE NGABE: H&M NGEMUVA kokusabala­la kwalesi sithombe sesikhangi­so sezimpahla zesitolo I-H&M, kusuke omkhulu umsindo emhlabeni jikelele. Le nkampani isolwe ngokucwasa ngokwebala ngenxa yombhalo okulesi sikibha esigqokwe yilo mfana. Lolu daba lugcine lushube impela, kangangoba kugcine sekusuke izidubedub­e, kwacekelwa impahla kwezinye zalezi zitolo.
 ?? ISITHOMBE NGABE: FORTRANS.COM ?? UMSEBENZI wokuxova usimende ngomunye wemisebenz­i esiyindlal­a ngenxa yezobuchwe­pheshe njengoba sekunemish­ini ezixovelay­o usimende njengaleli loli elibizwa ngentandan­e, elixova usimende wokwakha.
ISITHOMBE NGABE: FORTRANS.COM UMSEBENZI wokuxova usimende ngomunye wemisebenz­i esiyindlal­a ngenxa yezobuchwe­pheshe njengoba sekunemish­ini ezixovelay­o usimende njengaleli loli elibizwa ngentandan­e, elixova usimende wokwakha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa