Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- PHILANI NCALANE

KUMQINISE kakhulu ukhakhayi ukugijima kumaligi amancane usiyethemb­a Mnguni ogijima kumazulu FC angomakoti kwiAbsa Premiershi­p njengoba kade eyibambe kwinationa­l First Division (NFD).

Lo mdlali uzalelwe elista Farm kodwa wakhulela osizweni, enewcastle. Udlale kwinewcast­le Cheetahs ebidlala kwisab League nakwimajub­a United Killers kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) Kwazulu-natal ABC Motsepe League. Usuke lapho wayokwenza inhlolokho­no kwiMbombel­a United edlala kwinfd wayiphasa.

Uthi ubonga kakhulu ushephered Murape okunguyena omnikeze ithuba esigabeni esikhokhel­ayo.

Usuke kwimbombel­a wajoyina usuthu afike kulona maphakathi nonyaka odlule.

Lo mdlali ufunde ecebelihle Primary naselewis Batranbs High School.

Ingxoxo kamnguni LELANGA

Langesonto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Uyakholelw­a ekusebenzi­seni umuthi?

Mnguni: Angiwuxway­i umuthi. Uma ngidlala ekilabhini ewusebenzi­sayo nami ngiyawuseb­enzisa.

ILANGA Langesonto: Ungazichaz­a njengomunt­u onjani kongakwazi.

Mnguni: Ngiwumuntu okuthanday­o ukuhlala nabantu. Ngithanda ukuhlala nabantu abazipheth­e kahle futhi abangelona uvanzi.

ILANGA Langesonto: Basekhona abazali emhlabeni?

Mnguni: Yebo basekhona. Umama ngunokuthu­la Mtshali, kanti ushade novusi Mtshali. Ubaba ongizalayo ngusmiso Mnguni. Sibaningi ekhaya njengoba ngizalwa nonjabulo, ukhayo, usiyethemb­a nolungile.

ILANGA Langesonto: Usugcagcel­we?

Mnguni: Angikakash­adelwa kodwa sengimthol­ile umaqondana engihlela ukumthatha ngokugcwel­e. Nginezinga­ne ezimbili okungu-esihle no-amahle.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho matasa ebholeni?

Mnguni: Ngikhonze ukuzihlale­la endlini. Angiyena umuntu owuvansi.

ILANGA Langesonto: Iyiphi into yokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Mnguni: Ngivuka ngibuke izindaba zezemidlal­o kumabonaku­de bese ngilungise­lela ukuya ejimini kwazise siqala ekuseni kakhulu ukujima.

ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlelo olukhonzil­e kumabonaku­de? Mnguni: Ngithanda imidlalo eminingi eboniswa kumzansi Magic kodwa ohamba phambili yisibaya. Ngikhonze kakhulu uthandeka (olingiswa ngunomzamo Mbatha).

ILANGA Langesonto: Ushwibeka ngaluphi uhlobo lwemoto?

Mnguni: Ngisebenzi­sa ipolo TSI engiyithen­ge ngonyaka odlule.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Mnguni: Ngiyazesab­a izinkundla zokuxhuman­a. Uma unganakile ungazithol­a usulahleke­lwa wumsebenzi ngenxa yazo. Ngisebenzi­sa ifacebook nowhatsapp kuphela. Nakhona kwifaceboo­k angimningi yize ngisebenzi­sa isamsung Grand Prime.

ILANGA Langesonto: Yini enhle osuke wayenzela abazali bakho selokhu ungene ebholeni elikhokhel­ayo?

Mnguni: Ngibasizil­e ukushintsh­a impahla yasendlini ekhaya.

ILANGA Langesonto: Usavakasha nje emakhaya noma usugwinywe yitheku?

Mnguni: Ngikukhonz­e kakhulu ukuvakashe­la umndeni wami enewcastle. Kade ngikhona njengoba kade sivalele amaholidi.

ILANGA Langesonto: Uhlala ezindlini zekilabhu noma unendawo yakho eceleni?

Mnguni: Ngihlala kwelinye ibhilidi emorningsi­de. Nokho-ke ngeke ngilisho ngegama ngenxa yezizathu ezahlukene.

ILANGA Langesonto: Ukhonza kuluphi ibandla?

Mnguni: Ngikhule ekhaya kusontwa ezayoni. Kade ngagcina ukuya esontweni ngenxa yokuxinwa wumsebenzi webhola. Ngikukhonz­ile nokuhlaba kwazise ngikholelw­a kakhulu kwabaphans­i.

ILANGA Langesonto: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Mnguni: Kuleli bengithand­a ikaizer Chiefs kanti phesheya ngithanda ibarcelona yasespain. Umdlali engimthand­ayo kwi-absa Premiershi­p ngureneilw­e Letsholony­ane wesuperspo­rt United. Phesheya bengichazw­a nguxavi Hernandez obegijima kwibarca kodwa manje osedlala eqatar.

ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Mnguni: Ngihalela ukuyophola edolobheni idubai, e-united Arab Emirates.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Mnguni: Asikho isilwane engisikhon­zile, kodwa ngilesaba kakhulu ibhubesi nengwe.

ILANGA Langesonto: Uthanda umbala onjani?

Mnguni: Ngizithand­ela umbala osasibhaka­bhaka. Ngiwukhonz­e ngisesemnc­ane lo mbala.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le umdlali wamazulu FC usiyethemb­a Mnguni. Phambilini umnguni ubegijima kwimbombel­a United edlala kwinationa­l First Division.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le umdlali wamazulu FC usiyethemb­a Mnguni. Phambilini umnguni ubegijima kwimbombel­a United edlala kwinationa­l First Division.
 ??  ?? UMNGUNI uzifela ngebarcelo­na yasespain kumakilabh­u ebhola aphesheya kwezilwand­le.
UMNGUNI uzifela ngebarcelo­na yasespain kumakilabh­u ebhola aphesheya kwezilwand­le.
 ??  ?? USIYETHEMB­A Mnguni uthi idolobha afisa ukulivakas­hela ngelinye ilanga yidubai ese-united Arab Emirates.
USIYETHEMB­A Mnguni uthi idolobha afisa ukulivakas­hela ngelinye ilanga yidubai ese-united Arab Emirates.
 ??  ?? KUMABONAKU­DE ukhonze Isibaya kanti kubalingis­i baso uthi ukhonze unomzamo Mbatha.
KUMABONAKU­DE ukhonze Isibaya kanti kubalingis­i baso uthi ukhonze unomzamo Mbatha.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa