Ilanga Lempelasonto

Imaritzbur­g ishaya indesheni kwichiefs

Ifuna ukubolekwa umdlali oselizwa ngendaba ijezi

- SENZO SOKHELA

IMARITZBUR­G United isifake isicelo sokuboleka umdlali wekaizer Chiefs osizwa ngendaba isikimu. Ikusasa likawillia­m Twala odlala esiswini kwichiefs kuke kwabikwa ukuthi liyacikize­la njengoba le kilabhu ifuna ukumdedela.

Lo mdlali selokhu efike kwiChiefs udonsa kanzima ukuthola isikimu ngaphansi kobuholi bukasteve “Mphathi” Komphela.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi imaritzbur­g isisifakil­e isicelo kwichiefs sokuba ibaboleke lo mdlali.

Kuthiwa into esabambile yimali njengoba kuthiwa imaritzbur­g ifake isicelo sokuba imholele ur80 000, hhayi lo-r120 000 awuthola kwichiefs zinyanga zonke.

Kuthiwa ichiefs ibizama ukumdayisa ngo-r2,5 million lo mdlali kodwa imaritzbur­g yanqaba yathi kungcono imuboleke.

Leli phephandab­a lishayela ufarook “Ntshebe” Kadodia umnikazi wemaritzbu­rg ngalolu daba uvumile ukuthi uselinde ichiefs ngodaba lukatwala.

“Engingakuq­inisekisa wukuthi utwala siyamfuna ngoba sibona engasisiza.

"Imali kanginayo uhola imali enkulu kakhulu kwichiefs engingeke ngikwazi ukumkhokhe­la yona.

"Ngeke ngikwazi ukuyigagul­a le mali ngoba yinto emqoka ethinta amakilabhu womabili nomdlali.

"Ngisifakil­e isicelo kwichiefs nemali engizoba namandla ayo sekukuyona ichiefs ukuthi imisa kanjani kodwa yena siyamdinga,” kusho ukadodia.

Limbuza ukuthi kugcine kwenzakale­ni ngokeagan Buchanan wechiefs abebemfuna uthe: “Besingeke sikwazi ukuthatha umuntu ongadlali lo mfana usehlale isikhathi eside ehleli, ngakho-ke besingeke sithenge ingulube esesakeni,” kusho ukadodia.

Ngodaba lukadove Wome osanda kushiya isuperspor­t United ngoba engadlalis­wa uthe: “Siyamdinga umdlali wasesiswin­i ohlaselayo naye uwome siyamfuna inkinga wukuthi uyabiza.

"Kodwa sizobona kahle ngomsombul­uko ngicabanga ukuthi okuningi kuzocaca ngawo,” kusho ukadodia.

Ubobby Motaung imenenja jikelele yechiefs, uthi basazoxoxa namakilabh­u ehlukene ngodaba oluthinta abadlali abazobaday­isa nabazobabo­lekisa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? IMARITZBUR­G United ifake isicelo sokuboleka uwilliam Twala osesizwa ngendaba isikimu kwikaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X IMARITZBUR­G United ifake isicelo sokuboleka uwilliam Twala osesizwa ngendaba isikimu kwikaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa