Ukhala ngabagadli owosuthu
UKHALA ngokumba eqolo kwabagadli abagaqele umqeqeshi wamaZulu FC abhekene nomdlalo obukeka unzima we-absa Premiership.
Usuthu luzogadulisana nebaroka FC namuhla ngesonto ngo15h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.
Usuthu luya kulo mdlalo izinto zingahambi kahle njengoba imiphumela iluphika.
Luhlulwe ngo-2-0 ngeledlule yichippa United eking Zwelithini Stadium, emlazi.
Ibaroka nayo iya kulo mdlalo zibhimba izinto njengoba itaxwe ngo-3-1 yi-orlando Pirates ngeledlule e-orlando Stadium, esoweto.
Ucavin Johnson ocija usuthu ekhuluma naleli phephandaba ukhale ngokumba eqolo kwabagadli abafunayo.
“Ikilabhu yethu idlala kahle inkinga yiphambi kwamapali lento iyangikhathaza emoyeni.
"Sikwenza konke ejimini kodwa uma sesifika emdlalweni livele lingavumi ukungena igoli.
"Uma ubheka umdlalo wechippa sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangavalela ngisho elilodwa ichippa yathola amabili nje vo yawabeka enethini.
"Njengamanje simatasa sithungatha umgadli kodwa kunzima ngoba bamba eqolo.
"Kunesinabo ohlwini lwethu bangaphandle nabakuleli kodwa kunzima ngoba bayabiza.
"Ngisaba ngisho ukubabiza ngamagama ngoba kungavele kunyuke nemali,” kusho ujohnson.
Limbuza leli phephandaba ukuthi ngabe kuyiqiniso kangakanani ukuthi ufuna udove Wome osanda kushiya isupersport United uthe: “Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu futhi ngiyamthanda kodwa angikholwa ukuthi okwamanje sidinga umdlali onjengaye.
"Uma ubheka kahle selokho esuke kwifree State Stars kumasizini ambalwa edlule akakaze abe nalo uzinzo wehla enyuka, Kodwa yibhola leli kwenzeka noma yini ngeke ngazi,” kusho ujohnson.
Uthi umdlalo webaroka kuzofanele bawunqobe.
“Ukuze sinqobe lo mdlalo kuzofanele sisebenze ngokwengeziwe ngoba ibaroka iyingozi ekhaya.
"Kodwa-ke nginethemba lokuthi sizobuya nokuthile kulo mdlalo,” kubeka ujohnson.
Ukgoloko Thobejane ocija ibaroka uthi ngisho esekhala amaZulu ngeke abahlulele ekhaya.
“Engingakusho nje wukuthi amazulu azosinika amaphuzu amathathu bese ephindela ethekwini,” kusho uthobejane.