Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUFANELE inconywe kakhulu isouth African Football Associatio­n (Safa) ngokukhomb­isa ubuholi obuqotho ngokuguqul­a isinqumo ngokusinga­thwa komhlangan­o wokukhetha ubuholi obusha.

Ubuholi bukadanny Jordaan ongumengam­eli wale nhlangano buphelelwe yisikhathi ngonyaka odlule.

Sithusile isinqumo sokuthi ubuholi obusha buzokhethw­a kulo nyaka ngemuva kwemidlalo yendebe yomhlaba ezokuba serussia. Lokhu kwenze kwabukeka sengathi ubuholi bufuna ukuzimelel­a emandleni.

Abaholi base-afrika bayaziwa ukuthi kabafuni ukuphuma ezikhundle­ni kwazise kuthiwa bathi imali yasebholen­i kayinamnik­azi.

Ngemuva kokuba ibafana Bafana ingakwazan­ga ukuya kwindebe yomhlaba, isafa inqume ukuthi ubanjwe ngokushesh­a umhlangano wokukhetha ubuholi obusha.

Lo mhlangano uzokuba mhla zingama-24 kundasa (March) kophezulu.

Lesi sinqumo siletha ithemba lokuthi ubuholi obukhona abufuni ukuba buze bududulwe ehhovisi njengoba kwenzekile ku-issa Hayatou wasecamero­on obenguMeng­ameli weconfeder­ation of African Football (Caf).

Kungaba kuhle nxa abaholi abagaqede izikhundla bezoyeka umkhuba wokunyunde­lana nokuzondan­a.

Umuntu ozokuba ngumengame- li kufanele akuqonde ukuthi ungumholi wazo zonke izifunda kubandakan­ya nalezo ezingamvot­elanga.

Isimo esenzeke kwisafa ethekwini ngemuva kokungamvo­teli ujordaan kasithandi ukusibona ngemuva kokhetho lwanonyaka.

Yize bengakaqin­isekiswa bonke abagaqede isikhundla kodwa kubukeka umbango uzokuba phakathi kukajordaa­n nenkosi Mwelo Nonkonyane esiphumele obala ngokuthi isigaqele lesi sikhundla.

Abanye baphakamis­a ukuthi lesi sikhundla siphathwe ngulucas Radebe ngoba ulidlalile ibhola, kanti abanye kuthiwa bebenxenxa isinyenyel­a utokyo Sexwale ongusomabh­izinisi.

Usexwale ngeke akwazi ukukhethel­wa kulesi sikhundla ngo- ba kudingeka umuntu oseqede iminyaka elishumi esezinhlak­eni zebhola.

Abukeka emakhulu amathuba okuthi ujordaan abuyele. Yize kukuningi okonakele ngaphansi kwakhe kodwa kuningi futhi okuhle esikubonil­e kwenzeka.

Amaqembu esizwe enze kahle njengoba ekwazile ukungenela imiqhudelw­ano emqoka. Ukwazile nokuguqula isimo sezimali njengoba engene le nhlangano ibhekene nezinkinga zemali.

Ukwazile ukuthungat­ha abaxhasi nokugcina abebekhona.

Nokho-ke ngeke silikhohlw­e iqhaza lakhe ezinkingen­i zaseThekwi­ni nakwezinye izifunda nokuthi uke wasolwa ngokudlwen­gula ujennifer Ferguson obeyilungu lephalamen­de. Siyethemba ukuthi ubuholi obusha buzosebenz­ela ukudala ubumbano kwisafa nokuthuthu­kisa unobhutshu­zwayo.

Lo mdlalo kawusathut­huki emazingeni ephansi ngenxa yemibango yezikhundl­a oqala kumalocal Football Associatio­n, ezifundeni, ezifundazw­eni kuze kuyofika kuzwelonke. Kungaba kuhle ukuthi ikwazulu-natal ilusingath­e ngobunono ukhetho lobuholi bayo obusha ukugwema ukuklwebha­na.

Okuhle ngekwazulu-natal wukuthi kuheleza umoya wobunye kubaholi bezifunda. Izinkinga zisethekwi­ni kuphela njengoba linezinhla­ka ezimbili zobuholi okuyinto ujordaan okungamtha­tha imizuzu embalwa ukuyilungi­sa kodwa ulokhu ethalalisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa