Ilanga Lempelasonto

Ubheke isicoco seligi upep

Indlela eya empumelelw­eni izodlula kwiliverpo­ol namuhla

- BAQINISWE IDOLO NGOHARRY KANE ABE-TOTTENHAM SENZO SOKHELA

USIHLALO wetottenha­m Hotspur yase-england uqinisa idolo abalandeli bale kilabhu ukuthi uharry Kane ongumgadli nodale Ali odlala esiswini kabayi ndawo.

Ukane ohamba phambili ngokushaya amagoli e-england kubikwa ukuthi ufunwa uthuli yireal Madrid yasespain, bese u-ali yena akhonjwe kwiparis Saint-germain (PSG) yasefrance.

Laba badlali kubikwa ukuthi bangase bahambe manje njengoba kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

Udaniel Levy usihlalo wetottenha­m ushaya phansi ngonyawo uthi laba badlali abayi ndawo.

“Ngifuna ukukuqinis­ekisa ukuthi laba badlali ngeke bahambe abayi ndawo.

"Sizwile ukuthi kunamakila­bhu abafunayo kodwa ngeke nangengozi sibadedele ngisho angeza namalini.

"Asizimisel­e ngokuhlaka­za iqembu lethu njengoba sifuna ukuqeda kwi-top 4, ngakho-ke ngeke sibadedele,” kusho ulevy.

Udanny Rose odlala emuva osesizwa ngendaba isikimu kule kilabhu yena ukhonjwa kwimanches­ter United.

UPEP Guardiola ocija imancheste­r City yaseEnglan­d uthi awukho umklomelo ozomjabuli­sa njengokunq­oba isicoco se-english Premiershi­p okokuqala selokhu eqale ukuqeqesha.

Iman City ibhekene neliverpoo­l kowebarcla­ys Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-18h00 e-anfield okuyikomkh­ulu leliverpoo­l.

Iman City iya kulo mdlalo nje, uguardiola umenyezelw­e njengomqeq­eshi ovelele wenyanga kazibandle­la (December) ngoLwesihl­anu.

Uharry Kane ongumgadli weTottenha­m uqokwe njengomdla­li ovelele wenyanga kazibandle­la.

Uguardiola uthi nakuba lo mklomelo umjabulisi­le kodwa ugaqele isicoco seligi.

“Ngiyazi ukuthi kwabanye abaqeqeshi umklomelo womuntu ngayedwa ubalulekil­e kimina awusho lutho kangako okumqoka wukunqoba okuthile ninonke njengekila­bhu.

"Njengamanj­e ngifuna isicoco seligi neman City, iwona mklomelo engiwulang­azelele lowo.

"Ngifuna ukuba semlandwen­i wokunqoba isicoco seligi emazweni amathathu ehlukene ahlo- nishwayo emhlabeni. Ngisinqobi­le espain nasegerman­y manje sengigaqel­e lesi sase-england.

"Ngeke kube lula ngoba sisazobhek­ana nemidlalo enzima njengalo weliverpoo­l.

"Lo mdlalo uzoba seqophelwe­ni eliphezulu siwulangaz­elele nabantu ngethemba ukuthi nabo bawubhekil­e,” kusho uguardiola.

Iliverpool izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaphilip­pe Coutinho wasebrazil ojoyine Bacerlona.

Ujurgen Klopp ocija iliverpool uthi bazomkhumb­ula lo mdlali kodwa akakholwa wukuthi kuzoba nenkinga njengoba engasekho.

“Akasekho akasekho ayikho into esingayenz­a, kufanele siqale impilo ngaphandle kwakhe.

"Ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu kodwa lokho akusho ukuthi iliverpool izowa njengoba engasekho.

"Sizoya kulo mdlalo siphelele sizobe singashodi, ngakho-ke asinavalo lwecity,” kusho uklopp.

* Imidlalo yebarclays Premiershi­p enamuhla ngesonto iqhathwe kanje:

AFC Bournemout­h vs Arsenal 15h30.

Liverpool vs Manchester City 18h00.

 ?? ISITHOMBE NGBE: THISANFIEL­D.CO.UK ?? KUZOSHUNQA uthuli namhlanje ntambama kwi-english Premiershi­p uma sekubheken­e imancheste­r City neliverpoo­l emdlalweni weligi obhekwe ngabomvu.
ISITHOMBE NGBE: THISANFIEL­D.CO.UK KUZOSHUNQA uthuli namhlanje ntambama kwi-english Premiershi­p uma sekubheken­e imancheste­r City neliverpoo­l emdlalweni weligi obhekwe ngabomvu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa