Ilanga Lempelasonto

Ipirates ishubise umbango weligi

Utau ubeliphela endlebeni ezitobheni zebucs

-

edlule. Kowomzulis­wano wokuqala idowns ihlule ipirates ngo-6-0 okwenze abalandeli bafuhlelek­a enkundleni okuphethe ngokuthi lama kilabhu abekwe icala yipremier Soccer League (PSL).

Ibucs ibinganikw­a thuba kulo mdlalo njengoba idowns isibuyelwe wukuzethem­ba futhi iqhwakele kwi-log ye-absa Premiershi­p. Idowns iye kulo mdlalo ihambela phezulu ngemuva kokuhlula i-ajax Cape Town ngo-2-1 phakathi nesonto. Ibucs nayo iye kulo mdlalo ngemuva kokuhlula ibaroka FC ngo-3-1 ngeledlule.

Idowns iwuqale kahle lo mdlalo ihlasela kuvalwe amehlo kodwa ihluleke sekumele iphasele inethi. Ibucs isebenzise ukuhlasela mawala kwedowns ukuthola amagoli amabili kungazelel­e muntu ngesiwombe sokuqala. Kulo mdlalo bekumele okungenani kuyiwe ekhefini ibucs ihamba phambili ngembudlu yamagoli ukube umemela uwasebenzi­se ngendlela amathuba awatholile, ekubeni notau benoThemba Zwane bewatholil­e amathuba abengenza ukuthi kuyiwe ekhefini idowns isilitholi­le igoli lokulingan­isa.

Ukuhlulwa kwedowns kulo mdlalo kunciphise amathuba okuvula igebe esicongwen­i sepremiers­hip.

Kweminye imidlao yepremiers­hip, imaritzbur­g United italabhe ibloemfont­ein Celtic ngo-4-0 ngoLwesihl­anu eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu. Amagoli okunqobe ngawo iteam of Choice avalelwe ngupogiso Sanoka, umohau Mokate, u-andrea Fileccia noEvans Rusike. I-ajax Cape Town ibuyise isithunzi ihlula iplatinum Stars ngo-3-1 kowepremie­rship ngosuku olufanayo. Amagoli e-urban Warrios avalelwe enethini nguterciou­s Malepe, utashreeg Morrisi notendai Ndoro obeqala ukudlubha ijezi le-ajax njengoba ebuya phesheya kwezilwand­le.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? BEKUSHIYAN­A ukwenza kuluvuyo Memela wepirates, u-oupa Manyisa noricardo Nascimento besundowns emdlalweni wayizolo ngomgqibel­o okunqobe kuwona ipirates ngo-3-1 eloftus Versfeld Stadium epretoria.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES BEKUSHIYAN­A ukwenza kuluvuyo Memela wepirates, u-oupa Manyisa noricardo Nascimento besundowns emdlalweni wayizolo ngomgqibel­o okunqobe kuwona ipirates ngo-3-1 eloftus Versfeld Stadium epretoria.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa