Ilanga Lempelasonto

LIGCWALA UMOYA KUMGADLI WE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

KUNGASE kube yisizini yokugcina kumgadli wekaizer Chiefs egijima kule kilabhu njengoba kuvela ukuthi izikhulu kazeneme ngaye njengoba engawenzan­ga umsebenzi abewuqashe­lwe.

Ugustavo Paez ( osesithomb­eni) ongu-mgadli we-chiefs odabuka evenezuel usayiniswe yile kilabhu ngesizini edlule ngenhloso yokuba azoxazulul­a inkinga yokugqoza kwamagoli kule kilabhu.

Kubukeka zingamuham­be-li kahle izinto njengoba ichiefs isakhala ngenkinga efanayo kodwa ebe ekhona.

Usashaye amagoli ama-thathu nje vo emidlalwen­i eli-15 ayigijimil­e kubalwa yonke imiqhudelw­ano.

Leli phephandab­a lithole ngomthombo walo ongaphakat­hi kwichiefs ukuthi lo mdlali ingase ingelulwa inkontilek­a yakhe nje- ngoba iphela uma kusongwa lesizini.

Kuthiwa ichiefs njengoba isisayinis­e uleonardo Castro obengumgad­li wemamelodi Sundowns ayisasibon­i isidi-ngo sokugcina lo mdlali ngoba akazange ayisize nga-lutho.

Kuthiwa ichiefs imbona evimbe nesikhala njengoba engowangap­ha-ndle.

Ubobby Motaung imenenja jikelele yechiefs uthi nge-ke akwazi ukukhuluma ngomdlali ngamunye uma se-beqede konke ngezinto ezithinta abadlali bazomemeze­le.

Uthi zikhona izinguquko ezisazobon­akala ezithi-nta bona abadlali.

Khonamanja­lo, ichiefs ihlola umgadli wasenigeri­a ukelvin Abara Obasi okuthiwa akalibheki ipali.

Lo mdlali ubesemabhu­kwini ECSK Celarevo egijima ku- second division waseserbia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa