Kusolwa utshwala kubhuntsha olwedistruction Boyz
Nezindondo Babuye
LUBHUNTSHE kabuhlungu uhambo oluyingqayizivele lwabashayi begqomu basethekwini abasematheni kulezi zinsuku.
Idistruction Boyz esanda kuhlukanisa unyaka eziteshini ezahlukene zemisakazo okubalwa kuzona ukhozi FM, ihlulekile wukuya emcimbini wokuklonyeliswa kwamaciko obizwa ngokuthi yisoundcity MVP Awards Festival, obuselagos, enigeria ngolwesihlanu kusihlwa.
Kulo mcimbi leli qembu linqobile emunxeni webest Group lahlabana ngendondo kanti omunye umculi obuye nendondo ngucasper Nyovest kwibest Hip Hop. Imithombo YELANGA
Langesonto esondelene naleli qembu ithi ngolwesibili ebusuku elinye ilungu laleli qembu lihambe laya e- studio e-afrotainment, liyosebenza, lafike lagonxa utshwala kwaze kwasa.
Kuthiwa libuye likhathele ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi obekumele kuhanjwe ngaso.
“Okungiphatha kabi wukuthi laba bafana bebezobe beya okokuqala enigeria kodwa akusenzekanga lokho. Ngaphandle kwalokho bebezobe bemukela indondo yabo yokuqala ngqa,” kuchaza umthombo osondelene nabo.
“Ngabe kungcono ukube nginalo izwi kubona, bengizobabonisa ukuze bengaphambuki ngoba umphakathi usezwa ngabo okwamanje kanti uma usuphumile kubona uzobakhohlwa,” kuqhuba umthombo.
Ulindo Buthelezi owaziwa ngodogg Dbn osebenza naleli qembu, ukuqinisekisile ukuthi lubhuntshile uhambo kodwa wangafuna ukuphumela obala ngesizathu.
“Kumele ngabe sisuke ngolwesithathu ekuseni kodwa akwenzekanga. Ngeke ngande kakhulu ngoba akusiwona umsebenzi wami ukuphawula, ungafonela bona,” kushaya udogg Dbn ngamafuphi.
Omunye wamalungu aleli qembu, uthobani “Que” Mgobhozi, uzwakalise ukuphoxeka okukhulu ngokwehluleka kwabo ukuya kulo mcimbi abebemenywe kuwona.
“Besizobe siqala ukuya enigeria. Inkinga wukuthi basithumelele imininingwane yebhanoyi isikhathi singasekho, sangabe sisakwazi ukuhamba, saqhubeka nezinye izinhlelo,” kuchaza uque.
Uthi babathumelile isixoliso abahleli bomcimbi esizodlala kumabonakude ozobe usakaza isoundcity MVP Awards.
Omunye umthombo uthi imininingwane yebhanoyi ithunyelwe kusenesikhathi, kodwa laba bafuna amathikithi e- business class, nawo agcine efikile kodwa bangabe besahamba.
OMUNYE WABO UGONXE UTSHWALA KWAZE KWASA.
NAKUBA kuhlomule kakhulu abaculi basenigeria udavido, Olamide nowizkid emncintiswaneni wezindondo zabaculi baseAfrika yonkana, emcimbini obuseLagos, enigeria, obizwa ngokuthi yi-soundcity MVP Awards, nabalapha eningizimu Afrika baqophe umlando.
Lo mcintiswano ohlanganisa zonke izingwazi ubuse-eko Convention Centre, ehhotela lakhona elidumile i-eko Hotel & Suites evictoria Island.
Abaningi bakuleli bebeqala ngqa nokuqokwa kwizindondo ezikuleli zinga kanti bayimele kahle abanye iningizimu Africa njengoba bebuye nazo izindondo, abanye banandisa bukhoma bebukwa wumhlaba.
Phakathi kwabakuleli abebeqokiwe ngubabes Wodumo nobucie kweyebest Female nethathwe ngutiwa Savage wakhona enigeria; ngunasty C, AKA, nokwesta baqokwe kweyebest Hip Hop enqotshwe ngucassper Nyovest waseningizimu Afrika.
Usun El Musician ft Samthing Soweto (Akanamali), AKA & Anatii bebeqokwe kweyebest Collaboration enqotshwe nguSarkodie ft Runtown, waseghana, ngengoma ethi Pain Killer.
Ucassper Nyovest NO-AKA bebencintisana kweyedigital Artist of The Year enqotshwe nguwizkid. Unasty C, Aka & Anatii, Frank Casino & Riky Rick nokhuli Chana bebebanga kweyevideo of the Year ehlwithwe ngudavido. Imafikizolo, imicasa bebebambene kweyebest Group or Duo ehlwithwe yidistruction Boyz neqophe umlando njengoba kuyindondo yayo yokuqala le.
Ubhizer ft Busiswa nosc Gorna nobhepepe (Gobisiqolo), Sun El Musician ft Samthing Soweto bebefakwe kweyesong of the Year enqotshwe ngudavido.
Unadia Nakai ubefakwe eqoqweni labebencintisana kweyeBest New Artist enqotshwe nguMaleek Berry wakhona enigeria.
Unasty C nobhizer baphinde bangena kweyelisteners’ Choice ehlwithwe nguwo-olamide wakhona enigeria.
UDJ Maphorisa ubencintisana nabakwawamanye amazwe emunxeni we-african Producer of the Year onqotshwe nguyoung John wasenigeria.
Nasemunxeni omkhulu we-african Artist of the Year okunqobe kuwo udavido, iningizimu Africa ibimelwe ngucassper Nyovest noze waba yingxenye yabenze ama- interview bukhoma.
Kule interview uthe le ndondo ayitholile imenza azizwe enethemba elikhulu ngonyaka wezi-2018 njengoba iqinisekisa ukuthi usezingeni eliphezulu e-afrika. UMR Fillup (Cassper), Emtee babe yingxenye yabaculi abacule bukhoma kulo mncintiswano.
zowakha@ilanganews.co.za