USOLWA NGOMKHANKASO WOKUBHIDLIZA UZALO
Bathi utheza kulo abalingisi
USOLWA ngokuba semkhankasweni wokuqumba phansi umdlalo kamabonakude uzalo, uduma Ka Ndlovu, okuthiwa uwola okhilimu abalingisa kulo mdlalo, uyobafaka emdlalweni wakhe omusha awuvubelayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uduma Kandlovu, ongumqondisi wemidlalo kamabonakude odumile, akahambanga kahle kulo mdlalo.
Kuthiwa lokhu yikho okudala ukuthi abuye ngeshodi, esekhuculula bonke okhilimu abalingisa kuzalo olukhonjiswa KUSABC 1 nsukuzonke kugamenxe elesi-8 kusihlwa, phakathi nesonto.
Umthombo ongashayi eceleni uthi uduma uqoqa kwasani, uqoqela umdlalo wakhe omusha obizwa ngembewu okuthiwa uzodlisela ogageni lona uzalo.
Phakathi kwabadlali okuthiwa sebevele bayingxenye yalo mdlalo kubalwa umpumelelo Bulose noleleti Khumalo okuthiwa ufike wagixabezwa ngesikhundla sokuba ngumqondisi omkhulu (executive pro- ducer).
Umthombo uthi iningi labalingisi abazivuselelanga izinkontileka zabo kuzalo ngoba sebeya kulo mdlalo omusha kaduma, kanti abanye kuthiwa bafuna amadlelo aluhlaza kwezinye izindawo.
“Indlela enza ngayo uduma uhamba emazwini akhe ayewashilo okuthi uzobakhombisa abaphathi bozalo ukuthi ungubani.
"Yingakho eze wabuyisa umpumelelo, njengoba kuzalo bamxosha ngoba efike naye, sebekhipha noma ngubani ofika naye (uduma), bafuna ukutshengisa amandla abo,” kuchaza umthombo.
Uqhuba uthi izinto zimapeketwane kuzalo, zaqala ukonakala esigabeni sesibili (season 2) ngesikhathi kuhamba uduma kandlovu.
Uthi lo mdlalo usuze wethiwa igama elithi uyi- spaza shop kanti egoli ubizwa ngekasi Story yaka-sabc 1.
Omunye umthombo nawo ongaphakathi kulo mdlalo uvumile ukuthi izinto kazihambi kahle kuzalo, abalingisi bayashiya.
“Kulo mdlalo omusha (Imbewu) kutonyulwe abantu abasebenza kuzalo okubalwa kubo osokhamera, abagqokisa abalingisi nabenza i- make up.
"Laba abasele banyuselwe ezikhundleni ngoba sekuhambe laba akade bengaphezu kwabo,” kuchaza umthombo.
Lo mdlalo omusha kuthiwa kunokwenzeka ukhonjiswe kuSABC 1 ngoba uzoncintisana nozalo, kanti futhi usuqaliwe ukushuthwa ethekwini.
Umthombo uthi umayelana nabafana ababili abangamawele, okuthi esekhulile elinye licebe lidle izambane likapondo, kuthi elinye lidle imbuya ngothi. Ngokuhamba kwesikhathi kugcina sekunengxabano enkulu.
Ethintwa uduma Ka Ndlovu ngodaba lwalo mdlalo ubuze intatheli ukuthi izithathaphi lezi zindaba ekhuluma ngazo.
Ube esecela ukuthi athunyelelwe imibuzo ngobhalonyazi kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli imibuzo athunyelelwe yona yintatheli.