Ilanga Lempelasonto

USOLWA NGOMKHANKA­SO WOKUBHIDLI­ZA UZALO

Bathi utheza kulo abalingisi

- THANDI ZONDI

USOLWA ngokuba semkhankas­weni wokuqumba phansi umdlalo kamabonaku­de uzalo, uduma Ka Ndlovu, okuthiwa uwola okhilimu abalingisa kulo mdlalo, uyobafaka emdlalweni wakhe omusha awuvubelay­o.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uduma Kandlovu, ongumqondi­si wemidlalo kamabonaku­de odumile, akahambang­a kahle kulo mdlalo.

Kuthiwa lokhu yikho okudala ukuthi abuye ngeshodi, esekhuculu­la bonke okhilimu abalingisa kuzalo olukhonjis­wa KUSABC 1 nsukuzonke kugamenxe elesi-8 kusihlwa, phakathi nesonto.

Umthombo ongashayi eceleni uthi uduma uqoqa kwasani, uqoqela umdlalo wakhe omusha obizwa ngembewu okuthiwa uzodlisela ogageni lona uzalo.

Phakathi kwabadlali okuthiwa sebevele bayingxeny­e yalo mdlalo kubalwa umpumelelo Bulose noleleti Khumalo okuthiwa ufike wagixabezw­a ngesikhund­la sokuba ngumqondis­i omkhulu (executive pro- ducer).

Umthombo uthi iningi labalingis­i abazivusel­elanga izinkontil­eka zabo kuzalo ngoba sebeya kulo mdlalo omusha kaduma, kanti abanye kuthiwa bafuna amadlelo aluhlaza kwezinye izindawo.

“Indlela enza ngayo uduma uhamba emazwini akhe ayewashilo okuthi uzobakhomb­isa abaphathi bozalo ukuthi ungubani.

"Yingakho eze wabuyisa umpumelelo, njengoba kuzalo bamxosha ngoba efike naye, sebekhipha noma ngubani ofika naye (uduma), bafuna ukutshengi­sa amandla abo,” kuchaza umthombo.

Uqhuba uthi izinto zimapeketw­ane kuzalo, zaqala ukonakala esigabeni sesibili (season 2) ngesikhath­i kuhamba uduma kandlovu.

Uthi lo mdlalo usuze wethiwa igama elithi uyi- spaza shop kanti egoli ubizwa ngekasi Story yaka-sabc 1.

Omunye umthombo nawo ongaphakat­hi kulo mdlalo uvumile ukuthi izinto kazihambi kahle kuzalo, abalingisi bayashiya.

“Kulo mdlalo omusha (Imbewu) kutonyulwe abantu abasebenza kuzalo okubalwa kubo osokhamera, abagqokisa abalingisi nabenza i- make up.

"Laba abasele banyuselwe ezikhundle­ni ngoba sekuhambe laba akade bengaphezu kwabo,” kuchaza umthombo.

Lo mdlalo omusha kuthiwa kunokwenze­ka ukhonjiswe kuSABC 1 ngoba uzoncintis­ana nozalo, kanti futhi usuqaliwe ukushuthwa ethekwini.

Umthombo uthi umayelana nabafana ababili abangamawe­le, okuthi esekhulile elinye licebe lidle izambane likapondo, kuthi elinye lidle imbuya ngothi. Ngokuhamba kwesikhath­i kugcina sekunengxa­bano enkulu.

Ethintwa uduma Ka Ndlovu ngodaba lwalo mdlalo ubuze intatheli ukuthi izithathap­hi lezi zindaba ekhuluma ngazo.

Ube esecela ukuthi athunyelel­we imibuzo ngobhalony­azi kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakaphen­duli imibuzo athunyelel­we yona yintatheli.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: 3.BP.BLOGSPOT.COM ?? KUTHIWA ushanela kwasani kuzalo uduma Ka Ndlovu ongumqondi­si omkhulu womdlalo umuvhango.
ISITHOMBE: 3.BP.BLOGSPOT.COM KUTHIWA ushanela kwasani kuzalo uduma Ka Ndlovu ongumqondi­si omkhulu womdlalo umuvhango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa