Ilanga Lempelasonto

Mayigxile embikweni kamadonsel­a ikhomishin­i

-

ABESEKA umengameli wezwe umnu Jacob Zuma sebemshaye­le ihlombe, bencoma isinqumo sakhe sokujuba ikhomishin­i yamajaji ukuba iphenye ngenkohlak­alo kuhulumeni nasezinkam­panini zombuso ezithinta umndeni wakwaGupta kanye nendodana yakhe unxamalala ududuzani.

Lesi sinqumo sikamsholo­zi silandela uphenyo olwenziwa ngumvikeli womphakath­i osewabeka phansi izintambo, u-adv Thuli Madonsela, owathola ukuthi kunezinsol­o zenkohlaka­lo, wabe esekhipha izincomo zokuthi umengameli Zuma ajube ikhomishin­i ezoholwa yijaji ukuze ziphenywe kabanzi lezi zinsolo.

Ngenxa yokuthi umnu Zuma uqobo lwakhe uyanukwa kulezi zinsolo zokusetshe­nziswa budedengu kwamandla ombuso kanye nokwebiwa kwemali yabakhokhi bentela, u-adv Madonsela wanquma ukuba kungabi ngumnu Zuma okhetha ijaji elengamela ikhomishin­i, kodwa kube yijaji eliphethe enkantolo yomthethos­isekelo, uchief Justice Mogoeng Mogoeng.

Sekugcine kwenzekile okwakushiw­o nguAdv Madonsela, isekela likachief Justice Mogoeng, umnu Raymond Zondo wajutshwa ukuba engamele le khomishini.

Siyathokoz­a nathi ngesinqumo sikamengam­eli, kodwa kubaluleki­le ukuthi kubekwe obala ukuthi usithathe hhayi ngoba ethanda, kodwa ngenxa yengcindez­i enkulu abebhekene nayo. Kuzokhumbu­leka ukuthi sekuphele unyaka golokoqo umengameli egqigqa ezinkantol­o, esebenzisa imali yabakhokhi­ntela, ezama ukuvimba ukuba le khomishini iqokwe, ukuze ukwazi ukuqala umsebenzi.

Yonke le mizamo yakhe yokuhudula izinyawo yehlulekil­e, izinkantol­o zimchitha. Umnu Zuma ubeshayisa­na ngisho neqembu elibusayo okade elihola, i-african National Congress (ANC), lona ebelifuna le khomishini ikuba iqokwe ngokushesh­a ukuze iqale uphenyo.

Sethemba ukuthi manje ngeke esaqhamuka nokubeka ezinye izihibe ukukhubaza ukuqala komsebenzi wekhomishi­ni. Sekunemibi­ko enganiki ithemba, eqhamuka kubalandel­i bakhe umnu Zuma, ekhuthaza ukuba ikhomishin­i ingabheki nje inkohlakal­o asolwa ngayo umengameli nabangani bakhe, kodwa iphenye neminye imibiko yenkohlaka­lo okuthiwa yenzeka ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Uma lokhu okushiwoyo kungaba yiqiniso kungabe kuyimizamo yokukhohli­sa abantu nokudukisa ikhomishin­i ukuze ingakwazi ukwenza umsebenzi wayo.

Okufanele kugqame wukuthi le khomishini imayelana nenkohlaka­lo ethinta abantu abasondele­ne nomnu Zuma naye uqobo. Ayigxile ekuphenyen­i lolu daba, hhayi okunye okuhloswe ngakho ukwedukisa abantu baseNingiz­imu Afrika.

Uma umnu Zuma nabalandel­i bakhe befisa ukuba kuphenywe ngenkohlak­alo eyenzeka ngesikhath­i sobandlulu­lo, unelungelo lokuqoka enye ikhomishin­i ukuba yenze lowo msebenzi, kasinankin­ga ngalokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa