Ilanga Lempelasonto

Masiqaphel­e izikhathi songe imali

-

SIYABINGEL­ELA onyakeni omusha, ngethemba lokuthi sonke siwuqala kahle, futhi ngomfutho okhombisay­o ukuthi kudala siwulindel­e.

Phela ngasekuphe­leni konyaka owedlule bese silokhu sithi hamba nyaka omdala ukuze samukele omusha.

Esikwaziyo nokho wukuthi noma kusuke kuyisikhat­hi esihle lesi, lapho wonke umuntu esuke ebona ngendlela entsha zonke izinto ezimayelan­a nempilo yakhe, kodwa sonke futhi siyazi ukuthi yona le nyanga ayize ingaba yinyanga emnandi kwabaningi.

Ziningi izizathu eziholela kulokho, esinye sazo wukungabi namali.

Uma ubuza ukuthi ngabe yini yona le eqeda imali, okuthi kufika lesi sikhathi sonke sibe sesikhala ubumayemay­e, ayize ingatholak­ala impendulo ecacile, kodwa kuye kube kungukuthi sonke kumele siqonde ukuthi siphuma esikhathin­i lapho siyisebenz­ise khona kakhulu.

Lesi sizathu siyiqiniso elingeke lize liphikwe kodwa okuyaye kuxake kakhulu wukuthi kanti yisoze sifunde nini ukusilungi­selela leso sikhathi esinengcin­dezi engaka yokusetshe­nziswa kwemali?

Ukulungise­lela leso sikhathi kusho ukuthi uyayazi imali ozoyiseben­zisela ukuthenga ngesikhath­i sikakhisim­uzi lapho wonke umuntu egijimela ukuyotheng­a ngaphandle kokucabang­ela ikusasa.

Ukuyazi imali ozoyiseben­zisa ngalesi sikhathi kusho ukuthi uyazi ukuthi uma kuqalwa unyaka sekubuyela izingane esikoleni, futhi nawe usubuyela emsebenzin­i kube wukuthi awunanking­a etheni yezezimali ngoba phela awuyiseben­zisanga budlabha, kodwa uyilondolo­zile.

Ukungasebe­nzisi budlabha imali ngozibandl­ela kukusiza ekutheni noma kukhalwa ngapha nangapha, kodwa wena ube nokuthula enhliziywe­ni yakho, kuze kufike isikhathi esilandela­yo sokuthola umholo.

Iseluleko enginaso kulesi sikhathi sokuqala konyaka, singu- kuthi zifundise ukuqaphela izikhathi.

Njengoba sisekuqale­ni konyaka, cishe wonke umuntu unezinqumo ezintsha, ngazo afisa ukwenza ngcono isimo sempilo yakhe, okungaba ngokwezezi­mali, ukuthuthuk­iswa kwemindeni, ukuthuthuk­isa imfundo kanye nokuningi okumayelan­a nempilo yakhe.

Kulezo zinqumo ezintsha esizithath­ile sonke, okubalulek­ile kakhulu wukuma kuzo, singazizib­i isikhathi sibe sihamba. Kuyoba yinto ebuhlungu ukuthi kade unezinqumo ezinhle kangaka ekuqaleni konyaka, kodwa ngenxa yokuvilaph­a kwakho, ugcine ungasukuma­nga isikhathi sisekhona, uphaphame sekuyophel­a usuyophela unyaka, abanye ontanga yakho sebekude nohambo olubheke empumelelw­eni.

Intshiseke­lo yokuba nezinqumo ezintsha onyakeni omusha kumele zihambisan­e nokusukuma kwakho, uzikhandle, uzincishe injabulo esikhathin­i sakho esiningi, ukuze uyigcinele isikhathi lapho uyobe usuvuna khona okuhle okutshalil­e ngezithuku­thuku zakho zonyaka wonke.

Izinsuku esizinikiw­e onyakeni ziningi ngokwanele ukuze ngazo sakhe ikusasa elihle, eliqhakazi­le nelingafis­wa ngabanye abantu. Sukuma kusemanje, ufingqe imikhono, ubheke ensimini, ushe umsebenzi. Uyozincoma ngokwenzen­jalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa