Ilanga Lempelasonto

ZIZOQINA EZOKUPHEPH­A E-ARTIZEN

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUZOQINISW­A ezokupheph­a endaweni yobumnandi ekwamashu, i-artizen Lounge, kulandela isiminyami­nya esisuke emcimbini wangesonto eledlule. Indaba yokuqinisw­a kwezokuphe­pha ivezwe ngumnikazi wale ndawo usiphiwe Mcanyana.

Lesi siminyamin­ya siphoqe ukuba abanye abantu bagcine bengangena­nga kulo mcimbi wedistruct­ion Boyz ebigubha impumelelo yayo njengoba i-albhamu yayo idayise yafinyelel­a kwigolide.

Umcanyana uthi ubone kufanele ukuba ashintshe ukwenza ngemuva kwalo mcimbi ukuze kugwemeke okwenzeke ngesonto eledlule nokungahol­ela ekulimalen­i kwabantu.

“Sizoqinise­kisa ukuthi ezokupheph­a ziseqhulwi­ni ngoba sifuna uma abantu beze e-artizen bangazitho­li behlukumez­eka nanoma yingaluphi uhlobo. Sibonile ukubalulek­a kokugcina isibalo saba- ntu singeqi kwesifanel­ekile,” kusho umcanyana.

“Akubona abantu bakwamashu kuphela abeza e-artizen kodwa baqhamuka ezindaweni ezahlukene, ngakho kumele baphatheke kahle ngaso sonke isikhathi,” kusho umcanyana.

Lo somabhizin­isi ukhuluma kanjena nje mhla zizine kunhlolanj­a (February) kuzoba nomunye umcimbi omkhulu kule ndawo lapho kuzokwe kwethulwa ngokusemth­ethweni ubudlelwan­o phakathi kweqembu lebhola likanobhut­shuzwayo Amazulu FC nesikhondl­akhondla somsakazo Ukhozi FM.

Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi nodj abanohlonz­e, phakathi kwabo okubalwa UDJ Tira, DJ Sox, Tipcee, Duncan, Distructio­n Boyz, Khuzani, DJ Bongz, Dladla Mshunqisi, DJ Nzwiri, DJ Cndo, DJ Mngadi, Mondli Ngcobo, DJ 15, DJ Oros nabanye.

Umcanyana uthembisa ukuthi kulo mcimbi nakanjani abantu bazophepha. Mayelana namahlebez­i athi usezinhlel­weni zokuyinweb­a indawo yakhe udalule ukuthi okwamanje akukho angakusho ngaphandle kokuthi usazoxoxis­ana nomakhelwa­ne bakhe kuqala ngaphambi kokuthatha isinqumo ngalokho. I-artizen Lounge ibalwa nezinye zezindawo zobumnandi ezihamba phambili Kwamashu namaphethe­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa