Ukhala ngokuzitshwa kwezinkakha
Uthi lisekhona iqhaza labalingisi abadala kumabonakude
IKHALA ngephutha elenziwa ngabakhiqizi bemidlalo kamabonakude baseningizimu Afrika, inkakha yomlingisi umabutho Kid Sithole ( osesithombeni).
Usithole osanda kubizwa emdlalweni owuchungechunge Uzalo okhonjiswa phakathi nezinsuku KISABC 1 uthi ukujabulele kakhulu ukubizwa kulo mdlalo ohamba phambili ngababukeli kuleli.
Kulo mdlalo usithole uzobe engumfundisi ozophatha uhlelo lomngcwabo kasmangele nomaNzuza kanti udalule ukuthi kube yintokozo enkulu kuyena ukubizwa ngabadidiyeli bawo umdlalo.
“Uyabona thina esikhulile kuyasijabulisa ukubona ukuthi abasikhohliwe.
"Kunzima ukuba wumlingisi osekhulile ngoba imidlalo eminingi isigabe ngabantu abasha,” kusho lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kamabonakude.
Uthi iphutha elenziswa ngabakhiqizi nabadidiyeli wukubashiya ngaphandle ekubeni kuseneqhaza abangalibamba nabo.
“Impilo yomuntu inomkhulu nogogo, umalume nomalumekazi ngakho imidlalo eminingi isikushaya indiva lokhu nokwenza sishiyeke ngaphandle emidlalweni eminingi,” kusho usithole engeza ngokuthi lokhu kugcina sekudala indlala enkulu kubalingisi asebekhulile.
“Uzwe sekuthiwe umlingisi othile ushone ehlupheka, okusuke kuyiqiniso ngoba vele ubengasawutholi umsebenzi.
"Uma kusenemidlalo efana noZalo esasikhumbula kuyasijabulisa kakhulu.
"Ngiyafisa sengathi bangangibiza njalo kulo mdlalo,” esho.
Uthi ungumlandeli walo mdlalo
“Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngithole ithuba lokuhlangana nomngani wami wakudala uglen Gabela (odlala indawo kamfu Mdletshe).
Sikhumbuzane ngezikhathi zethu senza umdlalo “Inkomo Edla Yodwa” esiyiqophe ngo-we-1980 nohenry Cele (ongasekho emhlabeni).
"Bekumnandi kakhulu ukusebenza nalaba balingisi,” kusho usithole.
“Nathi ngesikhathi sifika kulo mkhakha bekukhona abebekhulile kunathi abebesicathulisa sisebenza ngokubambisana, ngakho okwenzeka manje ukuthi abadala basale ngaphandle yiphutha elikhulu okumele lilungiswe ukuze nezingane ezikhulayo zazi ngokuthi umndeni umi kanjani,” ephetha.
Kulindeleke ukuba usithole abonakale kulo mdlalo ngomhla ziyi-16 kunhlolanja (February) esi- qeshini esiyisipesheli esizokhonjiswa ihora lonke.