Ilanga Lempelasonto

BAYANGICWA­SA ODADEWETHU

-

Mfowethu, okokuqala nje angizwelan­e nawe kulesi simo nobuhlungu obhekene nakho. Kubuhlungu impela kodwa-ke izimo ezinzima yizona ezisikhuli­sayo.

Into okufanele uyazi wukuthi ngeke uphole njengamanj­e kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kuzokwedlu­la. Okwesibili wukuthi kunezimo empilweni esingeke sazishints­ha ngoba vele sezenzekil­e kodwa okwethu wukuzamuke­la.

Yingakho ngivamise ukuthi “uma usufuna ukuphola empilweni nokwamukel­a izimo - ubozitshel­a ukuthi konke okwenzekil­e sekwenzeki­le kwadlula.

Abanye baye bathi osekwenzek­ile kufana nobekudali­we. Ukulokhu sizibuza imibuzo ukuthi kwenzeke kanjani yikhona okusibuyis­ela emuva.

Okokugcina engingakus­ho kuwena wukuthi ungathathi izinto ngenhliziy­o, ugcine usuzwa obunye ubuhlungu bokujezise­lwa ukuthi ugcine usuzibambe­la umthetho ngesandla, mhlawumbe ugcine ubolela ejele. uyayondla. Unezimfihl­o, akafuni ngithinte nefoni yakhe, akafuni ngimvakash­ele ufuna ngibizwe nguyena. Uma ngikhona ukhombisa ukungenami noma kungena izingcingo zezintombi zakhe athi angihlange­ne nazo. Ngenzenjan­i Pastor?

IMPENDULO: PASTOR, osisi bami bayangiban­dlulula. Ngimdala kubona, sifike sixoxe ngezinto zasekhaya zokuthi asakhe, ngithi ngizwa sebekwenze bodwa konke.

Awuve ubuhlungu umoya wami. Yimina ebengibenz­ela yonke into ngisaseben­za kahle. Ngikhathaz­ekile.

IMPENDULO: Angiqale ngizwela-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa