Ilanga Lempelasonto

Uzalwa nezintombi zodwa ugumede

- PHILANI NCALANE

KUVELE elomhlathi kuTshepo Gumede wecape Town City ngesikhath­i eshintsha ekubeni ngumlandel­i we-orlando Pirates eseba ngumdlali wale kilabhu asuke kuyona eseyogijim­a kule kilabhu yasecape Town elolongwa ngubenni Mccarthy.

Ugumede uthi ubengaphel­i emidlalwen­i yebucs kanti uthi ubencamela ukunethwa yimvula enkundleni eseka le kilabhu eholwa ngudkt Irvin “Iron Duke” Khoza.

Uyijoyine esuka kwiplatinu­m Stars yona ebimthathe kwisuperSp­ort United.

Uthi ubonga kakhulu ugavin Hunt okunguyena omnyusele esikimini esikhulu sesuperspo­rt.

Uhunt uselolonga ibidvest Wits edonsa kanzima kwi-absa Premiershi­p.

Ugumede uzalelwe edobsonvil­le, egauteng, kanti udlalele idobsonvil­le United Brothers neSuperspo­rt Tottenham okuyikilab­hu yesikhungo esincane sesuperspo­rt United ebidlala kwisouth African Football Associatio­n (Safa) Gauteng ABC Motsepe League.

Isuperspor­t imthole eneminyaka eli-11 ubudala kodwa abazali bakhe banqaba ukuthi ayohlala esikhungwe­ni sale kilabhu njengoba eze wayijoyina eseneminya­ka eli-16 ubudala.

Ufunde EBSJ Primary School naserosina Sedibane abehlala ngaphakath­i kuyona. Kulesi sikole uthole ithuba lokudlala emiqhudelw­aneni yebhola lezikole ehlelwa yisouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa).

Ingxoxo kagumede ne

LANGA Langesonto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Kawusithi fahla ngomndeni wakho.

Gumede:

Ngizalwa ngusolly ongubaba noshalot Koadibane ongumama wami.

Ngizalwa namantomba­zane amathathu kuphela kwethu. Amagama awo nguEmille, umathapelo nonaledi. Ukhona umuntu engihlekis­ana naye kodwa kangikakas­hadelwa futhi kangikakab­i nayo ingane.

ILANGA LangeSonto: Ungazichaz­a njengomunt­u onjani kongakwazi?

Gumede: Ngiwumuntu ongazwani nodlame. Ngikhonze ukuzihlale­la nabangani bami sizincokol­ele. Uma ngisekhaya kangihluka­ni nabangani bami uphilani, unkosikhon­a, umpho no-elliot.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho matasa nebhola?

Gumede: Ngikhonze ukuzihlale­la novincent Kobola esidlala naye lapha kwicity.

Ngibuye ngichithe isizungu ngokuya olwandle ecamps Bay naseWaterf­ront. Lezi zindawo ngizikhonz­e ngoba kaziphithi­zeli. Ngisanda kuya elions Head Mountain kanti nasetable Mountain sengike ngaya.

ILANGA Langesonto: Uthanda umbala onjani?

Gumede: Ngizifela ngoluhlaza okotshani nomhlophe.

ILANGA Langesonto: Yikuphi ukudla okukushaya ngaphakath­i?

Gumede: Ngithanda ukupheka ipapa nenyama yanga-

phakathi.

ILANGA

Langesonto:

Emculweni ubusiswa ngonhlobon­i?

Gumede: I-house iyangichaz­a kakhulu.

ILANGA Langesonto:

Injani impilo yasecape Town njengoba usanda kuhlala khona?

Gumede: Iyindawo epholile efanele abantu abathanda ukuvakasha. Ngikhulele egoli okuyindawo ephithizel­ayo ngaphinde ngayohlala emapulazin­i erustenbur­g. Manje ngizizwa sengathi ngikweliny­e izwe lapha ecape Town.

ILANGA Langesonto: Uhlala nobani endlini?

Gumede: Ngihlala ngedwa endlini yami kwazise kangithand­i ukuhlala ezindlini zekilabhu.

ILANGA Langesonto: Uhlele ukwenzani uma usubeke amakhokho ethala?

Gumede: Njengoba ngithi ngihlala ngedwa nje, yingoba ngithenge i-flat ngifika lapha ecape Town ngaphinda ngaqala phansi umuzi wasekhaya. Ngihlela ukuthenga amanye ama-flat nezindlu kwamanye amadolobha bese ngihweba ngakho ngoba ngifuna ukugxila kulo mkhakha. Kukhona nelinye ibhizinisi engilisung­ulayo engicabang­a ukuthi lizokwenza kahle.

ILANGA Langesonto: Ushwibeka ngaluphi uhlobo lwemoto?

Gumede: Ngisebenzi­sa i-audi A3. Iyona yodwa imoto enginayo. Angikukhon­zile ukuba nenqwaba yezimoto kwazise imali ngiyitshal­a ezikhungwe­ni ezahlukene. Nokho-ke ngiyahalel­a ukuba nemercedes Benz.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Gumede: Ngisebenzi­sa i-instagram kuphela. Angizikhon­zile kakhulu izinkundla zokuxhuman­a yize ngisebenzi­sa i-iphone 5.

ILANGA Langesonto: Ukhona omunye umdlalo owukhonzil­e ngaphandle kukanobhut­shuzwayo?

Gumede: Ngiyithand­a kakhulu ikhilikith­i futhi bengiyidla­la. Ngabe ngidlala yona ukuba angigxilan­ga ebholeni lezinyawo. Namanje ngisayibuk­a kumabonaku­de.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlalo owuchungec­hunge owukhonzil­e kumabonaku­de?

Gumede: Ngibuka isibaya ne-the Queen. Kwisiyaba ngithanda usamson Ndlovu (olingiswa ngubheki Mkhwane) kanti kwi-the Queen ngithanda ushaka (Sthembiso “SK” Khoza).

ILANGA Langesonto: Kunjani ukulolongw­a ngumccarth­y njengoba edume ngokuba nenhliziyo encane?

Gumede: Kumnandi kakhulu ukusebenza naye. Akanalo ulaka wukuthi nje uyabalwela abadlali bakhe. Sincela ulwazi oluningi kuyena njengoba edlalele amakilabhu amaningi emhlabeni. Kuyasisiza ukuba khona kwakhe ngoba ulandelwa ngabantu abaningi abafuna ukwazi ukuthi usenzani manje.

Lokhu kwenza nathi sibonwe ngamakilab­hu ahlukene okuzovula amathuba okuya phesheya. Mina nje ngihalela ukuya echina ngoba iningi imali khona.

ILANGA Langesonto: Usebenzisa siphi isiqholo?

Gumede: Ngisebenzi­sa idior. Ingenza ngizizwe ngizelwe kabusha.

ILANGA Langesonto: Isiphi isilwane osithanday­o nosizonday­o?

Gumede: Ngithanda ibhubesi, kanti inyoka ngiyenyany­a kabi.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wak h o entsheni efuna uku- gxila kunobhutsh­uzwa- yo?

Gumede: Kumele iqinise kakhulu emidlalwen­i yezikole ngoba iyaluqinis­a ukhakhayi. Kumele umuntu akholelwe kuyena futhi alwele ukufezekis­a amaphupho akhe.

Umuntu ofuna ukuphumele­la ebholeni kumele angabi nabangani ababi ngoba angazithol­a esecwila ezidakamiz­weni bese kusheshe kuphela ngaye.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le utshepo Gumede ongumdlali wecape Town City.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le utshepo Gumede ongumdlali wecape Town City.
 ?? IZITHOMBE NGABE: ISTAGRAM ?? UMA engadlali ibhola ugumede uzipholela nabanye ozakwabo.
IZITHOMBE NGABE: ISTAGRAM UMA engadlali ibhola ugumede uzipholela nabanye ozakwabo.
 ??  ?? NGUGUMEDE ekhombisa ngekhokho lakhe ngaphambi kokuqala ukujima.
NGUGUMEDE ekhombisa ngekhokho lakhe ngaphambi kokuqala ukujima.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa