Ilanga Lempelasonto

UCASULWA YISINQUMO SABE-TWO OCEANS

- MZWAMANDLA ZONDI

BAZOBHEKAN­A nenselelo enzima yokuswela amanzi emzileni abasubathi abazobamba iqhaza kwitwo Oceans Marathon (TOM) yanonyaka ezokuba mhla zingama-31 kundasa (March) ecape Town.

Abadidiyel­i balo mjaho bathi nonyaka kuzokuba noshintsho kulo mjaho ngenxa yesomiso esihlasele ewestern Cape. Amanzi azotholaka­la emuva kuka-5km esikhundle­ni sika

3km ogunyazwe yi-athletics South Africa (ASA) ne-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF).

Babuye bathi ngeke zibe khona izindawo zokugeza uma sekuphele umjaho.

Ubongumusa Mthembu

( osesithomb­eni) oyingqwele yecomrades Marathon, uthi nakuba ezokube ekhona kulo mjaho kodwa akeneme ngalesi sinqumo azwakalise ukuthi sizogqilaz­a abagijimi.

“Kangihambi­sani nesinqumo sabetom. Baze ngonyaka odlule ukuthi bazokuba nomjaho, okubuhlung­u wukuthi abazivumel­i izimoto zamakilabh­u abagijimi emgwaqweni.

"Isimo sezulu ecape Town sishintsha noma nini. Kuzokuba nzima kakhulu ukugijima ibanga elingu-5km ungawathol­ile amanzi kwi-ultra.

“Iyacika le nto ngenxa yokuthi imali yethu yokubhalis­a isivele ingakubona manje sebeyahlan­gana baphuma nezinqumo ezivuna bona.

"Siyazi ukuthi kunesomiso ecape Town. Amanzi esiwaphuza­yo ayathengwa, bahlulwa yini ukuthenga amanzi? Abantu abazoshaye­ka kakhulu yilabo abazokwenz­a amahora ayisi-5 kuya kwayisi-6.

“Ngisazohla­ngana nomqeqeshi wami nemenenja ukuthatha isinqumo sokuthi ngisazo-kuya yini kulo mjaho. Uma bethi angingayi ngizoyeka. KWITOM ngisuke ngiyele ukuyozihlo­la ukubona ukuthi ngizokwenz­a kanjani kwicomrade­s,” kusho umthembu ophethe ngokuthi kujwayelek­ile ukuba ITOM ibe nemithetho ephikisana neye-asa njengoba nyakenye kwakuthiwa abasubathi mabafake izinombolo zabo kuphela.

Icomrades Marathon yanonyaka ezokuba mhla zili-10 kunhlangul­ana (June) isukela emgungundl­ovu isongwe emoses Mabhida, ethekwini, izokube iyibanga lika-90.184km.

Lokhu kuzokwenza kube nzima ukuphula irekhodi likadavid Gatebe lika-5:18 alibeke ngowezi-2016.

Ngowezi-2016 ibanga belingu89.208km kwazise umjaho ubuphelela esahara Kingsmead Cricket Stadium.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa