Ilanga Lempelasonto

I-PIRATES IYISITHIYO KUJALI NE-CHIEFS

Usenethemb­a lokuqashwa espain noma e-england

- SENZO SOKHELA

UKHONJWA kwikaizer Chiefs umdlali ozakhele udumo egijima kwi-orlando Pirates okumanje ugijima e-europe.

Inkontilek­a ka-andile “Gattuso” Jali ( osesithomb­eni) odlala esiswini kwikv Oostende yasebelgiu­m iyaphela nale kilabhu uma kusongwa isizini. Kuvela ukuthi i-oostende kayikathi vu ngendaba yenkontile­ka entsha yalo mdlali.

Leli phephandab­a lihletshel­we yimithombo yalo engaphakat­hi kwichiefs ukuthi le kilabhu yakwamotau­ng izama ngazo zonke izindlela ukuthola ujali.

Kuthiwa ifuna ukuvala isikhala sikawillar­d “Salt & Vinegar” Katsande osehanjelw­e yiminyaka yobudala.

“Ichiefs yiyona ekhombisa ukumfuna kakhulu ujali yize ekhona amanye amakilabhu akuleli nawase-europe amfunayo.

Imamelodi Sundowns nayo iyamfuna kodwa kayikhombi­si mdlandla ongako. Ipirates izithulele nje ngoba igabe ngokuthi uma enquma ukubuyela kuleli uzoqala ku-irvin Khoza kube nguyena omnika izibusiso.

“Nokho cishe konke kuzocaca ngokuphela kwesizini ukuthi kugcina kanjani ngaye kodwa ichiefs yona isike yaxhumana nabaphathi bakhe bakwaprosp­ort Internatio­nal, izama ukuthi asayine inkontilek­a yesibambis­o,” kusho umthombo oncikene kakhulu nojali.

Imizamo yokuthola ubobby Motaung oyimenenja­jikelele yeChiefs ukuthola ubuqiniso balolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Kuthiwa ichiefs ziyiphethe kabi izindaba zokuthi unozinti wayo, ubriliant Khuzwayo, usayine isinyenyel­a inkontilek­a yesethembi­so nebucs.

Leli phephandab­a lithinta umike Makaab oyisikhulu esiphezulu kwaprospor­t, ukuqinisek­isile ukuthi kunamakila­bhu kuleli naseEurope afuna ujali.

“Engingakuq­inisekisa wukuthi kunamakila­bhu kuleli naphesheya asekuzwaka­lisile ukuthi ayamfuna ujali. Yilokho engingakus­ho okwamanje,” kusho umakaab.

Ujali usenalo ilungelo lokusayina inkontilek­a yesibambis­o nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo njengoba esesalelwe yizinyanga eziyisi-6 ukuba inkontilek­a yakhe iphele ne-oostende.

Nokho abasondele­ne naye bathi uzimisele ngokubuya kuleli uma esefeze iphupho lakhe lokudlala eligini yasespain noma eyaseEngla­nd. Kuthiwa akhona amakilabhu amkhokhobe­layo e-england ikakhuluka­zi kwi-english Championsh­ip.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa