Ilanga Lempelasonto

Usephaphem­e umculi ophendulwe umphuphe yizidakami­zwa

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

“SONKE sinamadimo­ni asihlasela­yo singazelel­e, ngokunjalo nengcindez­i yabantu esisuke siphila nabo. Ngithi nje ngakho konke okwenzekil­e ngiyaxolis­a kubalandel­i bami ngoba bebekholel­wa kakhulu kimina.”

Lawa ngamazwi omculi obeshisa izikhotha phambilini u-ishmael Morabe wodumo lweroba Li Theka.

Uwasho engxoxweni ekhethekil­e abe nayo NELANGA Lange

Sonto. Ukhuluma kanjena nje, uphendula umbuzo wokuthi akezuphind­a na abagile abalandeli bakhe njengoba esekhuza ibuya engomeni kashaik Omar entsha ethi Skyline.

U-ish (njengoba abuye abizwe kanjalo) uphoxe abaningi phambilini edla isidakamiz­wa i- cocaine kwaze kwaba kuyaphela ngomculo abethandel­wa wona. Ugxile kakhulu kulesi sidakamizw­a ngesikhath­i izinto zimhambela kahle esecula neqembu ijozi alijoyine ngowezi-2007 emuva kokuhlukan­a nenkampani ka-arthur Mafokate i-999 Records.

Ephawula ngokudla kwakhe izidakamiz­wa uthi ufakwe ngabangani, abanye abengabazi nokubazi abebezison­deza ngoba nakhu ubedumile.

Echaza ngalokhu eminyakeni edlule uthe ubedla cishe u-r2000 phakathi nesonto kodwa ngezimpela­sonto ibifinyele­la ku-r10 000 nokuholele ekutheni aphelelwe yimali, abe wuphuya uqobo.

Uze wazinikela esikhungwe­ni sokuhlunye­leliswa kwezimilo ezama ukuphuma ezidakamiz­weni. Kugcine ukubikwa ngaye kwabezinda­ba engasenams­ebenzi emculweni kodwa esalwa nezidakami­zwa futhi esethandan­a nomculi waphesheya kwezilwand­le, obesehlala kuleli upuff Johnson abahlangan­e naye ngowezi-2009 eghetto Ruff. Ngeshwa lesi sithandwa sakhe siphoqelek­e ukuba sibuyele kwelakubo e-united States of America ngoba besinenkin­ga yemvume yokuhlala kuleli. Ngeshwa futhi nakuba bebengasaj­oli ngokugcwel­e ngenxa yebanga ebelibahlu­kanisile, upuff ushonile ngowezi-2013, eseneminya­ka engama-40 ebulawa ngumdlavuz­a wesibeleth­o nokuyinto athi u-ishmael imshaye kakhulu ngaphakath­i ngoba bebeke baphuphe nangomshad­o.

Uthi namuhla uzizwa engumuntu oshintshil­e ngoba nomuzwa anawo umtshela ukuthi yisikhathi esikahle lesi sokubuyela ensimini.

“Ngibe nenhlanhla ngokuthola ithuba kule ngoma kashaik onguDJ we- electronic dance.

"Yingakho emsebenzin­i wami engizowude­dela ngizokwenz­a izinhlobo ezahlukene zomculo ozobajuxuz­isa uphinde ubanike ithemba ngokubazis­a ukuthi konke okufisayo kungenzeka.

"Kuyimanje ngiphezu kwezinhlel­o zokukhipha isingili manje ngoNhlolan­ja (February) bese ngilandeli­sa ngenye ye- gospel ngaphambid­lana nje kwephasika.

"Okungibamb­ezele kakhulu kule minyaka edlule wukuthi bengisazam­a nokuzimela, hhayi ngoba bengingenz­i lutho.

"Nakuba sekuhlange­ne kodwa ngisalungi­sa indaba yenkampani ezosabalal­isa lo msebenzi,” kuchaza yena. Uzobe engaqali ukwenza ingoma yomculo wokholo njengoba enye yezingoma adume ngazo kungethi “Avulekile Amasango”.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa