Ilanga Lempelasonto

"Kuvalwa uhlelo oludumile kwi-etv"

Kuthiwa isiteshi sisenkinge­ni yezimali

- SANDILE MAKHOBA

SEKUVELE ezithi luyavalwa uhlelo lukamabona­kude lomculo olubukwa kakhulu ngabantu abasha olusakazwa yi-etv, olubizwa ngokuthi yiClub 808.

Imithombo YELANGA Langesonto ipotshozel­e leli phephandab­a ukuthi izikhulu zalesi siteshi zithathe lesi sinqumo ngenxa yezizathu ezithile.

Lolu hlelo lusakazwa njalo ngolwesihl­anu ntambama, lapho kusuke kumenywe khona abaculi kuphinde kudlale nezingoma ezintsha nezishisay­o. Njengamanj­e lusakazwa ngulawrenc­e Maleka nobontle Modiselle. Phambilini lukelasaka­zwa nguboity Thulo, uthando Thabethe, umo Flava, unonhle Thema nocyprian Ndlovu. Bonke laba balingisi bekushiya imibuzo ukushintsh­ashintsha kwabo kulo.

Omunye umthombo ongaphakat­hi kulesi siteshi ukuqinisek­isile lokhu wathi mhla zingama-26 kuNdasa (March) kuzobe kushuthwa isiqephu sokugcina salolu hlelo.

Lo mthombo uqhube wathi abaphathi besiteshi bahlela ukuvala isikhala salolu hlelo ngolunye lwapheshey­a kwezilwand­le.

Omunye umthombo wesithathu uveze ukuthi vele i-etv isenkingen­i yezimali njengoba izinhlelo zakho- na zingenzi kahle nje. “Lona othi luvalwa ngenxa yezimali ngiyamkhol­wa ngoba u-etv vele izinhlelo zabo azenzi kahle okwenza ukuba kugqoze ukungena kwezimali,” kuqhuba lo mthombo.

Umatodzi Mashau okhulumela lesi siteshi wale waphetha ukuphawula ngalolu daba ngesikhath­i ethintwa yintatheli.

Uthe wudaba olungaphez­u kwakhe lolu.

“Le ayingangam­i, angivumele­kile ukuphawula kuyona. Kungcono uthinte izikhulu eziphezulu, yizona ezingakwaz­i ukuphawula. Uma ngingaphaw­ula mina ngingaxosh­wa ngisho emsebenzin­i,” kuqhuba yena.

Imizamo yokuthola abaphathi iphunzile njengoba umatodzi ethembise ukuthumela iminini-

 ?? ISITHOMBE NGABE: CLUB 808 ?? ULAWRENCE Maleka osakaza uhlelo iclub 808 kwi-etv, ehambisana noboity Thulo owake waba umethuli walo, nodj Capital, oklwebha amapuleti khona.
ISITHOMBE NGABE: CLUB 808 ULAWRENCE Maleka osakaza uhlelo iclub 808 kwi-etv, ehambisana noboity Thulo owake waba umethuli walo, nodj Capital, oklwebha amapuleti khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa