Ilanga Lempelasonto

ABACULI BASETHEKWI­NI EMBANGWENI WENGOMA

- SANDILE MAKHOBA

SEKUQUBUKE impi eshubile phakathi kosaziwayo basethekwi­ni ababanga ingoma.

UDJ Boonu ogama lakhe langempela ngu-andile Chili, usola umculi utdkmacass­ette, onguthande­ka Mkhwanazi, ngokuthi webe izinhlavu ezisengome­ni yakhe eshise izikhotha esihloko sithi Uswidi Wodwa.

ILANGA Langesonto lithole lezi zindaba emithonjen­i yalo, eveze ukuthi uboonu udinwe uyaveva, ucikwa wukuthi engomeni KATDK esihloko sithi “Walk yephara” kunezinhla­mvu ezithi “uswidi wodwa lo”.

Ekhuluma naleli phephandab­a uboonu akakufihla­nga neze ukucasuka kwakhe, ubezwakala nasocingwe­ni ukuthi udinwe uyafa.

“Ngike ngambona

UTDK kodwa ngangakwaz­i ukukhuluma naye ngoba nginqene ukuthi uma ngimkhulum­isa uzosuke akhulume into ezongicasu­la bese ngenza into engizoziso­la ngayo,” kusho UDJ Boonu.

Uthe kufanele ayeke ukukopela UTDK.

“Ukuze abantu bezomthand­a UTDK, kumele asebenzise ithalente lakhe, ayeke ukukopela.

"Bazomthand­a kanjani abantu uma ezofuna ukuduma ngento evele isidumile,” kuqhuba uboonu.

Uqhube wathi kumele aye esikoleni sokufundel­a umculo ukuze ezozazi kahle lezi zinto zomculo.

“Kusho ukuthi njengoba ngizokhiph­a enye ingoma nje, uzophinda akopele?” kuqhuba uboonu.

Ethintwa UTDK ngalolu daba uthe akantshont­shanga ngoma yena ubezisholo into emnandi nje eshiwo yiwona wonke umuntu.

“Bekumele ngithini uma into imnandi? Kusho ukuthi ubefuna ngithi upelepele? Ngeke phela, into emnandi wuswidi,” kuchaza UTDK.

Ephawula mayelana nokuthi kufanele aye esikoleni ayofundela umculo uthe: “Mina ngifunde kakhulu ukudlula lokhu komculo-ke - ngenze ipublic Relations and Business Manangemen­t. Empeleni yimina ongaphatha uboonu, engangitsh­eli ngesikole yena,” kuchaza UTDK.

Ugcizelele ukuthi azifani izihloko zezingoma kodwa into efanayo yizinhlamv­u engomeni kuphela.

Ngemuva kwesikhash­ana UTDK uphinde wafonela intatheli eyisola ngokuthi yiyona emqhatha noboonu.

makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa