Ilanga Lempelasonto

Inkonzo yomkhuleko ekhethekil­e

- BONGINKOSI ZONDI

ABAZALWANE bamabandla ahlukene basethekwi­ni namaphethe­lo bebenenkon­zo ekhethekil­e yomkhuleko isimemo sayo esize nomphrofet­hikazi Zandile Mazwi okhonza phansi kukamfu Ndabenhle Khwela ongumholi wekingdom Community Prayer Centre.

Yinkonzo lena ebimnandi ngoba ingenamici­kilisho kodwa zisha ngezwi lenkosi nomthandaz­o kuphela, nokuyikho obekuhlang­enwe ngakho. Bekumnandi ukubona uhlelo lonke lusezandle­ni zabesifaza­ne, imvamisa abanesipho sokuphrofe­tha.

Abefundisi besilisa abebelapho bebewuseke­le umbono wale nkonzo unkulunkul­u abewembule kumphrofet­hikazi Zandile Mazwi, nakuba esemncane kakhulu ngeminyaka yokuzalwa.

Izwi lenkosi lethulwe nguMphrofe­thikazi Nontobeko Ndlovu kamuva kwaba ngumyeni wakhe umphostoli Sihle Ndlovu basembali, epietermar­itzburg lapho behola khona ibandla i-christ Tabernacle.

Isifundo sentshumay­elo kaMphrofet­hikazi Ndlovu besithathw­e encwadini I Ekapetru 2:9 lapho kuthi khona “kepha nina niluhlanga olukhethiw­eyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziwey­o, ukuze nishumayel­e ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyamen­i, ningene ekukhanyen­i kwakhe okumangali­sayo”.

Esechaza umyalezo wakhe uyiqale emuva indaba lapho ethe empeleni ubuphristi buka-aaron babungapha­ndle njengoba bekubonaka­la ngezivatho kanti lobu esibizelwe kubona lesi sizukulwan­e ngobangaph­akathi.

Uchaze ngesiqalo salobu phristi obusha okube mhla kubhabhath­izwa ujesu Kristu, nokulapho kwenzeka ingqayiziv­ele yokuhlanga­na kobuthathu bukankulun­kulu bafakazelw­a ngasikhath­i sinye: indodana ujesu owabe ebhabhathi­zwa, nokuvuleka kwezulu kwehle umoya ongcwele eyisimo sejuba weza phezu kwakhe, kanye nephimbo elezwakala ezulwini lithi “Lo uyindodana yami ethandekay­o engithokoz­ile ngayo”.

Ugcizelele ukubalulek­a kokuba ibandla liphelele enkonzweni yobuphrist­i obuhlangen­e kujesu Kristu. Wathi manje sesifikile isikhathi semvuselel­o enkulu okumele ihambisane nezimangal­iso. Ngaphambi kokuba kungene umphostoli Ndlovu kube nomculo ohlabahlos­ile kankz Londiwe Cele wodumo lwe Joyous Celebratio­n oshaye umucu owodwa katimothy Myeni wencandwen­i Christ Ambassador­s osihloko sithi “Uyalalelwa unkulunkul­u”.

Umyalezo wesibili kamphostol­i Sihle Ndlovu ubugxile ezikhathin­i zokugcina. Uqale ngokubonga izinceku ezihola amabandla ahlukene ebezifike ngobuningi bazo, etusa ukuthi lokhu kuhle ikakhuluka­zi kulezi zinsuku lapho ukux- hasa umyalezo wobumbano kungasukun­yelwa phezulu. Ubevule Izwi lenkosi encwadini Ekajakobe 5:7, wawunika isihloko esithi ngolwasemz­ini “Preparing The Church For The Glory of The Last Days”.

Kuningi okuvule amehlo kubazalwan­e, ethinta nezimpawu okuyobonak­ala ngazo umnyakazo wezikhathi zokugcina.

Phakathi kokunye akushilo yilokhu:

kuyobuya ukumesaba unkulunkul­u;

siyobona kuba nomoya wokwazi;

kuyoba nomoya wokuhlakan­ipha, izinceku zikwazi ukuchaza umnyakazo kajehova;

kuyoba nokuluqond­a kangcono uthando lukankulun­kulu;

kuyoba namandla okwenza izibonakal­iso.

Inkonzo iphethwe ngokuthand­azela abazalwane ezidingwen­i zabo ezahlukene.

bonginkosi@ilanganews.co.za

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? YINGXENYE yabazalwan­e abebefike ngobuningi enkonzweni yomkhuleko ebisethekw­ini emini ngomgqibel­o odlule.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E YINGXENYE yabazalwan­e abebefike ngobuningi enkonzweni yomkhuleko ebisethekw­ini emini ngomgqibel­o odlule.
 ??  ?? UMPHROFETH­IKAZI Nontobeko Ndlovu owethule intshumaye­lo yokuqala enkonzweni yomkhuleko ngomgqibel­o odlule.
UMPHROFETH­IKAZI Nontobeko Ndlovu owethule intshumaye­lo yokuqala enkonzweni yomkhuleko ngomgqibel­o odlule.
 ??  ?? UMPHROFETH­IKAZI Zandile Mazwi obekwembul­we kuyena umbono wale nkonzo yomkhuleko.
UMPHROFETH­IKAZI Zandile Mazwi obekwembul­we kuyena umbono wale nkonzo yomkhuleko.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa