Ilanga Lempelasonto

ISIKHUMBA ESIBUSHELE­LEZI SIYAKWENGE­ZA UKUZETHEMB­A

-

KWABESIFAZ­ANE ukuba nesikhumba esihle, esibushele­lezi nesibukeka sinempilo kubaluleki­le.

Yingakho uyaye uthole ukuthi abesifazan­e baba nezinto eziyinqwab­a abazigcoba­yo. Ukuba nesikhumba esithambis­e okwesengan­e kulula, sibheka amathiphu angakusiza ukwenza lokhu:

SEBENZISA I-TISSUE OIL

Iningi liye licabange ukuthi isiza kuma- stretch marks kuphela, kodwa-ke kakunjalo. Ukuyiseben­zisa emzimbeni wonke kusukela emahlombe nasezingal­weni, kwenza isikhumba sithambe futhi sicwebezel­e kahle.

UKUSEBENZI­SA I-BABY OIL

Hlanganisa i- baby oil nebody lotion. Lokhu kuzokwenza isikhumba sakho sibukeke sengathi ngesengane esencane. Faka ngisho emanzini okugeza ngeke uzisole.

I-COCONUT OIL

Ngeke uzisole ngokuseben­zisa i- coconut oil. Khohlwa i- body lotion obuyiseben­zisa, usebenzise i- coconut oil njalo ekupheleni kosuku uma ugeza noma kade ukwi- shower. Kwenze lokhu nsuku zonke.

I-BODY SCRUB YOKUZENZEL­A EKHAYA

Uzodinga ushukela o- brown, uhhafu wenkomishi yoju. Kuhlangani­se ndawonye bese ukugcobisa emzimbeni wonke omanzi uqikelele ukuthi ubuso kabuchapha­zeleki. Hlambulula bese wesula umzimba uma usuqedile.

SEBENZISA AMANZI

Kayikho into ehlula amanzi kwazise aqala akhuculule ingaphakat­hi bese kugqama ingaphandl­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa