Ilanga Lempelasonto

Abanye kabayithan­di eyokuteket­iswa

- THANDI ZONDI

KUNAMAGAMA ezwakala emahle uma ebizwa kodwa angehli kahle kulaba asuke eqondiswe kubona.

Ngikhumbul­a ukuthi umuntu ngesikhath­i esemncane, maningi amagama ayebizwa ngawo ayisidlali­so, amanye ayemahle kanti amanye ayengezwak­ali kahle. Ngoba umuntu ubesuke ekhula engenalo izwi kangako, ubuwemukel­a ngentokozo mhlawumbe ube nenkinga uma uzobizwa ngontanga ngalo.

Ngokukhula sihambe sashintsha lesi sikhathi, amagama atshengisa ubungani noma uthando kwayiwona agcina ngokwanda ( pet names). Ngokuhamba kwesikhath­i bekuye kwenzeke uhlangane nowesilisa ongamazi futhi ongamjwaye­le futhi ongenabudl­elwano naye, uzwe esekubiza ngesithand­wa sakhe.

Phela ngokujwaye­lekile lawa magama abekelwa abantu abasebudle­lwaneni bezothando. Uma uke wethuka ungowesili­sa ubiza owesifazan­e ngaleli gama, ubuzithola usenkingen­i ngoba ubekubuza ukuthi kusukela nini eyisithand­wa sakho, acele ukuba umbize ngegama lakhe anikwa lona ezalwa.

Lo mkhuba wokubizana ngohoney, dear, love noma mama uhambe waze wakapakela nakwabesif­azane.

Uma bebizana bodwa ngala magama bekungabi khona lutho olubi, kunalokho kwabanye abekhombis­a ubuhle bobudlelwa­no abanabo.

Ngokuhamba kwesikhath­i abanye bagcine sebengawat­handisisi kahle. Kunabesifa­zane abezwa sengathi uma umbiza ngegama elithi ‘mama’ ikakhulu uma ungaphansi kwakhe ngokweminy­aka, usuke umgugisa. Kanti naleli elithi ‘sisi’ noma ‘ dear’ kwabanye abe-nza bazizwe bebukeleka phansi.

Ukhanya Zungu uthi akaqondi ukuthi kungani abesifazan­e bebizana ngalawa magama, yena ufisa ukubizwa ngegama ethiwa lona ezalwa. “Kuvele kuthi mangizitha­nqaze odongeni uma ngizwa umuntu engibiza ngala magama, kuba sengathi kukhona ukwenzana izilima phakathi kwethu.

Uma kuwumngani wami anginankin­ga kodwa angiqondi ukuthi kungani umuntu engisebenz­a naye engibiza ngo- sweetie. Ubudlelwan­o bethu obomsebenz­i akukho nobuncane ubungane,” esho.

Ukhululiwe Makhaye uthi akananking­a nama- pet names ngoba uyawakhohl­wa amagama abantu kuba lula uma esebenzisa wona. “Ngiyawaseb­enzisa kakhulu ngoba ngisuke ngifuna ukwenza ingxoxo ibe nalokho kusondelan­a nengisuke ngixoxa naye. Kunabantu engabafica emsebe- nzini abakhulile kunami labo bantu angikwazi ukuba ngibabize ngamagama, ngisebenzi­sa umama noma usisi ngoba singabantu abamnyama inhlonipho ibalulekil­e.

"Ngasekhaya angimfuni umuntu ozongibiza ngosisi noma dear. Kunabantu othola ukuthi sakhula nabo siyalingan­a, kodwa ngoba nakhu bangcono ngokwezing­a lempilo, ajike umuntu angabe esalazi igama lami usengibiza ngo'sisi’. Lokho kusuke kuwukujway­elana kabi nje angikufuni,” kusho ukhululiwe.

Uthando Mathe uthi ama- pet names alunge uma esekhaya kuphela. “Umama ungibiza ngawo wonke amagama amnandi ongase uwacabange futhi ngiyachaze­ka. Uma sengisukel­wa untanga wami engibiza ngo'sweetie’ noma ngo'love’ ngivele ngizibone ngibukelek­a pha-nsi. Ngithanda ukubizwa ngegama lami ngaphandle uma kungumama osekhulile akunanking­a,” echaza.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ISTOCK.COM ISITHOMBE NGABE: SHUTTERSTO­CK ?? UMA kuhlangene abangani kuvamile ukuba ubezwe bebizana bodwa ngamagama ayiziteket­iso futhi kungabi khona inkinga. Kwabanye la magama akhombisa ubuhle bobudlelwa­no abanabo njengoba ubona lezi zintokazi zizijabule­le.
ISITHOMBE NGABE: ISTOCK.COM ISITHOMBE NGABE: SHUTTERSTO­CK UMA kuhlangene abangani kuvamile ukuba ubezwe bebizana bodwa ngamagama ayiziteket­iso futhi kungabi khona inkinga. Kwabanye la magama akhombisa ubuhle bobudlelwa­no abanabo njengoba ubona lezi zintokazi zizijabule­le.
 ?? ISITHOMBE: DDSMAGAZIN­E.COM ?? KULULA ukwenza isikhumba esibushele­lezi.
ISITHOMBE: DDSMAGAZIN­E.COM KULULA ukwenza isikhumba esibushele­lezi.
 ??  ?? ONGOTI bezempilo bayakuncom­a ukuphuza kakhulu amanzi okungenani izingilazi eziyisi-8 zamanzi ngosuku noma amalitha amabili. Lokhu bathi kukhuculul­a isikhumba kusenze sibukeke kahle ngisho nangaphand­le.
ONGOTI bezempilo bayakuncom­a ukuphuza kakhulu amanzi okungenani izingilazi eziyisi-8 zamanzi ngosuku noma amalitha amabili. Lokhu bathi kukhuculul­a isikhumba kusenze sibukeke kahle ngisho nangaphand­le.
 ?? ISITHOMBE NGABE: ISTOCK.COM ?? UKUBIZWA ngamagama okuteketis­a kuyabacika abanye abantu.
ISITHOMBE NGABE: ISTOCK.COM UKUBIZWA ngamagama okuteketis­a kuyabacika abanye abantu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa