Abanye kabayithandi eyokuteketiswa
KUNAMAGAMA ezwakala emahle uma ebizwa kodwa angehli kahle kulaba asuke eqondiswe kubona.
Ngikhumbula ukuthi umuntu ngesikhathi esemncane, maningi amagama ayebizwa ngawo ayisidlaliso, amanye ayemahle kanti amanye ayengezwakali kahle. Ngoba umuntu ubesuke ekhula engenalo izwi kangako, ubuwemukela ngentokozo mhlawumbe ube nenkinga uma uzobizwa ngontanga ngalo.
Ngokukhula sihambe sashintsha lesi sikhathi, amagama atshengisa ubungani noma uthando kwayiwona agcina ngokwanda ( pet names). Ngokuhamba kwesikhathi bekuye kwenzeke uhlangane nowesilisa ongamazi futhi ongamjwayele futhi ongenabudlelwano naye, uzwe esekubiza ngesithandwa sakhe.
Phela ngokujwayelekile lawa magama abekelwa abantu abasebudlelwaneni bezothando. Uma uke wethuka ungowesilisa ubiza owesifazane ngaleli gama, ubuzithola usenkingeni ngoba ubekubuza ukuthi kusukela nini eyisithandwa sakho, acele ukuba umbize ngegama lakhe anikwa lona ezalwa.
Lo mkhuba wokubizana ngohoney, dear, love noma mama uhambe waze wakapakela nakwabesifazane.
Uma bebizana bodwa ngala magama bekungabi khona lutho olubi, kunalokho kwabanye abekhombisa ubuhle bobudlelwano abanabo.
Ngokuhamba kwesikhathi abanye bagcine sebengawathandisisi kahle. Kunabesifazane abezwa sengathi uma umbiza ngegama elithi ‘mama’ ikakhulu uma ungaphansi kwakhe ngokweminyaka, usuke umgugisa. Kanti naleli elithi ‘sisi’ noma ‘ dear’ kwabanye abe-nza bazizwe bebukeleka phansi.
Ukhanya Zungu uthi akaqondi ukuthi kungani abesifazane bebizana ngalawa magama, yena ufisa ukubizwa ngegama ethiwa lona ezalwa. “Kuvele kuthi mangizithanqaze odongeni uma ngizwa umuntu engibiza ngala magama, kuba sengathi kukhona ukwenzana izilima phakathi kwethu.
Uma kuwumngani wami anginankinga kodwa angiqondi ukuthi kungani umuntu engisebenza naye engibiza ngo- sweetie. Ubudlelwano bethu obomsebenzi akukho nobuncane ubungane,” esho.
Ukhululiwe Makhaye uthi akanankinga nama- pet names ngoba uyawakhohlwa amagama abantu kuba lula uma esebenzisa wona. “Ngiyawasebenzisa kakhulu ngoba ngisuke ngifuna ukwenza ingxoxo ibe nalokho kusondelana nengisuke ngixoxa naye. Kunabantu engabafica emsebe- nzini abakhulile kunami labo bantu angikwazi ukuba ngibabize ngamagama, ngisebenzisa umama noma usisi ngoba singabantu abamnyama inhlonipho ibalulekile.
"Ngasekhaya angimfuni umuntu ozongibiza ngosisi noma dear. Kunabantu othola ukuthi sakhula nabo siyalingana, kodwa ngoba nakhu bangcono ngokwezinga lempilo, ajike umuntu angabe esalazi igama lami usengibiza ngo'sisi’. Lokho kusuke kuwukujwayelana kabi nje angikufuni,” kusho ukhululiwe.
Uthando Mathe uthi ama- pet names alunge uma esekhaya kuphela. “Umama ungibiza ngawo wonke amagama amnandi ongase uwacabange futhi ngiyachazeka. Uma sengisukelwa untanga wami engibiza ngo'sweetie’ noma ngo'love’ ngivele ngizibone ngibukeleka pha-nsi. Ngithanda ukubizwa ngegama lami ngaphandle uma kungumama osekhulile akunankinga,” echaza.