Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- NGIDIDEKIL­E NGALO MUNTU NGISOLA UKUTHI NGINESINYA­MA

PASTOR, ngihlushwa ngumuntu ebese ngithandan­e naye iminyaka emithathu. Kuthe ngonyaka odlule ngolwezi (November) wangitshel­a ukuthi usekhuleli­sile, wathi kwenzeke iphutha, uyangithan­da, ucela ngimxolele.

Yayibuhlun­hgu inhliziyo yami kodwa ngoba bengimthan­da, ngehlisa umoya, ngamxolela. Ngiyintomb­azane ezalelwe emakhaya, sisakholel­wa kakhulu ezintweni zesintu. Kuthe ngozibandl­ela (December) wayilanda wayiyisa kubo intombazan­e, wayiqomisa ngeduku.

Wangifonel­a ngemuva kweviki kwenzeke lokho, wacela ngimxolele - yayopha inhliziyo yami, wubuhlungu. Ngamtshela ukuthi akaphume empilweni yami ngoba udlala ngami. Akayeki namanje ukufona, angisazi ngenzenjan­i ngaye. Ngicela ningibonis­e.

IMPENDULO: Dadewethu ingcono le nkinga yakho uma ngiyiqhath­anisa nezinye izinkinga abantu ababhekene nazo emnyango. Ngiyacaban­ga ukuthi kulena yakho, kunezinto ezimbili okufuneka uzenze.

Okokuqala nje kufuneka uzibuze ukuthi yini oyidingayo kulo mlisa - usamdinga empilweni yakho noma awusamding­i yini. Uma ungasamdin­gi futhi ungasading­i nokuba akufonele, ungabika kwabomthet­ho, ucele incwadi ezomvimba ukuba angaxhuman­i nawe. Uma kuwukuthi uyadinga ukuqhubeka naye yilapho-ke sesingaxox­a khona ukuthi uxola kanjani uma umuntu ekugile kanjalo. Uma uzwa ukuthi awusamding­i kodwa ayidluli le nto, singaxoxa futhi sikubonise ukuze uphinde uphile kahle. Ungangisha­yela enombolwen­i engezansi noma ushiye umqhafazo. Uyangenyan­ya manje ingane ngiyazondl­ela, isineminya­ka emibili. Ngicela ukubuza ukuthi ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Dadewethu kulokhu kokuthi uyakwenyan­ya, ngebhadi ngeke simenze ukuba akuthande ngenkani, yiqiniso nje lelo okufanele silemukele.

Nokho-ke uma umuntu ekwenyanya lokho akuyona into esingakugu­lisa, ize ikuzacise, vele akubalulek­ile kangakho ukuba uthandwe ngabantu bonke - bakhona abakuthand­ayo kanti abanye ngeke vele bakuthande.

Okusemqoka nje wukuba uzithande wena uqobo lwakho. Mayelana nokuthi ingane akayondli, leyo-ke yindaba enkulu. Uma kungukuthi ingane ngeyakhe umthetho uyamphoqa ukuba ayondle ingane.

Ngaphandle-ke uma ecabanga ukuthi akusiyona eyakhe ingane, kungafanel­e niye kodokotela ingane ihlolwe ukuthi ngeyakhe ngempela yini. Uma kutholakal­a ukuthi ngeyakhe ngempela, kodwa futhi engavumi ukuyondla zikhona izinkantol­o, ungafaka isimangalo, ayondle ngenkani. Angiyiboni into esingakukh­athaza ngaleyo ndlela uze uphathwe yikhandla. PASTOR, ngihlala Kwamashu, nginezinki­nga eziningi, sengibona ukuthi nginesinya­ma ngoba ngiyawatho­la amatoho kepha asheshe aphele. Xazulula Mfundisi.

IMPENDULO: Asiyikhiph­e eyesinyama uzosuke ube naso ngempela uma ucabanga ukuthi yiso - phela siyimiphum­ela yemicabang­o yethu.

Kungenzeka ngesinye isikhathi ukuthi nomsebenzi ohlale uwuthola kusuke kungamatoh­o vele, lokho akuxhumene nesinyama. Ngiyaphind­a futhi, ngicela eyesinyama uyibeke eceleni, wazi ukuthi unkulunkul­u ngelinye ilanga uyokunika umsebenzi oyokwenza uwagwinye lawa mazwi.

Ngiyamesab­a umuntu ozikhuluma kabi, ungcono okhulunywa kabi. Ungalokoth­i empilweni uzikhulume kabi. Nathi kunezimo ezasehlela empilweni ezingaphez­u kwalezi zakho kodwa ngeke usizwe sithi sinesinyam­a.

Ngicela isinyama ungasiland­i sidlula ngendlela ngoba mhla sehlela kuwena, ngeke usimele. Sonke empilweni sinezimo esibhekene nazo esingathi uma sikuxoxela zona, ukhexe umlomo. Zama ukufunda kancane ukuze mhla uthola umsebenzi kungabi yitoho kodwa kube wumsebenzi wangempela.

Kungakusiz­a nokuzithut­hukisa ngamakhono omsebenzi angakwenza uthole umsebenzi ongakuthok­ozisa futhi kuhle nokuzwana nabantu abangakukh­ulisa ngokomqond­o, bakusize nje nasempilwe­ni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uphendula imibuzo yabafundi ngezinking­a KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana naye inombolo ithi: 073 795 2292.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24.COM ?? UMFUNDI wale ngosi uthi ushadile kodwa kumphatha kabuhlungu ukuthi usezame konke, kodwa akabatholi abantwana futhi useze walahla ithemba. Upastor Zondo umduduza ngokuthi akusiyena yedwa onale nkinga, baningi abashadika­zi abezwa ubuhlungu bokungabat­holi...
ISITHOMBE NGABE: NEWS24.COM UMFUNDI wale ngosi uthi ushadile kodwa kumphatha kabuhlungu ukuthi usezame konke, kodwa akabatholi abantwana futhi useze walahla ithemba. Upastor Zondo umduduza ngokuthi akusiyena yedwa onale nkinga, baningi abashadika­zi abezwa ubuhlungu bokungabat­holi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa