Ilanga Lempelasonto

UKHOLELWA KAKHULU EMADLOZINI

-

PASTOR, ngineminya­ka engama-30 ubudala. Ngingowesi­fazane, nginesoka esesithand­ane iminyaka emibili manje sinokungab­oni ngasolinye uma kuziwa kwezenkolo.

Ukholelwa kakhulu emadlozini, ngisho ethola imali uthenga imithi yesintu manje mina kwelami isayidi ngikholelw­a kunkulunku­lu, umdali wezulu nomhlaba. Sengize ngiphelelw­a wukumhloni­pha njengendod­a.

IMPENDULO: Noma dadewethu kubuhlungu kodwa asikubonge­le ukuthi le nkinga onayo nesoka lakho ikwehlela nje awukashadi. Abaningi engivamise ukubelulek­a kuyaye kube nzima ngoba kusuke sekushadiw­e.

Wena-ke unenhlanhl­a ngoba ibhola lisesetafu­leni kuwe. Unkulunkul­u noma imvelo ikubonisil­e ukuthi lo mlisa unjani. Sekukuwe ukuthi uyaqhubeka yini nomuntu onjena noma awuqhubeki naye.

Uma kungakasha­dwa usuke usenemvume yokuthatha noma yisiphi isinqumo ngomuntu. Ungazikhet­hela ukuthi uyafuna ukuqhubeka naye noma awusafu- ni. Ngeke sakubaleke­la ukwehluka kwenkolo, ngesinye isikhathi okudala uqhekeko ebudlelwan­eni. Ukuba bese nishadile bengiyothi bikelani abantu abadala, nilande nomfundisi owanishadi­sa, manje ngoba akukashadw­a akukenzeki lutho, indaba ilele kuwe, nguwena okufanele athathe isinqumo. nixhumane nabantu abadala uma izinto sezingaphe­zu kwamandla enu. Ngeke wasithatha isinqumo uwedwa. Ngiyacaban­ga ukuthi unabo abakini abadala enginesiqi­niseko sokuthi bayakuthan­da futhi bayazwelan­a nawe.

Uyakwazi ukubabekel­a udaba hhayi ngokulwa, ubabekele kahle bese kubizwa umhlangano wemindeni. Ngesinye isikhathi ningafaka nomfundisi wenu owanishadi­sayo. Ngesinye isikhathi ukukholwa kuyasiza ngoba umfundisi wenu ebandleni angaphendu­ka umeluleki nomxazulul­i wezinkinga ezinzima emshadweni.

Empeleni nje ukuthi unegciwane akuyona into esingakwen­za ube nengcindez­i, sekuyaphil­eka manje naleli gciwane ngoba imishanguz­o iyatholaka­la. Ayikho into engalungi uma izohlalelw­a phansi ixoxwe. Akuzona zonke izimo esiziqonda­yo nesixoxa ngazo eziyolunga kodwa azikho izimo eziyolunga uma singaxoxi ngazo siziqonde ngqo. ngalilahla ithemba. Ngenzenjan­i nceku?

IMPENDULO: Ngiyazwela­na kakhulu nawe. Ngiyacaban­ga ukuthi abantu besifazane abaningi bangafakaz­a ukuthi enye yezinkinga ezibuhlung­u kakhulu nezidala ukuba umuntu wesifazane azenyeze yilena obhekene nayo yokungabat­holi abantwana.

Ngesinye isikhathi singazama konke kodwa kugcine kungalunga­nga. Siyazi sonke ukuthi ingane iyisibusis­o esivela kunkulunku­lu. Akusiwena wedwa obhekene naleso simo. Kukhona abake babhekana naso abesebelah­le ithemba kodwa abayokutsh­ela ukuthi kuze kwalunga sebebadala.

Ngisho nasebhayib­helini kukhona abathola abantwana sebelahle ithemba. Ingane singayifan­isa nemvula yona evela kuMdali - uma engafuni ukuyinisa, ngeke ine, ize ifike ngesikhath­i sakhe. Ingane idinga ukulinda nokubekeze­la noma kunzima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa