Igebe leminyaka lezithandani lidala ukukhuluma
INDABA yeminyaka yobudala ayiyona into encane ebudlelwaneni bezothando. Kuningi nje ukukhuluma okuqubukayo lapho kusuke kubonakala ukuthi kunegebe elithe xaxa eminyakeni yababili abathandanayo.
Abanye baze baphawule bathi “hhawu, kodwa usibanibani umfunani nje ugogo ongaka” noma kuthiwe “lesi salukazi siqinela ingane nje.”
Yingakho phela kuze kwasunguleka amagama o-ben 10, sugar daddy, sugar mama njll. Abanye baze basho nokuthi “ingani usibanibani unemali. Lo mfana ufuna ukuzidlela imali nje.”
Indaba ayipheleli nje kuphela kwabahlebayo kodwa ngesinye isikhathi ize ifike ngisho emindenini - uthole ukuthi kubo komfana abamthokozeli umakoti uma kubonakala ukuthi ukhulile kunomfana. Kwesinye isikhathi kugcine kuqubuke ingxabano, kube noqhekeko emndenini ngoba umfana usuke ezithandela umuntu wakhe, engenandana neminyaka.
Abanye bagcina bedube imindeni yabo, bahambe bajubalale nezithandwa zabo bayozihlalela lapho bengeke bahlushwe muntu khona.
Konke lokhu-ke kuhlala kushiya umbuzo wokuthi ngempela iminyaka ibalulekile yini ebudlelwaneni, nokuthi ibaluleke ngani vele. Abanye baze bakale ukuthi akufanele nje izithandani zishiyane ngeminyaka ethile - kuvamisile ukuba kuthiwe owesilisa kufanele abe ngaphezulu kowesifazane ngeminyaka kodwa bangashiyani kakhulu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule kuke kwaqubuka ukukhuluma ngesikhathi kuqokwa umengameli wasefrance, umnu Emmanuel Macron, oneminyaka engama-40. Ukukhuluma kususwe Omunye ungoti oyi-psychotherapist, udkt Tina B Tessina, ephawula ephephabhukwini imen's Health uthi uma nizwana, nixhumana kahle ngendlela efanele, nikwazi ukuxazulula izinkinga enibhekana nazo ebudlelwaneni benu, futhi nithandana - indaba yeminyaka ayithi shu. Uqhuba athi uma abanye abantu benenkinga ngeminyaka yenu, bayekeni kube yinkinga eyidokwe labo lelo.
Kulo leli phephabhuku, omunye ungoti udkt Jane Green, uthi empeleni igebe elikhulu eminyakeni yezithandani liyinto enhle ngesinye isikhathi. Uthi lokhu kunika ithuba lokuba lo omncane ngeminyaka alethe umfutho namandla ebudlelwaneni, bese kuthi lo okhulile alethe ubuhlakani nesipiliyoni.
bhekin@ilanganews.co.za