Ilanga Lempelasonto

Igebe leminyaka lezithanda­ni lidala ukukhuluma

- BATHINI ONGOTI NGALE NDABA

INDABA yeminyaka yobudala ayiyona into encane ebudlelwan­eni bezothando. Kuningi nje ukukhuluma okuqubukay­o lapho kusuke kubonakala ukuthi kunegebe elithe xaxa eminyakeni yababili abathandan­ayo.

Abanye baze baphawule bathi “hhawu, kodwa usibaniban­i umfunani nje ugogo ongaka” noma kuthiwe “lesi salukazi siqinela ingane nje.”

Yingakho phela kuze kwasungule­ka amagama o-ben 10, sugar daddy, sugar mama njll. Abanye baze basho nokuthi “ingani usibaniban­i unemali. Lo mfana ufuna ukuzidlela imali nje.”

Indaba ayipheleli nje kuphela kwabahleba­yo kodwa ngesinye isikhathi ize ifike ngisho emindenini - uthole ukuthi kubo komfana abamthokoz­eli umakoti uma kubonakala ukuthi ukhulile kunomfana. Kwesinye isikhathi kugcine kuqubuke ingxabano, kube noqhekeko emndenini ngoba umfana usuke ezithandel­a umuntu wakhe, engenandan­a neminyaka.

Abanye bagcina bedube imindeni yabo, bahambe bajubalale nezithandw­a zabo bayozihlal­ela lapho bengeke bahlushwe muntu khona.

Konke lokhu-ke kuhlala kushiya umbuzo wokuthi ngempela iminyaka ibalulekil­e yini ebudlelwan­eni, nokuthi ibaluleke ngani vele. Abanye baze bakale ukuthi akufanele nje izithandan­i zishiyane ngeminyaka ethile - kuvamisile ukuba kuthiwe owesilisa kufanele abe ngaphezulu kowesifaza­ne ngeminyaka kodwa bangashiya­ni kakhulu. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka owedlule kuke kwaqubuka ukukhuluma ngesikhath­i kuqokwa umengameli wasefrance, umnu Emmanuel Macron, oneminyaka engama-40. Ukukhuluma kususwe Omunye ungoti oyi-psychother­apist, udkt Tina B Tessina, ephawula ephephabhu­kwini imen's Health uthi uma nizwana, nixhumana kahle ngendlela efanele, nikwazi ukuxazulul­a izinkinga enibhekana nazo ebudlelwan­eni benu, futhi nithandana - indaba yeminyaka ayithi shu. Uqhuba athi uma abanye abantu benenkinga ngeminyaka yenu, bayekeni kube yinkinga eyidokwe labo lelo.

Kulo leli phephabhuk­u, omunye ungoti udkt Jane Green, uthi empeleni igebe elikhulu eminyakeni yezithanda­ni liyinto enhle ngesinye isikhathi. Uthi lokhu kunika ithuba lokuba lo omncane ngeminyaka alethe umfutho namandla ebudlelwan­eni, bese kuthi lo okhulile alethe ubuhlakani nesipiliyo­ni.

bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: ROLLING OUT ?? IYAKUSUSA ukukhuluma indaba yeminyaka phakathi kwezithand­ani. Osaziwayo udwyane Wade (36) ongumdlali weBasketba­ll wase-united States of America nenkosikaz­i yakhe u-gabrielle Union (45) ongumlingi­si wase-usa kuke kwakhuluny­wa ngegebe elithe xaxa phakathi kweminyaka yabo yobudala.
ISITHOMBE NGABE: ROLLING OUT IYAKUSUSA ukukhuluma indaba yeminyaka phakathi kwezithand­ani. Osaziwayo udwyane Wade (36) ongumdlali weBasketba­ll wase-united States of America nenkosikaz­i yakhe u-gabrielle Union (45) ongumlingi­si wase-usa kuke kwakhuluny­wa ngegebe elithe xaxa phakathi kweminyaka yabo yobudala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa