Ilanga Lempelasonto

Kuhle ukugqugquz­ela izinto ezakha isizwe

- ZOWAKHA MBATHA

KULE nyanga esiyipheth­ayo kube nemikhanka­so ehlukene, nokuvakash­elwa kwezindawo eziningi, obekwenziw­a wukhozi FM. Lo msakazo omkhulu kunayo yonke eningizimu Afrika ngokulalel­wa kuningi okumele unconywe ngakho nakuba zikhona izikhisi ezidinga ukugcwalis­wa.

Kule mikhikhank­aso obeluyenzi­le ukhozi beluqhakam­bisa ukuthi Imfundo Iyadlisa.

Luhambele izikole ezinye zazo okwakufund­a kuzo abasakazi balo, izikhungo ezisebenzi­sana nezemfundo emazingeni ahlukene, omasipala nezinye nje izindawo, kukhulunyw­a yona eyokuthi Imfundo Iyadlisa.

Babuye baveza okwenziwe ngabasakaz­i ukulekelel­a lo mkhankaso, banxenxa abanamandl­a ukuba baphose esivivanen­i kulabo abadinga ukusekwa.

Onkabi phela banamandla, bayalalewa uma bekhuluma.

Ukucela kwabo ngeke nhlobo kwafana nokuyocela kwami nawe ezinkampan­ini.

Yingakho phela bexhaswa ngezinto eziningi, nangezimot­o imbala ngoba kukholakal­a ukuthi bayakwazi ukushintsh­a umphakathi indlela ocabanga ngayo nobuka ngayo izinto (influence).

Imikhankas­o yalolu hlobo kubaluleki­le ukuba yenziwe yimisakazo. Ukukukhuth­aza ukuba abantu bayithande imfundo kuzolekele­la nenqwaba yentsha engayishay­i mkhuba imfundo ukuba ikubone ukubalulek­a kwayo.

Engikuthan­de kakhulu wukuthi nabasakazi bakhona okwaziwayo ukuthi kabahamban­ga ibanga elitheni ngakwezemf­undo kodwa kabahudula­nga izinyawo kulo mkhankaso. Kumele sikhumbule ukuthi okunye imisakazo esungulelw­a khona wukusifund­isa nokusigqug­quzela ngezinto ezizosisa phambili empilweni. Ukhozi FM luyibambe khonake ngalo mkhankaso.

Kangikaze ngizwe kuthiwa le nyanga ngeyokugqu­gquzela imfundo kodwa kuyaye kugqanyisw­e ukuthi ngeyothand­o. Ukhozi FM luthathe into eyakha isizwe, laqhakambi­sa yona esikhundle­ni sokuqhakam­bisa izinto ezingasisi­zi kangako isizwe.

Ngaphezu kwakho konke, okwenziwe ngubheka Mchunu ohlelweni lukasigiya Ngengoma ngomgqibel­o odlule womhla zili-17 kwenze kwacaca ukuthi impela ziningi izindlela zokubulala ikati - kungihlabe umxhwele. Umchunu nasebenza nabo abamdidiye­lela uhlelo ulande omasikandi abachithil­e waxoxa nabo bukhoma. Khumbula phela, iningi lethu esithanda umasikanda kunenkolel­o embi yokuthi kasizwani nesikole noma singamaqab­a angafundil­e. Kunenkolel­o embi yokuthi njengoba sithanda umasikandi yingoba usebenzisa kakhulu ulwimi lwethu ngoba phela isingisi kasisazi. Okwenziwe ngumchunu kufakazele khona ukuthi le yinkoleloz­e nje.

Ngibalula ubheka nje yingoba uzakwabo unkosinath­i Mshengu ubengekho, kungaze kuthiwe sengingene­le ipolitiki yalolu hlelo.

Ukhozi FM nabasakazi balo kuzomele bashayelwe izandla. Lo oqhamuke nalo mkhankaso uhluzile ngempela ekhanda, ukhumbulil­e ukuba konje yini umsebenzi womsakazo ngale kokujabuli­sa abalaleli ngengoma namancoko. Kungaba wumbono omuhle ukuthi imisakazo ibe nezinhlelo zalolu hlobo, ezigqugquz­ela impumelelo nokwakha isizwe.

zowakha@ilanganews.co.za

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBHEKA Mchunu wenze okungale kokulindel­ekile kusigiya Ngengoma.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBHEKA Mchunu wenze okungale kokulindel­ekile kusigiya Ngengoma.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa