Kuhle ukugqugquzela izinto ezakha isizwe
KULE nyanga esiyiphethayo kube nemikhankaso ehlukene, nokuvakashelwa kwezindawo eziningi, obekwenziwa wukhozi FM. Lo msakazo omkhulu kunayo yonke eningizimu Afrika ngokulalelwa kuningi okumele unconywe ngakho nakuba zikhona izikhisi ezidinga ukugcwaliswa.
Kule mikhikhankaso obeluyenzile ukhozi beluqhakambisa ukuthi Imfundo Iyadlisa.
Luhambele izikole ezinye zazo okwakufunda kuzo abasakazi balo, izikhungo ezisebenzisana nezemfundo emazingeni ahlukene, omasipala nezinye nje izindawo, kukhulunywa yona eyokuthi Imfundo Iyadlisa.
Babuye baveza okwenziwe ngabasakazi ukulekelela lo mkhankaso, banxenxa abanamandla ukuba baphose esivivaneni kulabo abadinga ukusekwa.
Onkabi phela banamandla, bayalalewa uma bekhuluma.
Ukucela kwabo ngeke nhlobo kwafana nokuyocela kwami nawe ezinkampanini.
Yingakho phela bexhaswa ngezinto eziningi, nangezimoto imbala ngoba kukholakala ukuthi bayakwazi ukushintsha umphakathi indlela ocabanga ngayo nobuka ngayo izinto (influence).
Imikhankaso yalolu hlobo kubalulekile ukuba yenziwe yimisakazo. Ukukukhuthaza ukuba abantu bayithande imfundo kuzolekelela nenqwaba yentsha engayishayi mkhuba imfundo ukuba ikubone ukubaluleka kwayo.
Engikuthande kakhulu wukuthi nabasakazi bakhona okwaziwayo ukuthi kabahambanga ibanga elitheni ngakwezemfundo kodwa kabahudulanga izinyawo kulo mkhankaso. Kumele sikhumbule ukuthi okunye imisakazo esungulelwa khona wukusifundisa nokusigqugquzela ngezinto ezizosisa phambili empilweni. Ukhozi FM luyibambe khonake ngalo mkhankaso.
Kangikaze ngizwe kuthiwa le nyanga ngeyokugqugquzela imfundo kodwa kuyaye kugqanyiswe ukuthi ngeyothando. Ukhozi FM luthathe into eyakha isizwe, laqhakambisa yona esikhundleni sokuqhakambisa izinto ezingasisizi kangako isizwe.
Ngaphezu kwakho konke, okwenziwe ngubheka Mchunu ohlelweni lukasigiya Ngengoma ngomgqibelo odlule womhla zili-17 kwenze kwacaca ukuthi impela ziningi izindlela zokubulala ikati - kungihlabe umxhwele. Umchunu nasebenza nabo abamdidiyelela uhlelo ulande omasikandi abachithile waxoxa nabo bukhoma. Khumbula phela, iningi lethu esithanda umasikanda kunenkolelo embi yokuthi kasizwani nesikole noma singamaqaba angafundile. Kunenkolelo embi yokuthi njengoba sithanda umasikandi yingoba usebenzisa kakhulu ulwimi lwethu ngoba phela isingisi kasisazi. Okwenziwe ngumchunu kufakazele khona ukuthi le yinkoleloze nje.
Ngibalula ubheka nje yingoba uzakwabo unkosinathi Mshengu ubengekho, kungaze kuthiwe sengingenele ipolitiki yalolu hlelo.
Ukhozi FM nabasakazi balo kuzomele bashayelwe izandla. Lo oqhamuke nalo mkhankaso uhluzile ngempela ekhanda, ukhumbulile ukuba konje yini umsebenzi womsakazo ngale kokujabulisa abalaleli ngengoma namancoko. Kungaba wumbono omuhle ukuthi imisakazo ibe nezinhlelo zalolu hlobo, ezigqugquzela impumelelo nokwakha isizwe.
zowakha@ilanganews.co.za
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za