Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

SIKHUMBUZA abaculi bowokholo ukuthi unkulunkul­u akezwani nabantu abamthatha kancane, abafuna ukumenza umpompi wamanzi wona ofike uwuvule uphuze amanzi bese uyawuvala uwushiye, ubuye mzukwana usuwomile futhi.

Umculo wokholo udinga ukuba ulandele yonke imigudu yezenkolo uze uzuze nogcobo kuthi uma uqala ukuwucula, umuntu azibone esekwelika­pawula izulu lesithathu.

Sithi asibakhumb­uze abaculi abaningi asebenesik­hathi becula lolu hlobo lomculo ukuthi uma benza imikhuba ephambene nento abayiculay­o, basuke bezicekela phansi - ngisho umuntu angaze abe nephimbo elimtoti kangakanan­i.

Abanye bazibona bengaphume­leli baze bacabange ukuthi bayazondwa noma badicilelw­a phansi yizinkampa­ni zabo ezingawusa­balalisi kahle umsebenzi wabo, kanti yindlela abazipheth­e ngayo. Abanye baze bathuke ophrojusa babo bethi abawenzi kahle umsebenzi.

Baningi abaculi abafike bacule kahle, izingoma zabo zidlalwe emisakazwe­ni nakomabona­kude, balindele ukuthi bazothengw­a kodwa kube yibo kanye abavimba abantu ukuba bayothenga umculo wabo ngezenzo zabo ezinjengok­usebenzisa izidakamiz­wa, inhlamba, ubugebengu, njalonjalo.

Abanye abaculi bathi beqeda ukucula kahle, bebusisa abantu ngezwi likankulun­kulu, baphume lapho bayodlonya utshwala, baphafuze ugwayi kumbe insangu, abantu bajabhe nje. Umculo wokholo ufuna umuntu axhumane nojehova ngokujulil­e, azincengel­e kuye amcele ukuba amhole ngoba wumculo wakhe lona.

Sekukhona abaculi okuthi noma kukhona lapho kushonwe khona kumele baye bayoduduza bagoloze ngoba befuna inkokhelo, bakhohlwe wukuthi ukuzinikel­a kuzobanika umvuzo wokuthi kulowo muzi bathole abalandeli abasha.

Nazi ezinye zezinto okumele umculi we-gospel aziqaphele:

Akazihloni­phe noma yikuphi lapho ehamba khona.

Akawaqaphe­le amagama awashoyo emphakathi­ni. Akaliqonde kahle izwi lenkosi. Akabe ngokwaziyo ukuthandaz­a.

Kuhle azijwayeze ukubingele­la ngendlela yabazalwan­e, angadavuzi nje.

Angazikhuk­humezi kodwa akaphakami­se udumo lukajehova.

Uma ebuzwa ngabezinda­ba kumele ayazi into ayishoyo.

Ukunyakaza kwakhe akuqoqeke, angafequzi.

Indlela agqoka ngayo ayehluke kulena okugqoka ngayo abaculi bezinye izinhlobo zomculo.

Uma umculi ekhiphe i-albhamu akazame ukuba okungenani ithole izibusiso kumfundisi wakhe noma esontweni.

Siyethemba abaculi abanezindl­ebe bazolalela, benze, babone nomehluko ekudayiswe­ni komculo wabo njengoba kuzothi uma beyethula i-albhamu yabo emakholwen­i aphawule ngayo, amtshele uma ilalisa ubuthongo, ingazithin­ti izinhliziy­o.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa